Skip to Content

"niyakuba"

31 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 17:9

Uma enamandla okulwa nami , angibulale, siyakuba yizigqila zenu ; kepha uma ngimahlula, ngimbulale, niyakuba yizigqila zethu, nisikhonze.

1 uSamuweli 28:19

Futhi uJehova uyakunikela u -Israyeli kanye nawe esandleni samaFilisti ; kusasa wena namadodana akho niyakuba nami ; uJehova uyakunikela nempi yabakwa-Israyeli esandleni samaFilisti.

NgokukaJohane 16:20

Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini : Niyakukhala nilile nina , kepha izwe liyakujabula; niyakuba lusizi nina, kepha usizi lwenu luyakuphendulwa lube ngukuthokoza.

NgokukaJohane 16:33

Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi . Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.

NgokukaJohane 8:36

Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela.

U-Eksodusi 12:16

Ngosuku lokuqala niyakuba nomhlangano ongcwele , nangosuku lwesikhombisa nibe nomhlangano ongcwele ; kungasetshenzwa ngazo , kuphela okudliwa ngabantu bonke; lokhu kodwa makwenziwe yinina.

U-Eksodusi 19:5

Kalokhu uma nilalela nokulalela izwi lami , nigcine isivumelwano sami , niyakuba yigugu kimi kunazo zonke izizwe , ngokuba umhlaba wonke ungowami,

U-Eksodusi 22:31

Niyakuba ngabantu abangcwele kimi ; ngalokho a niyikudla nyama yesilwane esidweshulwe endle, kepha anoyiphonsa ezinjeni.

U-Isaya 1:30

Ngokuba niyakuba njenge -oki elimaqabunga alo abunile , nanjengensimu engenamanzi.

UHezekeli 45:10

Niyakuba nezilinganiso ezilungileyo , ne-efa elilungileyo , nebhati elilungileyo.

UHezekeli 45:21

Ngenyanga yokuqala , ngosuku lweshumi nane lwenyanga , niyakuba nephasika, umkhosi wezinsuku eziyisikhombisa , kudliwe isinkwa esingenamvubelo.

UJeremiya 12:13

Bahlwanyele ukolweni , bavuna ameva , bakhandlekile bengasizakalanga ; yebo, niyakuba namahloni ngezithelo zen u ngenxa yokufutheka okuvuthayo kukaJehova.

UJeremiya 23:17

Bazinge bethi kwabangidelelayo : UJehova ukhulumile uthi : Niyakuba nokuthula. Kubo bonke abahamba ngenkan i yenhliziyo yabo bathi : Aniyikwehlelwa ngokubi.

UJeremiya 29:7

Funani ukuthula komuzi lapho nginithumbele khona , niwukhulekele kuJehova, ngokuba ekuthuleni kwawo niyakuba nokuthula.

UJeremiya 30:22

Niyakuba ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu.

UJeremiya 4:10

Ngase ngithi: Awu, Nkosi Jehova, ubakhohlisile nokubakhohlisa laba bantu neJerusalema ngokuthi : Niyakuba nokuthula ; nokho inkemba ifinyelele emphefumulweni.

ULevitikusi 19:2

Yisho kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa -Israyeli, uthi kuyo : Niyakuba ngcwele, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wenu ngingcwele.

ULevitikusi 19:36

Niyakuba nezilinganiso ezilungileyo , nezisindo ezilungileyo , ne-efa elilungileyo, nehini elilungileyo ; nginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe.

ULevitikusi 20:26

Niyakuba ngcwele kimi , ngokuba mina Jehova ngingcwele ; nginahlukanisile nabezizwe ukuba nibe ngabami.

ULevitikusi 23:7

Ngosuku lokuqala niyakuba nomhlangano ongcwele, ningasebenzi msebenzi.

ULevitikusi 24:22

Niyakuba nomthetho munye kumfokazi nakowokuzalwa ekhaya ; ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.

UMalaki 3:12

Zonke izizwe ziyakuthi nibusiswe, ngokuba niyakuba yizwe elithokozisayo, usho uJehova Sebawoti. Ukunqoba kolungileyo

UNumeri 15:29

Niyakuba nomthetho munye kowenza kungengamabomu , nakowokuzalwa ekhaya phakathi kwabantwana bakwa -Israyeli nakumfokazi ogogobeleyo phakathi kwabo.

UNumeri 18:2

Nabafowenu, isizwe sakwaLevi , isizwe sikayihlo , sondela nabo ukuba bahlanganiswe nawe , bakukhonze; kepha wena namadodana akho kanye nawe niyakuba ngaphambi kwetende lobufakazi.

UNumeri 28:25

Ngosuku lwesikhombisa niyakuba nomhlangano ongcwele ; ningasebenzi msebenzi.

UNumeri 28:26

Ngosuku lolibo, lapho ninikela ngomnikelo omusha wempuphu kuJehova emkhosini wenu wamasonto, niyakuba nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi,

UNumeri 29:1

Ngenyanga yesikhombisa ngolokuqala lwenyanga niyakuba nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi; kulusuku lokubetha amacilongo kini.

UNumeri 29:12

Ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesikhombisa niyakuba nomhlangano ongcwele ; ningasebenzi msebenzi , nimgcinele uJehova umkhosi izinsuku eziyisikhombisa,

UNumeri 29:35

Ngosuku lwesishiyagalombili niyakuba nomhlangano ozothileyo ; ningasebenzi msebenzi,

UNumeri 29:7

Ngolweshumi lwaleyo nyanga yesikhombisa niyakuba nomhlangano ongcwele, nithobise imiphefumulo yenu; ningasebenzi msebenzi,

UNumeri 9:14

Uma umfokazi egogobele phakathi kwenu , ethanda ukulenza iphasika kuJehova ngokwesimiso sephasika nangokomthetho walo , uyakwenze njalo; niyakuba nesimiso sinye kumfokazi nakowokuzalwa ezweni. Ifu elaliphezu kwetabernakele*