Skip to Content

"obaba"

33 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 8:40

ukuba bakwesabe zonke izinsuku zokuhlala kwabo ezweni owalinika obaba.

1 AmaKhosi 8:53

Ngokuba wena wabahlukanisa nabantu bonke bomhlaba , babe yifa lakho , njengalokho wakhuluma ngesandla sikaMose inceku yakho ekukhipheni obaba eGibithe, Nkosi Jehova.

1 AmaKhosi 8:58

ukuze adonsele izinhliziyo zethu kuye ukuba sihambe ngezindlela zakhe zonke, sigcine imiyalo yakhe , nezimiso zakhe , nezahlulelo zakhe ayala ngakho obaba.

1 iziKronike 29:15

Ngokuba singabafokazi phambi kwakho nezihambi njengabo bonke obaba ; izinsuku zethu emhlabeni zinjengethunzi, nethemba alikho.

1 iziKronike 29:18

Jehova, Nkulunkulu ka -Abrahama noka -Isaka noka -Israyeli, obaba, gcina lokhu njalo ezizindlweni zemicabango yenhliziyo yabantu bakho , uqondisele inhliziyo yabo kuwe,

2 AmaKhosi 22:13

Hambani ningibuzele kuJehova , mina nabantu , naye wonke uJuda ngamazwi ale ncwadi efunyenweyo , ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova esivuthelayo, ngokuba obaba abalalelanga amazwi ale ncwadi ukwenza njengakho konke okulotshiwe ngathi. Umprofethikazi uHulida

2 iziKronike 29:9

Bhekani, obaba bawile ngenkemba , amadodana ethu namadodakazi ethu nawomkethu basekuthunjweni ngenxa yalokho.

2 iziKronike 34:21

Hambani ningibuzele kuJehova, mina nabaseleyo kwa-Israyeli nakwaJuda ngamazwi encwadi efunyenweyo , ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova ethululelwe phezu kwethu , ngokuba obaba abaligcinanga izwi likaJehova ukwenza njengakho konke okulotshiweyo kule ncwadi. Umprofethikazi uHulida

2 iziKronike 6:31

ukuba bakwesabe, bahambe ngezindlela zakho zonke izinsuku zokuhamba kwabo ezweni owalinika obaba.

2 kaPetru 3:4

bethi: Siphi isithembiso sokufika kwakhe na ? Ngokuba kuselokhu obaba balala, konke kumi kunjalo njengakwasekuqaleni kokudalwa.

AbAhluleli 6:13

UGideyoni wathi kuyo : O nkosi yami , uma uJehova enathi , konke lokhu kusehlele ngani na? Ziphi izimangaliso zakhe abasitshela ngazo obaba, bathi: UJehova akasikhuphulanga eGibithe na ? Kepha manje uJehova u silahlile, wasinikela esandleni sakwaMidiyani.

AmaHubo 106:7

Obaba abaqondanga izibonakaliso zakho eGibithe , abakhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa ; bahlubuka ngaselwandle , uLwandle Olubomvu.

AmaHubo 22:4

Obaba bethu babekwethemba; babethemba, wena wabakhulula.

AmaHubo 78:5

Ngokuba wamisa ubufakazi kwaJakobe , wabeka umthetho kwa -Israyeli, ayala ngawo obaba ukuba bafundise abantwana babo,

IsiLilo 5:7

Obaba bona abasekho; thina sithwala ububi babo.

IzEnzo 13:17

UNkulunkulu walesi sizwe sakwa -Israyeli wabakhetha obaba, wabaphakamisa abantu bengabafokazi ezweni laseGibithe ; wabakhipha kulo ngengalo ephakemeyo.

IzEnzo 15:10

Manje-ke nimlingelani uNkulunkulu ngokubeka ijoka entanyeni yabafundi, obaba nathi esasingenamandla okulithwala na?

IzEnzo 26:6

Kepha manje ngimi ngimangalelwe ngenxa yethemba lesithembiso asenzayo uNkulunkulu kubo obaba,

IzEnzo 7:11

Kepha kwafika indlala kulo lonke iGibithe nakwaKhanani , nokuhlupheka okukhulu; obaba kabafumana ukudla.

IzEnzo 7:12

UJakobe esezwile ukuthi kukhona ukudla eGibithe , wathuma obaba ngokokuqala;

IzEnzo 7:19

Yona yasiphatha ngobuqili isizwe sakithi, yabahlupha obaba ngokubalahlisa izingane zabo zingaphili.

IzEnzo 7:39

Kepha obaba abavumanga ukumlalela , kodwa bamhlohloloza, babuyela emuva eGibithe ngezinhliziyo zabo,

IzEnzo 7:45

obaba benoJoshuwa balamukela , balingenisa ezweni lezizwe azixoshayo uNkulunkulu ebusweni bawobaba, kwaze kwaba semihleni kaDavide

U-Ezra 5:12

Kepha ngokuba obaba bese bemthukuthelisile uNkulunkulu wezulu , wabanikela esandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele , umKaledi, owachitha le ndlu, wabamukisa, wabayisa eBabele.

U-Isaya 64:11

Indlu yethu engcwele nemangalisayo , lapho obaba babekudumisa khona , ishisiwe ngomlilo , nazo zonke izindawo zethu ezithandekayo ziphendukile izincithakalo.

UDuteronomi 26:3

Uyakuya kumpristi oyakuba khona ngalezo zinsuku , uthi kuye : Ngiyabika namuhla kuJehova uNkulunkulu wakho ukuthi sengifikile ezweni uJehova alifungela obaba ukusinika lona.

UDuteronomi 6:23

wasikhipha lapho ukuba asingenise ukusinika izwe alifungela obaba.

UGenesise 48:15

Wambusisa uJosefa, wathi: UNkulunkulu abahamba ebusweni bakhe obaba o-Abrahama no-Isaka, uNkulunkulu ongondlile konke ukuhamba kwami kuze kube namuhla,

UJeremiya 16:19

Jehova, mandla ami nenqaba yami , siphephelo sami ngosuku lokuhlupheka, bayakuza kuwe a bezizwe, bevela emajukujukwini omhlaba , bathi: Obaba badlile ifa lamanga kuphela , okuyize, engekho kukho insizakalo.

UJoshuwa 22:28

Sathi-ke: Kuyakuthi lapho besho kanjalo kithi nakuzo izizukulwane zethu ngesikhathi esizayo , sisho ukuthi : Bhekani isifanekiso se -altare likaJehova abalenzayo obaba , lingabi ngeleminikelo yokushiswa nelemihlatshelo ; lingufakazi phakathi kwethu nani.

UMika 7:20

Uyakunika uJakobe ukuth embeka no -Abrahama umus a owakufungela obaba kwasezinsukwini zasendulo.

UNehemiya 9:36

Bheka, siyizinceku namuhla, nezwe owalinika obaba ukuba badle izithelo zalo nokuhle kwalo, bheka, siyizinceku kulo.

UNumeri 20:15

ukuthi obaba behlela eGibithe , sahlala eGibithe isikhathi eside ; abaseGibithe basiphatha kabi thina nawobaba;