Skip to Content

"niyazi"

29 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 22:3

Inkosi yakwa-Israyeli yathi ezincekwini zayo: Niyazi ukuthi iRamoti Gileyadi lingelethu na? Kepha siyathula, asilikhiphi esandleni senkosi yase-Aramu.

1 kaJohane 2:20

Nina ninokugcotshwa okuvela koNgcwele, niyazi nonke.

1 kaJohane 3:15

Lowo ozonda umzalwane wakhe ungumbulali ; niyazi ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade okuhlezi kuye.

1 kwabaseKorinte 12:2

Niyazi ukuthi nisengabezizwe naholekela kuzo izithombe eziyizimungulu , nakuba naholwa kanjalo.

1 kwabaseThesalonika 2:1

Ngokuba niyazi nina bazalwane ukuthi ukungena kwethu kinina akubanga yize.

1 kwabaseThesalonika 3:3

ukuba kunganyakaziswa muntu ngalezo zinhlupheko ; ngokuba niyazi nina ukuthi simiselwe lokho.

1 kwabaseThesalonika 5:2

ngokuba nina uqobo niyazi kahle ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku.

2 kwabaseThesalonika 3:7

Ngokuba nani niyazi ngokwenu ukuthi kufanele ukuba nisilingise kanjani , ngokuba asihambanga ngokungafanele phakathi kwenu,

AbAhluleli 18:14

Abantu abayisihlanu ababeyile ukuhlola izwe laseLayishi base bephendula, bathi kubafowabo : Niyazi yini ukuthi kukho na kulezi zindlu ingubo yamahlombe, namatherafi, nesithombe esibaziweyo , nesithombe esibunjiweyo na? Ngalokho cabangani manje ukuthi niyakwenzani.

IzEnzo 10:28

Wayesethi: Niyazi ukuthi akuvunyelwe ukuba umuntu ongumJuda ahlangane, ahambelane nowesinye isizwe ; kepha uNkulunkulu ungitshengisile ukuba ngingasho nangoyedwa ukuthi unechilo nokuthi ungcolile.

IzEnzo 15:7

Sebephikisene kakhulu, wasukuma uPetru, wathi kubo: Madoda, bazalwane, niyazi ukuthi sekukade uNkulunkulu wakhetha phakathi kwenu ukuba abezizwe bezwe izwi levangeli ngomlomo wami, bakholwe.

IzEnzo 19:25

waqoqa bona kanye nezisebenzi ezinjalo, wathi: Madoda, niyazi ukuthi kulo msebenzi kuvela ingcebo yethu,

IzEnzo 20:18

Kwathi esefikile kuye, wathi kuwo: Niyazi nina ukuth i kusukela osukwini lokuqala engafika ngalo e-Asiya nganginjani isikhathi sonke nginani,

IzEnzo 20:34

nina niyazi ukuthi lezi zandla zasebenzela izinswelo zami nezababe nami.

KumaHeberu 12:17

Ngokuba niyazi ukuthi , nokuba ngasemuva ethanda ukudla ifa lesibusiso, waliwa, ngokuba akalitholanga ithuba lokuphenduka , noma ekufunisisa ngezinyembezi.

KwabaseFilipi 4:15

Niyazi nani nina baseFilipi ukuthi ekuqaleni kwevangeli ekuphumeni kwami eMakedoniya kwakungekho bandla nelilodwa elahlanganyela nami endabeni yokupha nokwamukela, kuphela nina nodwa,

KwabaseGalathiya 4:13

kepha niyazi ukuthi kwaba ngenxa yobuthakathaka benyama ukuba ngishumayele ivangeli kini okokuqala,

NgokukaJohane 15:18

Uma izwe linizonda, niyazi ukuthi langizonda mina ngaphambi kwenu.

NgokukaJohane 7:28

Ngakho uJesu wamemeza efundisa ethempelini , wathi: Niyangazi, niyazi futhi ukuthi ngivelaphi ; mina-ke angizizelanga , kodwa ongithumileyo uqinisile, eningamaziyo nina.

NgokukaMarku 10:42

UJesu wayesebabiza , wathi kubo : Niyazi ukuthi abathiwa babusa izizwe bazenza amakhosi phezu kwazo , nezikhulu zazo ziphethe amandla phezu kwazo.

NgokukaMarku 13:28

Fundani umfanekiso emkhiwaneni ; nxa igatsha lawo selithamba , lihlume amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze.

NgokukaMathewu 20:25

Kepha uJesu wababiza , wathi: Niyazi ukuthi ababusi bezizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, nezikhulu zazo ziphethe amandla phezu kwazo.

NgokukaMathewu 24:32

Fundani umfanekiso emkhiwaneni ; nxa igatsha lawo selithamba , lihlume amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze.

NgokukaMathewu 26:2

Niyazi ukuthi emva kwezinsuku ezimbili kuyiPhasika ; iNdodana yomuntu izakukhashelwa ukuba ibethelwe esiphambanweni.

U-Eksodusi 23:9

Awuyikumcindezela umfokazi, ngokuba niyazi inhliziyo yomfokazi , lokhu naningabafokazi ezweni laseGibithe.

UDuteronomi 29:16

ngokuba nina niyazi ukuthi sahlala ezweni laseGibithe nokuthi sad lula phakathi kwezizwe enadabula kuzo,

UGenesise 31:6

Niyazi nina ukuthi ngimkhonzile uyihlo ngamandla ami onke.

UGenesise 44:27

Yayisithi kithi inceku yakho ubaba : Niyazi ukuthi umkami wangizalela amadodana amabili.

UJoshuwa 23:14

Bhekani, namuhla ngiyahamba indlela yomhlaba wonke ; niyazi ezinhliziyweni zenu zonke nasemiphefumulweni yenu yonke ukuthi akuphuthanga nento eyodwa kuzo zonke izinto ezinhle azikhuluma uJehova uNkulunkulu wenu ngani; kwenziwa konke kini, akuphuthanga nento eyodwa kukho.