"nisuthe"
9 occurrences in ZUL
kusho omunye kini kubo ukuthi : Hambani nibe nokuthula, nifudumale; nisuthe, kepha ningabaphi lokho okudingwa ngumzimba, lokhu kusizani na?
Sengingenile ensimini yami , dadewethu, makoti wami ; ngiyabutha imure lami namakha ami , ngiyadla amakhekheba ami kanye nezinyosi zami , ngiyaphuza iwayini lami kanye nobisi lwami. Abangane: Yidlani, bangane, niphuze, nisuthe ngothando. Ukulangazela komakoti Umakoti:
Ngizwile izinkonono zabantwana bakwa -Israyeli; khuluma kubo , uthi: Ngakusihlwa niyakudla inyama , kusasa nisuthe isinkwa , nize nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.
UMose wathi : Lokhu kuzakwenzeka , lapho uJehova eyakuninika inyama kusihlwa ukuba nidle , nasekuseni isinkwa ukuze nisuthe ; ngokuba uJehova uyezwa izinkonono zenu enikhonona ngaye ng azo; thina siyini? Izinkonono zenu azingathi, zingoJehova.
Niyakudla amanoni nize nisuthe , niphuze igazi nize nidakwe emhlatshelweni wami engiwuhlaba ngenxa yenu.
UJehova waphendula , wathi kubantu bakhe : Bhekani, ngiyakunithumela amabele, newayini, namafutha, nisuthe ngakho , ngingabe ngisanenza inhlamba phakathi kwabezizwe.
Niyakudla nokudla , nisuthe, nilidumise igama likaJehova uNkulunkulu wenu oniphathe ngokumangalisayo; abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.
Izwe liyakuthela izithelo zalo, nidle nisuthe, nihlale kulo nilondekile.
Ukubhula kwenu kuyakufinyelela ekuvunweni kwemivini , ukuvunwa kwemivini kuyakufinyelela esikhathini sokulima ; niyakudla isinkwa senu , nisuthe, nihlale ezweni lakini nilondekile.