Skip to Content

"nosamuweli"

9 occurrences in ZUL

1 iziKronike 9:22

Bonke labo ababekhethiwe ukuba babe ngabalindisango babe ngamakhulu amabili neshumi nambili . Babhalwa ngezizukulwane emizaneni yabo , bamiswa ngoDavide noSamuweli umboni ezikhundleni zabo.

1 uSamuweli 11:7

Wathatha izinkabi ezimbili, wazihlahlela, wazithuma emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli ngesandla sezithunywa, ethi: Ongaphumi emva kukaSawule noSamuweli kuyakwenziwa kanjalo kuzo izinkabi zakhe . Ingebhe ngoJehova yehlela phezu kwabantu, baphuma njengomuntu munye.

1 uSamuweli 12:11

UJehova wayesethuma oJerubali , noBedani, noJefta, noSamuweli, wanophula esandleni sezitha zenu nxazonke, nahlala nalondeka.

1 uSamuweli 12:18

USamuweli wayesekhuleka kuJehova; uJehova wathuma ukuduma nemvula ngalolo suku; bonke abantu besaba kakhulu uJehova noSamuweli.

1 uSamuweli 19:18

Wayesebaleka uDavide, waphunyuka, waya kuSamuweli eRama, wamtshela konke uSawule abekwenzile kuye. Yena noSamuweli baya bahlala eNayoti.

1 uSamuweli 9:24

Umpheki waphakamisa umlenze nokwakuphezu kwawo, wawubeka phambi kukaSawule. USamuweli wathi: Nakhu ohlinzekwe ngakho. Kubeke phambi kwakho, udle, ngokuba kugcinelwe wena kuze kufike lesi sikhathi , njengalokho ngit he ngimemile abantu . USawule wayesedla noSamuweli ngalolo suku.

1 uSamuweli 9:26

Bavuka ekuseni ; kwathi kusantwela , uSamuweli wabiza uSawule esophahleni lwendlu, wathi: Vuka ukuba ngikumukise. Wayesevuka uSawule, baphuma bobabili, baya phandle, yena noSamuweli.

KumaHeberu 11:32

Ngisezakuthini futhi na ? Isikhathi kambe sizakungishiya , uma ngibalisa ngoGideyoni, noBaraki, noSamsoni, noJefta, noDavide, noSamuweli nabaprofethi,

UJeremiya 15:1

Wayesethi uJehova kimi: Noma bekumi phambi kwami oMose noSamuweli, inhliziyo yami ibingebe kulaba bantu; balahle ebusweni bami, baphume.