Skip to Content

"novalo"

8 occurrences in ZUL

AmaHubo 27:1

UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami ; ngizakwesaba bani na ? UJehova uyinqaba yokuphila kwami; ngizakuba novalo ngobani na?

KumaHeberu 10:2

uma kwakungenjalo , nga ingayekwanga ukunikelwa na ? lokhu phela abakhonzayo sebehlanjululwe kanye babengasayikuba novalo ngezono.

NgokukaMarku 14:33

Wathatha oPetru noJakobe noJohane, waqala ukuba novalo nosizi.

U-Eksodusi 1:12

Kepha ngokubahlupha kwazo kwaba yikhona banda , basabalala; baba novalo ngabantwana bakwa-Israyeli.

U-Ezra 3:3

Balimisa i -altare endaweni yalo , ngokuba babe novalo ngenxa yabantu balawo mazwe , banikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova phezu kwalo , yebo, iminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa.

U-Isaya 8:12

Ningasho ukuthi kuluzungu konk e abakushoyo laba bantu ukuthi kuluzungu, ningesabi abakwesabayo, nibe novalo ngakho.

UDuteronomi 11:25

Akuyikubakho muntu ongema phambi kwenu; uJehova uNkulunkulu wenu uyakubeka ingebhe novalo ngani ezweni lonke eniyakunyathela kulo , njengalokho akhuluma kini.

UJobe 31:34

ngokuba ngesaba isixuku esikhulu , ngaba novalo lokudelelwa ngabomndeni, ngaze ngathula, angaphuma emnyango --