Skip to Content

"nokuqonda"

25 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 3:12

bheka, ngenzile njengezwi lakho : nakhu, ngikunika inhliziyo enokuhlakanipha nokuqonda , okungazange kube khona okunjengakho ngaphambi kwakho nokungayikuvela futhi okunjengakho nangasemva kwakho.

1 iziKronike 22:12

Kuphela, uJehova makakuphe ukuhlakanipha nokuqonda , akuyale ngo - Israyeli ukuba ugcine umthetho kaJehova uNkulunkulu wakho.

1 kuThimothewu 2:15

kepha uyakusindiswa ngokuzala abantwana , uma behlala ekukholweni nasothandweni nasebungcweleni kanye nokuqonda.

1 kuThimothewu 2:9

Ngokunjalo nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bazihlobise ngokuhlonipha nokuqonda , kungabi ngezinwele ezalukiweyo , nangegolide, nangamaparele, nangezambatho ezinemali eningi,

1 kwabaseKorinte 1:19

Ngokuba kulotsh iwe ukuthi : Ngiyakuchitha ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo, nokuqonda kwabaqondileyo ngikwenze ize.

IzAga 23:1

Lapho uhlezi ekudleni nombusi, qonda nokuqonda ophambi kwakho,

IzAga 23:23

Thenga iqiniso , ungathengisi ng alo, nokuhlakanipha, nokulaywa, nokuqonda.

IzAga 2:6

Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha ; emlonyeni wakh e kuphuma ukwazi nokuqonda.

IzAga 8:1

Ukuhlakanipha akumemezi yini, nokuqonda akukhiphi izwi lakho na?

Kwabase-Efesu 1:8

awuvamisa kithi ngakho konke ukuhlakanipha nokuqonda,

KwabaseFilipi 3:15

Ngakho-ke thina sonke esiphelele masibe nokuqonda okunjalo; kepha uma kokuthile niqonda ngokunye, nalokho uNkulunkulu uyakunambulela khona,

KwabaseFilipi 4:2

Ngiyamyala u-Evodiya, ngiyamyala noSintike ukuba babe nokuqonda kunye eNkosini.

KwabaseKolose 1:9

Ngalokho nathi , kusukela osukwini esezwa ngalo , asiyeki ukunikhulekela nokuninxusela ukuba nigcwaliswe ngokwazi intando yakhe ngokuhlakanipha konke nokuqonda okungomoya,

KwabaseRoma 15:5

Kepha uNkulunkulu wokubekezela nowenduduzo makaniphe nibe nokuqonda kunye phakathi kwenu ngokukaKristu Jesu,

U-Eksodusi 36:1

OBesaleli no -Oholiyabe bayakusebenza nabo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo, uJehova abeke kubo ukuhlakanipha nokuqonda ukuba bazi ukwenza yonke imisebenzi yenkonzo yendlu e ngcwele njengakho konke uJehova akuyalileyo.

U-Isaya 29:14

ngalokho ngiyakubuy e ngenzele laba bantu izenzo ezimangalisayo , izimangaliso impela; ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo babo kuyakuphela, nokuqonda kwabaqondileyo babo kuyakusitheka.

U-Isaya 40:28

Awazi yini ? Awuzwanga na ? UJehova unguNkulunkulu ongunaphakade; udalile imikhawulo yomhlaba ; akapheli amandla , akakhathali, nokuqonda kwakhe akunakuphenywa.

U-Isaya 44:19

Akakho okhumbulayo , nokwazi nokuqonda akukho kokuba kuthiwe : Ngishisile inxenye yawo ngomlilo , ngenzile isinkwa phezu kwamala hle awo, ngosile inyama , ngayidla; ngingenza okuseleyo kuwo kube yisinengiso , ngikhothamele umbhuku womuthi, na?

U-Obadiya 1:8

Angithi ngiyakuchitha abahlakaniphileyo kwa -Edomi ngalolo suku , usho uJehova, nokuqonda entabeni yakwa-Esawu, na?

UDaniyeli 1:17

Laba bafana abane uNkulunkulu wabanika ukwazi nokuqonda encwadini nasekuhlakanipheni; uDaniyeli wayenengqondo kuyo yonke imibono namaphupho.

UDaniyeli 5:11

Kukhona embusweni wakho umuntu okukuye umoya wawonkulunkulu abangcwele; ezinsukwini zikayihlo kwafunyanwa kuye ukukhanya nokuqonda nokuhlakanipha njengokuhlakanipha kwawonkulunkulu ; inkosi uNebukadinesari, uyihlo yambek a induna yezanusi , neyabathwebulayo, neyamaKaledi, neyabahlola imihlola, yebo, nkosi, uyihlo,

UDaniyeli 5:12

ngokuba kwafunyanwa umoya odluleleyo , nokwazi, nokuqonda ukuchaza amaphupho, nokubonakalisa izimfumbe , nokuthukulula amafindo kuye uDaniyeli lowo inkosi eyambiza ngokuthi uBeliteshasari; kalokhu makabizwe uDaniyeli, uyakubonakalisa incazelo.

UDaniyeli 5:14

Ngizwile ngawe ukuthi umoya wawonkulunkulu ukuwe nokuthi kufunyenwe kuwe ukukhanya nokuqonda nokuhlakanipha okudluleleyo.

UDuteronomi 4:6

Ngalokho manizigcine, nizenze, ngokuba lokhu kungukuhlakanipha kwenu nokuqonda kwenu emehlweni ezizwe eziyakuzizwa zonke lezi zimiso , zithi: Impela lesi sizwe esikhulu singabantu abahlakaniphileyo nabaqondileyo.

UJobe 12:13

Kuyena kukhona ukuhlakanipha namandla; unesu nokuqonda.