Skip to Content

"niyakwazi"

18 occurrences in ZUL

EkaJakobe 1:19

Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo . Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela;

KwabaseFilipi 2:22

Kepha niyakwazi ukuthembeka kwakhe ukuthi ukhonzile kanye nami ngenxa yevangeli njengomntwana kuyise.

NgokukaJohane 13:12

Esegeze izinyawo zabo wathabatha izingubo zakhe , wabuye wahlala, wathi kubo: Niyakwazi yini engikwenzile kini na?

NgokukaLuka 12:56

Bazenzisi, niyakwazi ukuchachisa ukuma komhlaba nokwezulu; kepha yini ukuba ningachachisi lesi sikhathi na?

NgokukaMathewu 16:3

kuthi kusasa nithi : Namuhla lizakuphendula, ngokuba libhejile, liguqubele. Kanti ukuma kwezulu niyakwazi ukukuchaza, kepha izibonakaliso zezikhathi aniziqondi na?

U-Eksodusi 16:6

OMose no-Aroni bathi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli: Ngakusihlwa niyakwazi ukuthi uJehova unikhiphile ezweni laseGibithe.

U-Isaya 43:19

Bhekani, ngiyakwenza okusha; kuyakuqhamuka manje, angithi niyakwazi na? Yebo, ngiyakwenza indlela ehlane nemifula kwahlongasibi.

UHezekeli 15:7

Ngiyakubhekisa ubuso bami bumelane nabo ; baphumile emlilweni, kepha umlilo uyakubaqeda ; niyakwazi ukuthi nginguJehova , lapho ngibhekisa ubuso bami bumelane nabo.

UHezekeli 20:42

Niyakwazi ukuthi nginguJehova, lapho nginingenisa ezweni lakwa -Israyeli, izwe engaliphakamisela isandla sami ukuba ngilinike oyihlo.

UHezekeli 20:44

Niyakwazi ukuthi nginguJehova , lapho ngisebenza kini ngokwegama lami kungengokwezindlela zenu ezimbi nezenzo zenu ezona keleyo nina ndlu yakwa-Israyeli, isho iNkosi uJehova. Umlilo wasehlathini

UHezekeli 24:24

UHezekeli uyakuba yisibonakaliso kini ; niyakwenza njengakho konk e ukwenza kwakhe ; lapho kufikile lokhu , niyakwazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.

UHezekeli 37:13

Niyakwazi ukuthi nginguJehova , lapho sengiwavulile amathuna enu , nganikhuphula emathuneni enu nina bantu bami.

UHezekeli 6:13

Niyakwazi ukuthi nginguJehova , lapho ababuleweyo babo beyakuba phakathi kwezithombe zabo nxa zonke zama-altare abo kuwo onke amagquma aphakemeyo, nakuzo zonke iziqongo zezintaba , naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, naphansi kwawo onke ama -oki adumbileyo, izindawo lapho bebenikela khona ngephunga elimnandi kuzo zonke izithombe zabo.

UHezekeli 7:4

Iso lami aliyikukuhawukela, ngingabi nabubele ; ngiyakwehlisela izindlela zakho phezu kwakho , izinengiso zakho zibe phakathi kwakho ; niyakwazi ukuthi nginguJehova.

UJoshuwa 3:10

Wathi uJoshuwa : Niyakwazi ngalokhu ukuthi uNkulunkulu ophilayo uphakathi kwenu nokuthi uyakuxosha nokuxosha phambi kwenu amaKhanani, namaHeti, namaHivi, namaPherizi, namaGirigashi, nama- Amori, namaJebusi.

UJoweli 2:27

Niyakwazi ukuthi ngiphakathi kuka -Israyeli nokuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu, akakho omunye ; abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.

UMalaki 2:4

Niyakwazi ukuthi ngithumile kini lo myalo ukuba isivumelwano sami noLevi sime, usho uJehova Sebawoti.

UNumeri 16:28

UMose wathi : Niyakwazi ngalokhu ukuthi uJehova ungithumile ukwenza yonke le misebenzi, ngokuba angiyenzanga ngowami umqondo.