Skip to Content

"obukhulu"

27 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 7:47

USolomoni waziyeka zonke izinto zingalinganiswanga ngenxa yobuningi bazo obukhulu kakhulu; nesisindo sethusi sasingenakutholwa.

1 uSamuweli 6:9

Anobona, uma yenyuka ngendlela yasemkhawulweni wayo ukuya eBeti Shemeshi, nguye osenzele lobo bubi obukhulu ; kepha uma kungenjalo , siyakwazi ukuthi akusiso isandla sakhe esisishayileyo; sehlelwa ingozi nje.

2 iziKronike 21:19

Kwathi ekuhambeni kwezinsuku ng esikhathi sokufika ekugcineni kweminyaka emibili , izibilini zakhe zaphuma kuye ngesifo sakhe , wafa ngobuhlungu obukhulu. Abantu bakhe abamshiselanga lutho njengokushiselwa kwawoyise.

2 kwabaseKorinte 4:7

Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba , ukuze ubukhulu b amandla obukhulu kakhulu bube ngobukaNkulunkulu, bungabi ngobuvela kithi.

2 kwabaseKorinte 8:2

ukuthi ekuvivinyweni okukhulu kosizi ukuthokoza kwawo okuvamileyo nobumpofu bawo obukhulu kwenza ukuba avame kakhulu ekup haneni okupheleleyo;

AbAhluleli 4:21

UJayeli umkaHebere wayesethatha isikhonkwane setende, waphatha isando ngesandla, wanyonyobela kuye , wambethela esikhaleni sendlebe ngesikhonkwane, sagqobhoza, saphumela emhlabathini , ngokuba wayelele ubuthongo obukhulu ediniwe; wafa kanjalo.

AmaHubo 145:7

Bayakweneka kakhulu inkumbulo yobuhl e bakho obukhulu , bahube ngokulunga kwakho.

AmaHubo 150:2

Mdumiseni ngenxa yezenzo zakhe zamandla , nimdumise ngenxa yobukho si bakhe obukhulu.

AmaHubo 51:1

Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho ; yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu.

AmaHubo 69:16

Ngiphendule, Jehova, ngokuba umusa wakho ulungile ; uphendukele kimi ngokobubele bakho obukhulu.

KuThithu 3:2

bangahlambalazi muntu , bangabi yizilwi , babe ngabavileyo , bebonakalisa ubumnene obukhulu kubantu bonke.

KumaHeberu 9:10

kodwa yona kanye nokudla nokuphuza nokugeza okuyizinhlobonhlobo iyizimiso zenyama kuphela ezibekiweyo , kuze kufike isikhathi sokupheleliswa kwezinto. Umsebenzi kaKristu wobupristi obukhulu

NgokukaJohane 5:36

Kepha nginabo ubufakazi obukhulu kunobukaJohane , ngokuba imisebenzi uBaba anginike yona ukuba ngiyifeze , yona le misebenzi engiyenzayo , iyangifakazela ukuthi uBaba ungithumile.

U-Isaya 54:7

Umzuzwana omncane ngakushiya , kepha ngobumnene obukhulu ngiyakukubutha.

UDaniyeli 10:9

Ngase ngizwa izwi lamazwi akhe ; lapho ngezwa izwi lamazwi akhe , ngase ngilele ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi.

UDaniyeli 8:18

Esakhuluma nami , ngalala ubuthongo obukhulu , ubuso bami bubheke phansi; kepha wangithinta, wangimisa lapho kade ngimi khona.

UGenesise 15:12

Kwathi ngokushona kwelanga ubuthon go obunzima bamehlela u -Abrama; bheka, washaywa luvalo lobumnyama obukhulu.

UGenesise 19:19

Bheka, inceku yakho ifumene u musa emehlweni akho , ungenzele ububele obukhulu ngokusindisa ukuphila kwami ; kepha mina angikwazi ukubalekela entabeni, funa ububi bungifice, ngife.

UGenesise 3:16

Wathi kowesifazane : Ngizakukubangela ubuhlungu obukhulu ekukhulelweni kwakho; uyakubeletha abantwana ngobuhlungu . Ukunxanela kwakho kuyakuba sendodeni yakho; yona iyakukubusa.

UHoseya 10:15

Kanjalo iBethele liyakwenza kini ngenxa yobubi benu obukhulu ; ekuseni inkosi yakwa-Israyeli iyakunqunywa nokunqunywa.

UHoseya 9:7

Ziyafika izinsuku zokuhanjelwa, izinsuku zempindiselo zisondele; u-Israyeli uyakukwazi. Umprofethi uyakuba njengesiwula , umuntu onomoya ahlanye ngenxa yobuningi bobubi bakho nangobutha obukhulu;

UJoweli 2:2

usuku lobumnyama nolwesigayegaye , usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu, njengokusa kwenekwe ezintabeni , abantu abaningi abanamandl a abangazange babe ngabanjalo kwasendulo , nabangasoze baba ngabanjalo emva kwabo kuze kube naseminyakeni yezizukulwane ngezizukulwane.

UNehemiya 9:25

Bathatha imizi ebiyelweyo nezwe elivundileyo , badla izindlu ezigcwele okuhle konke: imithombo embiweyo, nezivini, neminqumo, nemithi eminingi yokudliwa; badla-ke, basutha, bakhuluphala, benama ngobuhle bakho obukhulu.

UNehemiya 9:35

Abakukhonzanga embusweni wabo , nasebuhleni bakho obukhulu owabanika bona, nasezweni elibanzi nelivundileyo owabapha lona ebusweni babo, ababuyanga emisebenzini yabo emibi.

UZefaniya 1:15

Lolo suku lungusuku lolaka , usuku lokuhlupheka nolosizi , usuku lwencithakalo nolokuyize , usuku lobumnyama nolwesigayegaye , usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu,

UmShumayeli 10:18

Ngobuvila obukhulu indlu iyabola, nangokwenqena kwezandla iyavuza.

UmShumayeli 2:21

Ngokuba kukhona umuntu omshikashika wakhe wenziwe ngokuhlakanipha, nangokwazi, nangekhono, kepha nokho uyakuwunikez a kumuntu ongawushikashikanga kube yisabelo sakhe . Nalokho kuyize nobubi obukhulu.