Skip to Content

"niyakudla"

21 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 9:19

USamuweli wamphendula uSawule, wathi: Yimi engingumboni; khuphuka phambi kwam i, uye endaweni ephakemeyo , ngokuba niyakudla nami namuhla; ekuseni ngiyakukumukisa , ngikutshele konke okusenhliziyweni yakho.

2 AmaKhosi 19:29

Lokhu kuyakuba yi sibonakaliso kuwe : Niyakudla ngalo mnyaka okuzikhulelayo, nangomnyaka wesibili isihlabane, nangomnyaka wesithathu hlwanyelani, nivune, nitshale izivini, nidle izithelo zazo.

U-Eksodusi 12:15

Izinsuku eziyisikhombisa niyakudla isinkwa esingenamvubelo ; yebo, ngosuku lokuqala noyikhipha imvubelo ezindlini zenu, ngokuba bonke abadla okuvutshelweyo, kusukela osukwini lokuqa la kuze kufike usuku lwesikhombisa, labo bantu bayakunqunywa kwa-Israyeli.

U-Eksodusi 12:18

Ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa niyakudla isinkwa esingenamvubelo , kuze kufike usuku lwamashumi amabili nanye lwenyanga ngakusihlwa.

U-Eksodusi 16:12

Ngizwile izinkonono zabantwana bakwa -Israyeli; khuluma kubo , uthi: Ngakusihlwa niyakudla inyama , kusasa nisuthe isinkwa , nize nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.

U-Isaya 1:19

Uma nivuma, nilalela, niyakudla okuhle kwezwe;

U-Isaya 37:30

Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuwe : Niyakudla ngalo mnyaka okuzikhulelayo, nangomnyaka wesibili isihlabane , nangomnyaka wesithathu hlwanyelani, nivune, nitshale izivini, nidle izithelo zazo.

U-Isaya 61:6

Kepha nina niyakuthiwa abapristi bakaJehova , niyakubizwa ngokuthi izikhonzi zikaNkulunkulu wethu ; niyakudla imfuyo yezizwe , nizibonge ngodumo lwazo.

UHezekeli 33:25

Ngalokho thana kubo : Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Nidla okunegazi , niphakamisa amehlo enu ezithombeni zenu, nichitha igazi. Pho, niyakudla ifa lezwe na?

UHezekeli 33:26

Niyethemba enkembeni yenu , nenza izinengiso , ningcolisa, kube yilowo nalowo umkamakhelwane wakhe. Pho, niyakudla ifa lezwe na?

UHezekeli 39:18

Niyakudla inyama yamaqhawe , niphuze igazi lez ikhulu zomhlaba , elezinqama, nelamawundlu, nelezimbuzi, nelezinkunzi, ezikhulupheleyo zaseBashani zonke.

UHezekeli 39:19

Niyakudla amanoni nize nisuthe , niphuze igazi nize nidakwe emhlatshelweni wami engiwuhlaba ngenxa yenu.

UJoweli 2:26

Niyakudla nokudla , nisuthe, nilidumise igama likaJehova uNkulunkulu wenu oniphathe ngokumangalisayo; abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.

ULevitikusi 19:25

Ngomnyaka wesihlanu niyakudla kuzo izithelo zayo , ukuze inithelele kakhulu; nginguJehova uNkulunkulu wenu.

ULevitikusi 23:6

Ngosuku lweshumi nanhlanu lwaleyo nyanga kungumkhosi wesinkwa esingenamvubelo kuJehova ; niyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa.

ULevitikusi 25:22

Niyakulima ngomnyaka wesishiyagalombili , nidle izithelo zikanyasa ; uze ufike umnyaka wesishiyagalolunye, kungene izithelo zawo, niyakudla unyasa.

ULevitikusi 26:10

Niyakudla unyasa omdala, nikhiphe unyasa ngenxa yokusha.

ULevitikusi 26:26

Nxa ngaphula uzime lwesinkwa , abesifazane abayishumi bayakupheka isinkwa sakho eziko linye , babuyise isinkwa senu ngesisindo ; niyakudla ningasuthi.

ULevitikusi 26:29

Niyakudla inyama yamadodana enu , nenyama yamadodakazi enu niyakuyidla.

ULevitikusi 26:5

Ukubhula kwenu kuyakufinyelela ekuvunweni kwemivini , ukuvunwa kwemivini kuyakufinyelela esikhathini sokulima ; niyakudla isinkwa senu , nisuthe, nihlale ezweni lakini nilondekile.

UNumeri 11:18

Yisho kubantu ukuthi : Zingcweliseleni olwangakusasa, niyakudla inyama, lokhu nikhalile ezindlebeni zikaJehova ngokuthi : Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle , ngokuba kwakukuhle kithi eGibithe , ngalokho uJehova uyakuninika inyama, nize nidle.