Skip to Content

"nokufutheka"

9 occurrences in ZUL

AmaHubo 78:49

Waphonsa kubo ukuvutha kwentukuthelo yakhe , nolaka, nokufutheka, nokuhlupheka, ngokuthuma izithunywa zobubi.

U-Isaya 63:5

Ngabheka, kepha kwakungekho osizayo ; ngamangala, kepha kwakungekho osekelayo; yayisingisindisa ingalo yami, nokufutheka kwami kwangisekela.

UDaniyeli 9:16

Nkosi, ngakho konke ukulunga kwakho mawubuyise intukuthelo yakho nokufutheka kwakho emzini wa seJerusalema, intaba yakho engcwele, ngokuba ngenxa yezono zethu nangobubi bawobaba iJerusalema nabantu bakho sebe yihlazo kubo bonke abasizungezayo.

UHabakuki 2:15

Wo komphuzisa umngane wakhe , axube nokufutheka , amdakise, ukuze abuke ubunqunu bakhe!

UHezekeli 25:14

Ngiyakubeka impindiselo yami phezu kuka -Edomi ngesandla sabantu bami u-Israyeli, benze kwa-Edomi njengentukuthelo yami nokufutheka kwami, bazi impindiselo yami, isho iNkosi uJehova.

UJeremiya 32:31

Ngokuba lo muzi uvuse intukuthelo yam i nokufutheka kwami , kusukela osukwini abawakha ngalo kuze kube namuhla , ukuba ngiwususe ebusweni bami,

UJeremiya 36:7

Mhlawumbe ukunxusa kwabo kuyakufika phambi kukaJehova, babuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi , ngokuba inkulu intukuthel o nokufutheka akukhulumileyo uJehova ngalaba bantu.

UJeremiya 42:18

Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Njengalokhu intukuthelo yami nokufutheka kwami kuthululelwe phezu kwabakhileyo eJerusalema , kanjalo ukufutheka kwami kuyakuthululelwa phezu kwenu , nxa nin gena eGibithe , nibe yisithuko , nesimangaliso nesiqalekiso, nehlazo, ningabe nisayibona le ndawo.

UJeremiya 7:20

Ngalokho isho njalo iNkosi uNkulunkulu , ithi: Bheka, intukuthelo yami nokufutheka kwami kuyakuthululwa kule ndawo phezu kwabantu , naphezu kwezinkomo, naphezu kwemithi yasendle , naphezu kwezithelo zomhlaba , kuvuthe kungacimi.