Skip to Content

"nomhlaba"

71 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 14:15

Kwaba khona ukuthuthumel a ekamu , nasendle, naphakathi kwabantu bonke; ikhanda nabaphangi bathuthumela nabo , nomhlaba wazamazama , kwaze kwaba ngukuthuthumela okukhulu.

2 AmaKhosi 19:15

UHezekiya wakhuleka phambi kukaJehova , wathi: Jehova Nkulunkulu ka- Israyeli ohlezi phezu kwamakherubi , wena un guNkulunkulu, wena wedwa , wemibuso yonke yomhlaba, wena wenzile izulu nomhlaba.

2 iziKronike 2:12

UHiramu wathi futhi : Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli owenza izulu nomhlaba, nowanika uDavide inkosi indodana ehlakaniphileyo, enolwazi nengqondo, eyakwakhela uJehova indlu nendlu yombuso wakhe.

2 kaPetru 3:10

Kepha usuku lweNkosi luyakufika njengesela mhla amazulu eyakudlula ngokuhlokoma; kuyakusha konke, kubhidlike; nomhlaba nemisebenzi yawo kuyakusha.

2 kaPetru 3:13

Kepha siyalindela ngesithembiso sakhe amazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga.

2 kaPetru 3:5

Ngokuba bathanda ukukhohlwa lokhu ukuthi kwaphakade izulu lalikhona kanye nomhlaba owavela emanzini nangawo amanzi , umi ngezwi likaNkulunkulu,

2 kaPetru 3:7

kepha izulu nomhlaba okuk hona manje kubekelelwe umlilo ngalo lona leli zwi, kulindele usuku lokwahlulela nolokubhubha kwabantu abangamesabi uNkulunkulu.

2 uSamuweli 18:9

U-Abisalomu wasuka wahlangana nezinceku zikaDavide . U-Abisalomu wayekhwele umnyuzi wakhe , umnyuzi wangena phansi kwehlozi le -oki, ikhanda lakhe labambelela e -okini, waphakanyiselwa emkhathini wezulu nomhlaba; umnyuzi obuphansi kwakhe wadlula.

AmaHubo 115:15

Manibe ngababusisiweyo bakaJehova owenzile izulu nomhlaba.

AmaHubo 121:2

Usizo lwami luvela kuJehova owenzile izulu nomhlaba.

AmaHubo 124:8

Usizo lwethu lusegameni likaJehova owenzile izulu nomhlaba.

AmaHubo 134:3

UJehova makakubusise eseSiyoni, yena owenzile izulu nomhlaba.

AmaHubo 146:6

owenzile izulu nomhlaba , nolwandle, nakho konke okuphakathi kwakho , ogcina iqiniso kuze kube phakade;

AmaHubo 50:4

Ubiza izulu ngaphezulu kanye nomhlaba ukuba ahlulele isizwe sakhe:

AmaHubo 69:34

Uyakubongwa yizulu nomhlaba, yizilwandle nakho konke okuphila kuzo.

EkaJakobe 5:18

Wabuye wakhuleka; izulu lana imvula, nomhlaba wathela izithelo zawo. Abadukisiweyo

IsAmbulo 10:6

yafunga yena ophilayo kuze kube phakade naphakade , owadala izulu nokukulo, nomhlaba nokukuwo, nolwandle nokukulo, yathi: Akusayikubakho isikhathi,

IsAmbulo 14:7

isho ngezwi elikhulu , ithi: Mesabeni uNkulunkulu , nimnike inkazimulo , ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile ; nikhuleke kuye owenza izulu nomhlaba nolwandle nemithombo yamanzi.

IsAmbulo 18:1

Emva kwalokho ngabona enye ingelosi yehla ezulwini, inamandla amakhulu, nomhlaba wakhanyiswa ngokukhazimula kwayo.

IsAmbulo 20:11

Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso , obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akutholelwanga indawo.

IsAmbulo 21:1

Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha ; ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:14

inadi nesafroni , nomhlanga nokinamona , kanye nemithi yonke yenhlaka, nemure nomhlaba, nawo onke amakha amahle.

IzAga 25:3

Njengezulu ngokuphakama nomhlaba ngokujula , injalo inhliziyo yomuntu ngokuphenywa.

IzAga 30:16

indawo yabafileyo, nesizalo esiyinyumba, nomhlaba ongasuthi ngamanzi , nomlilo ongasho ukuthi: Kwanele!

IzEnzo 14:15

bethi: Madoda, nikwenzelani lokhu na ? Nathi singabantu abanjengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize , niphendukele kuNkulunkulu ophilayo owenza izulu nomhlaba , nolwandle, nakho konke okukukho,

IzEnzo 17:24

UNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo , yena oyiNkosi yezulu nomhlaba, akahlali emathempelini enziwe ngezandla;

IzEnzo 4:24

Bona sebezwile baphakamisa izwi kuNkulunkulu nganhliziyonye , bathi: Somandla, wena owenza izulu , nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho,

IzEnzo 7:49

Izulu liyisihlalo sami sobukhosi , nomhlaba uyisenabelo sezinyawo zami ; ngenjani indlu eniyakungakhela yona, isho iNkosi, noma yiyiphi indawo yami yokuphumula na?

NgokukaJohane 19:39

Kweza noNikodemu owafika kuye kuqala ebusuku , waletha ixube lenhlaka nomhlaba kungathi amalitra ayikhulu.

NgokukaLuka 10:21

Ngasona leso sikhathi wathokoza ngoMoya oNgcwele , wathi: Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba , ngokuba ukufihlile lokho kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwambulela izingane; yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube njalo.

NgokukaLuka 16:17

Kepha kulula ukuba kudlule izulu nomhlaba kunokuba kuwe ibalana elilodwa lomthetho. Ukuhlalisana kwabaganeneyo (Math. 19:3; Mark. 10:1)

NgokukaLuka 21:33

Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.

NgokukaMarku 13:31

Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awayikudlula.

NgokukaMathewu 11:25

Ngalelo hora uJesu wakhuluma wathi : Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda , wakwambulela izingane;

NgokukaMathewu 23:15

Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nihamba ulwandle nomhlaba ukuba nithole nokuba iproselite lilinye , lithi selaba njalo nilenze indodana yesihogo ngokuphindiwe kunani!

NgokukaMathewu 24:35

Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.

NgokukaMathewu 5:18

Ngokuba ngiqinisile ngithi kini : Kuze kudlule izulu nomhlaba , akusoze kwadlula gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke.

U-Eksodusi 20:11

ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova wenza izulu nomhlaba , nolwandle, nakho konke okukukho , waphumula ngosuku lwesikhombisa ; ngalokho uJehova walubusisa usuku lwesabatha, walungcwelisa.

U-Eksodusi 31:17

Liluphawu phakathi kwami nabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade, ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova walenza izul u nomhlaba, kepha ngosuku lwesikhombisa waphumula, waqabuleka.

U-Ezra 5:11

Babuyisela impendulo kithi , bathi: Thina siyizinceku zikaNkulunkulu wezulu nomhlaba, sakha indlu ekade yakhiwa sekudlule iminyaka eminingi, eyakhiwa yinkosi enkulu yakwa-Israyeli, yaqedwa.

U-Isaya 26:19

Kepha abafiley o bakho bayakubuye baphile , izidumbu zabo zivuke . Phaphamani, nijabule nina enihlala othulini , ngokuba amazolo akho angamazolo okukhanya, nomhlaba uyakubakhipha abafileyo.

U-Isaya 37:16

Jehova Sebawoti , Nkulunkulu ka -Israyeli, ohlezi phezu kwamakherubi , wena unguNkulunkulu , wena wedwa , wemibuso yonke yomhlaba , wena wenzile izulu nomhlaba.

U-Isaya 65:16

ukuze kuthi ozibusisa emhlaben i azibusise kuNkulunkulu weqiniso , nofunga emhlabeni , afunge uNkulunkulu weqiniso , ngokuba izinhlupheko zakuqala zikhohlakele nangokuba zisithele emehlweni ami. Izulu elisha nomhlaba omusha

U-Isaya 65:17

Ngokuba bheka, ngiyadala izulu elisha nomhlaba omusha ; izinto zakuqala aziyikukhunjulwa, zingene enhliziyweni.

U-Isaya 66:22

Ngokuba njengokuba izulu elisha nomhlaba omusha engiyakukwenza kuyakuma phambi kwami , usho uJehova , kanjalo kuyakuma inzalo yakho negama lakho.

U-Isaya 6:11

Ngase ngithi : Nkosi, koze kube nini na ? Yathi: Kuze kuchithwe imizi , kungabe kusaba khona ohlala kuyo , nezindlu zingabe zisaba namuntu , nomhlaba uchitheke ube yize,

UDaniyeli 4:10

Yayinje imibono yekhanda lami ngisembhedeni wami : ngabona, bheka, nanko umuthi phakathi nomhlaba, nokuphakama kwawo kwakukukhulu.

UDuteronomi 10:14

Bheka, izulu nezulu lamazulu lingelikaJehova uNkulunkulu wakho , nomhlaba nakho konke okukuwo.

UDuteronomi 26:15

Bheka phansi usezindlini zakho ezingcwele ezulwini, ubusise abantu bakho u-Israyeli nomhlaba osinike wona njengokufunga kwakho kobaba , izwe elivame ubisi nezinyosi.

UDuteronomi 30:19

Ngifakazisa namuhla izulu nomhlaba ngani ukuthi ngibeke phambi kwenu ukuphila nokufa , isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila ukuba niphile, wena nenzalo yakho,

UDuteronomi 31:28

Ngibuthele onke amalunga ezizwe zenu nezinduna zenu ukuba ngikhulume lawa mazwi ezindlebeni zazo, ngifakazise izulu nomhlaba ngazo.

UDuteronomi 4:26

ngifakazisa namuhla izulu nomhlaba ngani ukuthi niyakuphela nokuphela masinyane ezweni eniwela iJordani ukuya kulo ukuba nilidle ; aniyikwandisa izinsuku zenu kulo: niyakuqothulwa nokuqothulwa.

UGenesise 14:19

Wambusisa wathi : U-Abrama makabusiswe nguNkulunkulu oPhezuknke , umdali wezulu nomhlaba.

UGenesise 14:22

Kepha u -Abrama wathi enkosini yaseSodoma : Ngiyaphakamisela isandla sami kuJehova, uNkulunkulu oPhezukonke, umdali wezulu nomhlaba,

UGenesise 1:1

Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.

UGenesise 1:26

UNkulunkulu wathi : Masenze abantu ngomfanekiso wethu , basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle , nezinyoni zezulu , nezinkomo, nomhlaba wonke, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni.

UGenesise 2:1

Kwase kupheleliswa izulu nomhlaba kanye nombuthano wakho wonke.

UGenesise 2:4

Lokhu kungumlando wokudalwa kwezulu nomhlaba ekudalweni kwakho mhla uJehova uNkulunkulu ewenza umhlaba nezulu.

UGenesise 6:13

UNkulunkulu wathi kuNowa : Ukuphela kwenyama yo nke kufikile phambi kwami, ngokuba umhlaba ugcwele ubudlwangudlwangu ngenxa yabantu ; bheka, ngiyakubachitha kanye nomhlaba.

UGenesise 9:13

ngizakumisa uthingo lwami emafwini , lube luphawu lwesivumelwano phakathi kwami nomhlaba.

UHabakuki 3:3

UNkulunkulu uvela eThemani , oNgcwele uphuma entabeni yasePharanu . Sela Udumo lwakhe lusibekela amazulu, nomhlaba ugcwele indumiso yakhe.

UHagayi 1:10

Ngalokho izulu livinjelwe kungabe kusabakho mazolo, nomhlaba uvinjelwe ungabe usaba nazithelo.

UHagayi 2:21

Yisho kuZerubabele umbusi wakwaJuda , uthi: Ngiyakuzamazamisa amazulu nomhlaba,

UHagayi 2:6

Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Kusezakuba yisikhashana nje ngizamazamisa amazulu nomhlaba, nolwandle, nomhlabathi owomileyo,

UJeremiya 10:11

Niyakusho kanje kubo, nithi: Onkulunkulu abangenzanga izulu nomhlaba, labo bayakubhubha emhlabeni nangaphansi kwezulu.

UJeremiya 23:24

Ukhona ongacasha ezindaweni ezisithekileyo ukuze ngingamboni na? usho uJehova. Angithi ngiyagcwalisa izulu nomhlaba na? usho uJehova.

UJeremiya 32:17

E, Nkosi Jehova , bheka, wena wenzile izulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo; akukho lutho olukwahlulayo

UJeremiya 33:25

Usho kanje uJehova , uthi: U ma isivumelwano sami semini nesobusuku singemi, ngingamisanga izimiso zezulu nomhlaba,

UJeremiya 51:48

Bese kuqhumuka izulu nomhlaba, nakho konke okukukho, ngokuhlabelela ngeBabele, ngokuba abachithi bayakumfikel a bevela enyakatho , usho uJehova.

UJoweli 3:16

UJehova uyaduma eseSiyoni , ezwakalise izwi lakhe eseJerusalema ; izulu nomhlaba kuyazamazama , kepha uJehova uyisiphephelo sabantu bakhe , nenqaba yabantwana bakwa-Israyeli.

UZakariya 5:9

Ngase ngiphakamisa ameh lo ami , ngabona; bheka, kwaphuma abesifazane ababili, umoya usemaphikweni abo ; babe namaphiko njengamaphiko kanogolantethe, baliphakamisa i-efa emkhathini wezulu nomhlaba.