Skip to Content

"njengakho"

70 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 21:26

Wenza isinengiso esikhulu ngokulandela izithombe njengakho konke ukwenza kwama -Amori axoshwa nguJehova ngaphambi kwabantwana bakwa-Israyeli.

1 AmaKhosi 22:53

Wakhonza uBali , wakhuleka kuye , wacunula uJehova , uNkulunkulu ka - Israyeli, njengakho konke akwenzileyo uyise.

1 AmaKhosi 5:10

UHiramu wayesenika uSolomoni imisedari nemisayipuresi njengakho konke ukufuna kwakhe.

1 AmaKhosi 5:6

Ngalokho yaleza ukuba bangigawulele imisedari eLebanoni , izinceku zami zibe nezakho ; ngiyakukunika inkokhelo yezinceku zakho njengakho konke ongakusho, ngokuba wena uyazi ukuthi akukho muntu kithi ongagawula imithi njengamaSidoni.

1 AmaKhosi 8:43

mawuzwe wena ezulwini , indawo yakho yokuhlala , wenze njengakho konke lo wezizwe akhala ngakho kuwe, ukuze bonke abantu bomhlaba bazi igama lakho , bakwesabe wena njengabantu bakho u -Israyeli nokuze bazi ukuthi le ndlu engiyakhileyo ibiziwe ngegama lakho.

1 AmaKhosi 8:56

Makabongwe uJehova onike abantu bakhe u -Israyeli ukuphumula njengakho konke akushiloyo ; akuwanga izwi elilodwa lakho konke ukukhuluma kwakhe okuhle akusho ngesandla sikaMose inceku yakhe.

1 iziKronike 16:40

ukuba banikele njalo ngeminikelo yokushiswa phezu kwe -altare lomnikelo wokushiswa ekuseni nakusihlwa njengakho konke okulotshiweyo emthethweni kaJehova ayala ngawo u-Israyeli,

1 iziKronike 17:20

Jehova, akakho onjengawe , akukho Nkulunkulu ngaphandle kwakho njengakho konke esikuzwileyo ngezindlebe zethu.

1 iziKronike 6:49

Kepha u -Aroni namadodana akhe bashiya iminikelo e -altare leminikelo yokushiswa nase-altare lempepho, benza nawo wonke umsebenzi wendawo engcwelengcwele, benzela u -Israyeli ukubuyisana njengakho konke ayale ngakho uMose inceku kaNkulunkulu.

1 uSamuweli 25:30

Kuyakuthi la pho uJehova esekwenzile enkosini yami njengakho konke okuhle akukhulumileyo ngawe, akubeke ube ngumbusi kwa-Israyeli,

2 AmaKhosi 10:30

UJehova wathi kuJehu: Ngenxa yokuba wenze kahle ngokufeza okulungile emehlweni ami , futhi wenze kuyo indlu ka -Ahabi njengakho konke okwakusenhliziyweni yami, amadodana akho ezizukulwane ezine ayakuhlala esihlalweni sobukhosi sika-Israyeli.

2 AmaKhosi 11:9

Izinduna zamakhulu zenza njengakho konke ukuyala kukaJehoyada umpristi, zathatha, kwaba yileyo naleyo abantu bayo ababeyakungena ngesabatha kanye nababeyakuphuma ngesabatha, zeza kuJehoyada umpristi.

2 AmaKhosi 14:3

Wenza okulungile emehlweni kaJehova , kungenjengoDavide uyise kodwa ; wenza njengakho konke uJowashi uyise akwenzileyo.

2 AmaKhosi 15:3

Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uyise u-Amasiya.

2 AmaKhosi 15:34

Wenza okulungile emehlweni kaJehova , wenza njengakho konke akwenzileyo uyise u-Uziya.

2 AmaKhosi 16:11

U-Uriya, umpristi, wayesakha i -altare: njengakho konke inkosi u-Ahazi ebikuthumile iseDamaseku walenze njalo u -Uriya umpristi , yaze yabuya inkosi u-Ahazi eDamaseku.

2 AmaKhosi 16:16

U-Uriya umpristi wenza njengakho konke inkosi u-Ahazi eyale ngakho.

2 AmaKhosi 18:3

Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uDavide uyise.

2 AmaKhosi 21:8

futhi angisayikuzulisa izinyawo zika-Israyeli, zisuke ezweni engalinika oyise, uma beyakugcina kuphela ukwenza njengakho konke engibayale ngakho nanjengawo wonke umthetho eyabayala ngawo inceku yami uMose.

2 AmaKhosi 22:13

Hambani ningibuzele kuJehova , mina nabantu , naye wonke uJuda ngamazwi ale ncwadi efunyenweyo , ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova esivuthelayo, ngokuba obaba abalalelanga amazwi ale ncwadi ukwenza njengakho konke okulotshiwe ngathi. Umprofethikazi uHulida

2 AmaKhosi 23:32

Wenza okubi emehlweni kaJehova njengakho konke abakwenzileyo oyise.

2 AmaKhosi 23:37

Wenza okubi emehlweni kaJehova njengakho konke abakwenzileyo oyise.

2 AmaKhosi 24:19

Wenza okubi emehlweni ka Jehova njengakho konke akwenzileyo uJehoyakimi.

2 AmaKhosi 24:3

Impela kwaba khona lokho kwaJuda ngezwi likaJehova ukubasusa ebusweni bakhe ngenxa yezono zikaManase njengakho konke akwenzileyo,

2 AmaKhosi 24:9

Wenza okubi emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uyise.

2 iziKronike 23:8

AmaLevi naye wonke uJuda b enza njengakho konke uJehoyada umpristi ayale ngakho , bathatha, kwaba yilowo nalowo abantu bakhe ababeyakungena ngesabatha kanye nababeyakuphuma ngesabatha , ngokuba uJehoyada umpristi akamukisanga izigaba.

2 iziKronike 26:4

Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uyise u-Amasiya.

2 iziKronike 29:2

Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uDavide uyise.

2 iziKronike 34:21

Hambani ningibuzele kuJehova, mina nabaseleyo kwa-Israyeli nakwaJuda ngamazwi encwadi efunyenweyo , ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova ethululelwe phezu kwethu , ngokuba obaba abaligcinanga izwi likaJehova ukwenza njengakho konke okulotshiweyo kule ncwadi. Umprofethikazi uHulida

2 iziKronike 6:33

mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, wenze njengakho konke lo wezizwe akhala ngakho kuwe , ukuze bonke abantu bomhlaba bazi igama lakho, bakwesabe wena njengabantu bakho u -Israyeli, nokuze bazi ukuthi le ndlu engiyakhileyo ibiziwe ngegama lakho.

2 iziKronike 7:17

Wena-ke, uma uyakuhamba phambi kwami njen gokuhamba kukaDavide uyihlo, wenze njengakho konke engikuyale ngakho , ugcine izimiso zami nezahlulelo zami,

2 uSamuweli 7:22

Ngalokho umkhulu , Nkosi Jehova , ngokuba akakho onjengawe , akukho uNkulunkulu ngaphandle kwakho njengakho konke esikuzwileyo ngezindlebe zethu.

2 uSamuweli 9:11

USiba wathi enkosini : Njengakho konke inkosi yami , inkosi, eyale ngakho inceku yayo, iyakwenze njalo inceku yakho. UMefibosheti uyakudla etafuleni lenkosi njengenye yamadodana enkosi.

AbAhluleli 8:35

Abenzanga umusa kuyo indlu kaJerubali onguGideyoni njengakho konke okuhle ayekwenzile ku-Israyeli.

U-Eksodusi 25:9

Njengakho konke engikutshengisa khona njengesifanekiso setabernakele nangesifanekiso sempahla yonke yalo, anoyenza njalo-ke. Umphongolo wesivumelwano

U-Eksodusi 29:35

Uyakwenze njalo ku-Aroni nakumadodana akhe , njengakho konke engikuyale ngakho; ukwahlukanisela kuyakuba yizinsuku eziyisikhombisa.

U-Eksodusi 31:11

namafutha okugcoba, nempepho yamakha athaphukayo yendawo engcwele, yebo, zenze njengakho konke engikuyale ngakho. Umyalelo wesabatha

U-Eksodusi 36:1

OBesaleli no -Oholiyabe bayakusebenza nabo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo, uJehova abeke kubo ukuhlakanipha nokuqonda ukuba bazi ukwenza yonke imisebenzi yenkonzo yendlu e ngcwele njengakho konke uJehova akuyalileyo.

U-Eksodusi 39:32

Njalo-ke kwaqedwa wonke umsebenzi wetabernakele letende lokuhlangana; abantwana benza njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose ; benze njalo-ke.

U-Eksodusi 39:42

Njengakho konke uJehov a amyale ngakho uMose , benze njalo abantwana bakwa-Israyeli wonke umsebenzi.

U-Eksodusi 40:16

Wenze njalo uMose ; njengakho konke uJehova amyale ngakho , wenze njalo-ke.

U-Esteri 3:12

Kwase kubizwa abalobi benkosi nge nyanga yokuqala ngosuku lweshumi nantathu lwayo , kwalotshwa njengakho konke uHamani ayala angakho othulasizwe benkosi , nababusi ababephethe izifunda ngezifunda , nezikhulu zezizwe ngezizwe , izifunda ngezifunda njengokubhala kwazo , nezizwe ngezizwe njengolim i lwazo ; kwalotshwa egameni lenkosi u -Ahashiveroshi, kwanamathiselwa ngendandatho yenkosi.

U-Esteri 8:9

Abalobi benkosi babizwa ngaleso sikhathi ngenyanga yesithathu, eyinyanga kaSivani, ngolwamashumi amabili nantathu lwayo ; kwalotshwa njengakho konke uMoridekayi ayala ngakho abaJuda , nawothulasizwe, nababusi, nezikhulu zezifunda , kusukela e -Indiya kuze kufike eKushe , izifunda eziyikhulu namashumi amabili nesikhombisa , izifunda ngezifunda njengokubhala kwazo , nezizwe ngezizwe njengolimi lwazo , nabaJuda njengokubhala kwabo nanjengolimi lwabo.

UDuteronomi 18:16

njengakho konke owakufisa kuJehova uNkulunkulu wakho eHorebe ngosuku lomhlangano ngokuthi : M angingabe ngisalizwa izwi likaJehova uNkulunkulu wami , ngingabe ngisawubona lomlilo omkhulu futhi , funa ngife.

UDuteronomi 1:3

Kwathi ngomnyaka wamashumi amane ngenyanga yeshumi nanye ngolokuqala lwenyanga uMose wakhuluma kubantwana bakwa -Israyeli njengakho konke uJehova amyale ngakho ukuba akukhulume kubo,

UDuteronomi 1:30

UJehova uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyakunilwela njengakho konke anenzela khona eGibithe emehlweni enu,

UDuteronomi 1:41

Nase niphendula , nithi kimi : S onile kuJehova ; siyakukhuphuka silwe njengakho konke asiyala ngakho uJehova uNkulunkulu wethu . Nabhincisa, kwaba yilowo nalowo izikhali zakhe zokulwa ; kwase kuba lula kini ukuba nikhuphukele entabeni.

UDuteronomi 24:8

Xwaya esifweni sochoko ukuba uqaphelisise , wenze njengakho konke abapristi bamaLevi abayakukufundisa khona ; njengokubayala kwami anoqaphela ukwenze njalo.

UDuteronomi 26:14

Angikudlanga ekulileni kwami , angisusanga lutho ngingcolile , anginikelanga ngakho kofileyo; ngilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wami, ngenzile njengakho konke ongiyale ngakho.

UDuteronomi 30:2

ubuyele kuJehova uNkulunkulu wakho, ulilalele izwi lakhe njengakho konke engikuyala ngakho namuhla, wena nabantwana bakho, ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho,

UDuteronomi 4:34

UNkulunkulu wake walinga yini ukuhamba eyozithabathela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangempi, nangesandla esinamandla , nangengalo eyeluliweyo , nangengebhe enkulu njengakho konke uJeho va uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibithe phambi kwamehlo enu, na?

UHezekeli 24:24

UHezekeli uyakuba yisibonakaliso kini ; niyakwenza njengakho konk e ukwenza kwakhe ; lapho kufikile lokhu , niyakwazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.

UJeremiya 11:4

engayala ngawo oyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe , isithando sensimbi, ngokuthi: Zwanini izwi lami , nilenze njengakho konke enginiyala ngakho, nibe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu,

UJeremiya 35:10

Kepha sihlale ematendeni , salalela, senza njengakho konke uJonadaba ubaba asiyala ngakho.

UJeremiya 36:8

UBaruki indodana kaNeriya wenza njengakho konke uJeremiya umprofethi amyala ngakho, efunda encwadini amazwi kaJehova endlini kaJehova.

UJeremiya 50:29

Bizani abacibishelayo , balwe neBabele , bonke abansala umnsalo , nimise nxazonke zalo, lingabi nophunyukayo, niliphindisele njengezenzo zalo, nenze kulo njengakho konke elikwenzileyo, ngokuba lizikhukhumezile kuJehova , oNgcwele ka-Israyeli.

UJeremiya 52:2

Wenza okubi emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uJehoyakimi.

UJoshuwa 10:32

uJehova wanikela iLakishi esandleni sakwa -Israyeli, walithatha ngosuku lwesibili, walichitha ngosiko lwenkemba kanye nabo bonke ababekulo njengakho konke abekwenzile kulo iLibina.

UJoshuwa 10:35

Balithatha ngalolo suku , balichitha ngosiko lwenkemba ; nabo bonke ababekulo wabaqothula ngalolo suku njengakho konke abekwenzile kulo iLakishi.

UJoshuwa 10:37

Balithatha, balichitha ngosiko lwenkemba kanye nenkosi yalo , nayo yonke imizi yalo , nabo bonke ababekulo ; akashiyanga noyedwa owasalayo njengakho konke abekwenzile kulo i -Egiloni, waliqothula nabo bonke abakulo.

UJoshuwa 11:23

Wathatha-ke uJoshuwa izwe lonke njengakho konke uJehova abekukhulumile kuMose ; uJoshuwa walinika u -Israyeli libe yifa lakhe ngokwezabelo zabo nezizwe zabo. Izwe lase liphumula ekulweni.

UJoshuwa 1:8

Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho, kepha wozindla ngayo imini nobusuku ukuba uqaphele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo, ngokuba lapho uyakuhlahlamelisa indlela yakho, uphumelele kahle.

UJoshuwa 21:44

UJehova wabanika ukuphumula nxazonke njengakho konke ayekufungile koyise; kwakungekho muntu kuzo zonke izitha zabo owema phambi kwabo ; uJehova wanikela zonke izitha zabo esandleni sabo.

UJoshuwa 8:34

Ngasemuva wafunda onke amazwi omthetho , isibusiso nesiqalekiso , njengakho konke okulotshiwe encwadini yomthetho.

UNumeri 29:40

UMose wabatshela abantwana bakwa -Israyeli njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose.

UNumeri 2:34

Benze njalo -ke abantwana bakwa -Israyeli: njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose , kanjalo bamisa ngasemabhaneleni abo , kanjalo basuka, kwaba yilowo nalowo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise.

UNumeri 30:2

Nxa umuntu enza isithembiso kuJehova, noma efunga isifungo ukubopha umphefumulo wakhe ngesibopho esithile , akayikwaphula izwi lakhe ; uyakwenza njengakho konke okuphuma emlonyeni wakhe.

UNumeri 8:20

Benze njalo-ke oMose no-Aroni nayo yonke inhlangano yabantwana bakwa- Israyeli kumaLevi ; njengakho konke uJehova amyala ngakho uMose ngamaLevi, benze njalo kuwo abantwana bakwa-Israyeli.

UNumeri 9:5

Balenza-ke iphasika ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa ehlane laseSinayi ; njengakho konke uJehova amyala ngakho uMose, benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli.

URuthe 3:6

Wehlela esibuyeni, wenza njengakho konke amyale ngakho uninazala.