Skip to Content

"nokuyize"

10 occurrences in ZUL

U-Isaya 40:17

Zonke izizwe zinjengento engeluth o phambi kwakhe , zibalwa njengokungelutho nokuyize kuye.

U-Isaya 41:29

Bheka, bayize bonke; imisebenzi yabo ayiyinto yalutho, nezithombe zabo ezibunjiweyo zingumoya nokuyize.

UHezekeli 33:28

Ngiyakwenza izwe libe yincithakalo nokuyize, kuphele ukuzidla kwamandla alo; izintaba zakwa-Israyeli ziyakuchithwa ukuze kungabikho odlulayo.

UHezekeli 33:29

Bayakwazi ukuthi nginguJehova , lapho ngenzile izwe libe yincithakalo nokuyize ngenxa yazo zonke izinengiso zabo abazenzileyo.

UHezekeli 35:3

uthi kuyo : Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngimelene nawe ntaba yaseSeyiri; ngiyakwelulela kuwe isandla sami , ngikwenze incithakalo nokuyize.

UHezekeli 35:7

Ngiyakwenza intaba yaseSeyiri ibe y incithakalo nokuyize, nginqume kuyo odlulayo nobuyayo.

UHezekeli 6:14

Ngiyakuselulela kubo isandla sami, ngenze izwe libe yincithakalo nokuyize kunehlane laseDibila kuzo zonke izindawo zabo zokuhlala , bazi ukuthi nginguJehova.

UJeremiya 14:14

Wayesethi uJehova kimi : Abaprofethi baprofetha amanga egameni lami ; angibathumanga, angibayalanga, angikhulumanga kubo; baprofetha imibono yamanga, nokubhula, nokuyize, nenkohliso yenhliziyo yabo.

UJona 2:8

Abagcina okungumoya nokuyize nje bashiya Othembekile kubo.

UmShumayeli 5:7

Ngokuba lapho kukhona amaphupho amaningi, kukhona nokuyize namazwi amaningi, kepha wena yesaba uNkulunkulu.