Skip to Content

"nokujabula"

9 occurrences in ZUL

EkaJakobe 4:9

Yibani lusizi , nidabuke, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukudabuka, nokujabula kube ngukujabha.

KwabaseGalathiya 5:22

Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka,

NgokukaLuka 1:14

Uzakuba nokujabula nokuthokoza wena ; nabaningi bazakujabul a ngokuzalwa kwakhe.

U-Esteri 8:16

AbaJuda base benakho ukukhanya, nokuthokoza, nokujabula, nodumo.

U-Esteri 8:17

Ezifundeni zonke nasemizini yonke lapho kufika khona izwi lenkosi nomthetho wayo , abaJuda babe nokuthokoza nokujabula , nedili, nosuku oluhle. Abezizwe abaningi baphenduka abaJuda , ngokuba babehlelwe yingebhe ngabaJuda.

U-Isaya 16:10

Ukuthokoza kususiwe kanye nokujabula ensimini ; nasezivinini akuhlatshelelwa, akujatshulwa; abanyathelayo abalinyatheli iwayini ezikhamweni; ngenze ukuba kuphele ukumemeza.

UJeremiya 48:33

Ukuthokoza nokujabula kususiw e ensimini nasezweni lakwaMowabi ; ngenze ukuba kuphele iwayini ezikhamweni ; akusayikunyathelwa ngokujabula, ukumemeza akuseyikho ukumemeza.

UZakariya 9:9

Thokoza kakhulu , ndodakazi yaseSiyoni ; jabula nokujabula , ndodakazi yaseJerusalema; bheka, iNkosi yakho iza kuwe , ilungile, inensindiso, ithobekile, ikhwele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.

UmShumayeli 8:15

Ngase ngibabaza intokozo , ngokuba umuntu a kanakho okuhle phansi kwelanga kunokudla , nokuphuza, nokujabula; lokhu kuyakuhlala kuye emshikashikeni wakhe ezinsukwini zokuphila kwakhe aziphiweyo nguNkulunkulu phansi kwelanga.