Skip to Content

"nokusindiswa"

8 occurrences in ZUL

1 kaPetru 1:5

nina enilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa ukuba nibe nokusindiswa okulungiselwe ukwambulwa ngesikhathi sokugcina;

2 kwabaseKorinte 1:6

Kepha noma sikhathazeka , kungenxa yokududuzwa nokusindiswa kwenu , noma siduduzeka, kungenxa yokududuzwa kwenu okusebenza ukukhuthazela ezinhluphekweni zona lezi esihlupheka ngazo nathi.

AmaHubo 22:1

Nkulunkulu wami , Nkulunkulu wami , ungishiyeleni na ? Ukude namazwi okubububula kwami nokusindiswa kwami.

KumaHeberu 6:9

Kepha siyethemba ngani bathandekayo okuhle kunalokho , ngisho okuqondene nokusindiswa, noma sikhuluma kanje.

U-Isaya 33:2

Jehova, yiba nomusa kithi, sihlalela wena. Yiba yingalo yethu ekuseni njalo, nokusindiswa kwethu ngesikhathi sokuhlupheka.

U-Isaya 59:11

Siyagwavuma sonke njengamabhere, siyalilisela nokulilisela njengamajuba; silindela ukwahlulela, kepha akukho, nokusindiswa, kepha kukude nathi.

U-Isaya 62:1

Ngenxa yeSiyoni angi yikuthula, nangenxa yeJerusalema angiyikuphumula , ukulunga kwalo kungakaphumi njengokukhany a nokusindiswa kwalo njengesibani esivuthayo.

UJobe 5:4

Abantwana baso bakude nokusindiswa , bachotshozwa esangweni ; akakho obophulayo,