Skip to Content

"njengemiyalo"

4 occurrences in ZUL

2 iziKronike 8:13

njengokudingekayo imihla ngemihla , enikela njengemiyalo kaMose ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga , nangemikhosi emisiweyo , kathathu ngomnyaka: ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo.

UDuteronomi 31:5

UJehova uyakuzinikela phambi kwenu , nenze kuzo njengemiyalo yonke enginiyale ngayo.

UNehemiya 12:24

Izinhloko zamaLevi nazi : oHashabiya, noSherebiya, noJeshuwa, indodana kaKadimiyeli, kanye nabafowabo malungana nabo, ukuba badumise, babonge njengemiyalo kaDavide, umuntu kaNkulunkulu, isigaba malungana nesigaba.

UNehemiya 12:45

Bagcina imfanelo kaNkulunkulu wabo nemfanelo yokuhlambulula kanye nabahlabeleli nabalindisango njengemiyalo kaDavide noSolomoni indodana yakhe.