Skip to Content

"nosizi"

19 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 7:28

Kepha-ke uma uganwa , kawoni; nentombi uma igana , kayoni; kepha abanjalo bayakuba nosizi enyameni; kepha mina benginiphephisa.

1 uSamuweli 20:3

UDavide wabuye wafunga , wathi: Uyihlo uyazi kahle ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; uthi: Makangazi lokhu uJonathani, funa abe nosizi. Kepha, kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, kukhona isinyathelo esisodwa nje phakathi kwami nokufa.

2 iziKronike 6:29

bese kuzwakala namuphi umkhuleko nakuphi ukun xusa noma ngumuphi umuntu noma yibo bonke abantu bakho u -Israyeli abayakwazi, kube yilowo nalowo inhlupheko yakhe nosizi lwakhe, elulele izandla zakhe kule ndlu,

AmaHubo 116:3

Izintambo zokufa zangizungeza, nobuhlungu bendawo yabafileyo bangibamba; ngafumana ukuhlupheka nosizi.

AmaHubo 119:143

Ukuhlupheka nosizi kungehlele; imiyalo yakho iyintokozo yami.

AmaHubo 25:18

Bheka ukuhlupheka kwami nosizi lwami, ungithethelele zonke izono zami.

IsiLilo 3:19

Khumbula ukuhlupheka kwami nosizi lwami, umhlonyane nenyongo.

IzAga 1:27

lapho kufika njengesivunguvungu lokho enikwesabayo , nengozi yenu iza njengesikhwishikhwishi, lapho nehlelwa ngukuhlupheka nosizi.

KwabaseRoma 3:16

incithakalo nosizi kusezindleleni zabo,

NgokukaMarku 13:19

Ngokuba lezo z insuku ziyakuba nosizi olungazange lube khona olunjalo kwasekuqaleni kokudalwa akudalayo uNkulunkulu kuze kube manje , nolungasayikuba khona.

NgokukaMarku 14:33

Wathatha oPetru noJakobe noJohane, waqala ukuba novalo nosizi.

NgokukaMathewu 26:37

Wathatha uPetru namadodana amabili kaZebedewu , waqala ukuba nomunyu nosizi.

UHezekeli 23:33

Uyakugcwaliswa ngokudakwa nosizi : ngendebe yesimangaliso neyencithakalo, indebe kadadewenu iSamariya.

UJeremiya 20:18

Ngaphumelani esiswini ukuba ngibone umshikashika nosizi, ukuze izinsuku zami ziphele ngamahloni na?

UJeremiya 31:12

Bayakufika, bahlabelele ngokujabul a ekuphakameni kwaseSiyoni , bagobhozele kukho okuhle kukaJehova , yebo, emabeleni, nasewayinini, nasemafutheni, nakuwo amazinyane e zimvu nawezinkomo , umphefumulo wabo ube njengensimu eniselweyo, bangabe besaba nosizi futhi.

UJeremiya 31:13

Khona intombi iyakuthokoza ekusineni , nezinsizwa nabadala kanyekanye; ngiyakuphendula ukukhala kwab o kube ngukujabula , ngibaduduze, ngibathokozise, bangabe besaba nosizi.

UJeremiya 49:24

IDamaseku selibuthakathaka , liyaphenduka ukuba libaleke ; ingebhe ilibambile, ukudabuka nosizi kulibambile njengowesifazane obelethayo.

UJobe 15:24

Ukuhlupheka nosizi kuyamethusa ; kuyamahlula njengenkosi ezil ungiselele impi,

UNumeri 22:3

UMowabi wayesesaba kakhulu abantu , ngokuba babebaningi ; uMowabi waba nosizi ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli.