Skip to Content

"nomoya"

54 occurrences in ZUL

1 iziKronike 5:26

UNkulunkulu ka -Israyeli wavusa umoya kaPhuli inkosi yase -Asiriya nomoya kaThiligati Philineseri inkosi yase -Asiriya, wabathumba: abakwaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase , wabayisa eHala, naseHabori, naseHara, nasemfuleni iGozani kuze kube namuhla.

1 kaJohane 4:6

Thina singabakaNkulunkulu ; omaziyo uNkulunkulu uyasizwa , ongesiye okaNkulunkulu akasizwa . Ngalokho siyamazi umoya weqiniso nomoya wokuduka. Ukuthanda uNkulunkulu nokuthanda abantu

1 kaJohane 5:6

Nguye lo oweza ngamanzi nangegazi , uJesu Kristu, kungengamanzi odwa kodwa ngamanzi nangegazi ; noMoya ungofakazayo , ngokuba uMoya uyiqiniso.

1 kwabaseKorinte 4:21

Pho, nifunani? Ngize kini ngiphethe induku , noma ngize nginothando nomoya omnene na?

1 kwabaseKorinte 5:4

egameni leNkosi uJesu nihlangane nina nomoya wami kanye namandla eNkosi yethu uJesu,

1 uSamuweli 16:14

UMoya kaJehova wamuka kuSawule , nomoya omubi owavela kuJehova wamzuma.

2 kuThimothewu 4:22

INkosi mayibe nomoya wakho. Umusa mawube nani.

AmaHubo 106:33

Ngokuba baphambana noMoya wakhe; wakhuluma ngamawala ngomlomo wakhe.

AmaHubo 11:6

Unisa izihibe phezu kwababi ; umlilo nesibabule nomoya oshisay o kuyisabelo sendebe yabo.

AmaHubo 135:17

Izindlebe zinazo, kepha azizwa, nomoya awukho emlonyeni wazo.

AmaHubo 144:4

Umuntu ufana nomoya; izinsuku zakhe zinjengethunzi elidlulayo.

AmaHubo 77:6

Ebusuku ngiyakhumbula ukubetha kwami ugubhu , ngizindla enhliziyweni yami; nomoya wami uyahlolisisa.

AmaHubo 83:13

Nkulunkulu wami, benze babe njengezibi ezikhwishizayo , njengamakhoba amuka nomoya.

IzAga 16:18

Ukuzidla kuyandulela ukubhujiswa , nomoya oziqhenyayo wandulela ukuwa.

IzAga 25:14

Njengamafu nomoya ngaphandle kwemvula kodwa, unjalo umuntu ozidumisa ngesipho angasiphiyo.

IzEnzo 13:52

Abafundi bagcwala intokozo noMoya oNgcwele.

IzEnzo 19:12

baze bathatha amaduku nezindwangu emzimbeni wakhe , bazibeka phezu kwabagulayo; zase zisuka kubo izifo, nomoya ababi baphuma.

IzEnzo 27:15

kodwa umkhumbi usududulwa ungasenakubhekana nomoya , sayeka saqhutshwa nje.

IzEnzo 5:32

Thina singofakazi balezo zinto kanye noMoya oNgcwele uNkulunkulu amnikile labo abamlalelayo.

IzEnzo 6:10

kepha babengenamandla okumelana nokuhlakanipha noMoya ayekhuluma ngakho.

IzEnzo 6:5

Leli zwi laba lihle kulo lonke ibandla ; base bekhetha uStefanu , umuntu owayegcwele ukukholwa noMoya oNgcwele , noFiliphu, noProkhoro, noNikanori, noThimoni, noPharmena, noNikolawu, iproselite lase-Antiyokiya,

IzEnzo 7:51

Nina bantamo zilukhuni , abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni , nimelana njalo noMoya oNgcwele; njengoyihlo ninjalo nani.

KuFilemoni 1:25

Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nomoya wenu.

KumaHeberu 10:15

Kepha noMoya oNgcwele uyafakaza kithina , ngokuba emva koku sho kwakhe ukuthi:

KumaHeberu 4:12

Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile , linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya , amalungu nomnkantsha , lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo;

KwabaseFilipi 4:23

Umusa weNkosi uJesu Kristu mawube nomoya wenu.

KwabaseGalathiya 5:17

Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, kepha uMoya ukhanuka okuphambene nenyama ; ngokuba lezi zinto ziyamelana , ukuze ningenzi lokho enikuthandayo.

KwabaseGalathiya 6:18

Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nomoya wenu , bazalwane. Amen.

KwabaseRoma 8:16

Yena lowo Moya ufakaza kanye nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu.

KwabaseRoma 8:26

Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu ; ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo , kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa;

NgokukaLuka 1:47

nomoya wami uyathokoza kuNkulunkulu, uMsindisi wami,

NgokukaLuka 2:25

Bheka, kwakukhona umuntu eJerusalema ogama lakhe linguSimeyoni ; lo muntu wayelungile , emesaba uNkulunkulu , ebhekile induduzo ka -Israyeli; noMoya oNgcwele wayephezu kwakhe.

NgokukaLuka 8:25

Wayesethi kubo : Kuphi ukukholwa kwenu na ? Besaba; bamangala, bathi omunye komunye: Ungubani lo ukuba ayale nomoya namanzi, kumlalele? Ukukhishwa kwamademoni (Math. 8:28; Mark. 5:1-20)

NgokukaMarku 1:10

Wanele ukukhuphuka emanzini , wabona izulu livuleka , noMoya ehlela phezu kwakhe njengejuba.

NgokukaMarku 4:41

Besaba ngokwesaba okukhulu, bathi omunye komunye: Kanti lo ungubani , lokhu nomoya nolwandle kuyamlalela?

NgokukaMarku 7:25

Kwathi masinyane owesifazane ondodakazi yakhe encane i nomoya ongcolileyo esezwile ngaye, weza waziphonsa phansi ngasezinyaweni zakhe.

NgokukaMathewu 12:32

Yilowo nalowo okhuluma izwi elimelene neNdodana yomuntu uyakuthethelelwa; kepha lowo okhu luma elimelene noMoya oNgcwele akayikuthethelelwa nakuleli zwe nakwelizayo.

NgokukaMathewu 8:27

Kepha abantu bamangala , bathi: Unjani lo ukuba nomoya nolwandle kumlalele na? Ukukhishwa kwamademoni (Mark. 5:1; Luk. 8:26)

U-Isaya 28:6

nomoya wokwahlulela kohlezi ekwahluleleni , namandla kubo ababuy isa impi esangweni. Ukonakala kwaseJerusalema

U-Isaya 34:16

Funani encwadini kaJehova, nifunde; ayiyikusilala nento eyodwa kulokhu , ayikho eyakuswela umngane wayo , ngokuba ngumlomo wakhe okuyalezile , nomoya wakhe okuhlanganisile.

U-Isaya 42:5

Usho kanje uNkul unkulu uJehova owadala izulu, waleneka, nowawendlala umhlaba nokuvela kuwo, nowanika abantu abakuwo ukuphefumul a nomoya kwabahamba kuwo, uthi:

U-Isaya 48:16

Sondelani kimi , nizwe lokhu ; angikhulumanga ekusithekeni kwasekuqaleni; kusukela esikhathini sokuba kwenzeke , ngangikhona. Manje uJehova uNkulunkulu ungithumile kanye noMoya wakhe.

UDaniyeli 5:20

Kepha lapho inhliziyo yakhe yaziphakamisa, nomoya wakhe waba lukhuni waze wazidla , wehliswa esihlalweni sakhe sobukhosi , balususa udumo lwakhe kuye;

UHagayi 1:14

UJehova wavuselela umoya kaZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nomoya kaJoshuwa indodana kaJehosadaki , umpristi omkhulu, nomoya wensali yonke y abantu, bafika, benza umsebenzi endlini kaJehova Sebawoti, uNkulunkulu wabo,

UHagayi 2:5

Isithembiso enganinika sona ekuphumeni kwenu eGibithe noMoya wami kuyakuhlala phakathi kwenu; ningesabi.

UHezekeli 13:11

yisho kwabanamekayo ukuthi luyakuwa ; kuyakuwa imvula ekhukhulayo ; nina matshe esichotho niyakuwa, nomoya wesivunguvungu uyakuludabula.

UHezekeli 18:31

Lahlani kini zonke izeqo zenu eneqe ngazo , nizenzele inhliziyo entsha nomoya omusha, ngokuba uyakufelani wena ndlu yakwa-Israyeli na?

UJeremiya 10:14

Bonke abantu bayiziphukuphuku , abanakwazi; bonke abakhandi bajabhiswa nezithombe zabo ezibaziweyo , ngokuba izithombe zabo ezibunjiweyo zingamanga, nomoya awukho kuzo.

UJeremiya 51:17

Bonke abantu bayiziphukuphuku , abanakwazi, bonke abakhandi bajabhiswa nezithombe zabo ezibaziweyo , ngokuba izithombe zabo ezibunjiweyo zingamanga, nomoya awukho kuzo.

UJobe 12:10

Esandleni sakhe ukhona umphefumulo wakho konke okuphilayo , nomoya wenyama yabantu bonke.

UJobe 26:4

Utshelwe ngubani lawo mazwi, nomoya kabani waphuma kuwe, na?

UJobe 27:3

kusekhona ukuphefumula kimi, nomoya kaNkulunkulu usemakhaleni ami,

UNehemiya 9:20

Wabanika nomoya wakho omuhle ukubafundisa; awugodlanga imana lakho emilonyeni yabo, wabanika amanzi ngokoma kwabo.

UmShumayeli 3:21

Ngubani owaziyo ukuthi umoya wamadodana abantu ukhuphukela phezulu, nomoya wezilwane ukuthi wehlela phansi emhlabathini, na?