Skip to Content

"odelela"

6 occurrences in ZUL

1 kuThimothewu 4:12

Makungabikho mun tu odelela ubusha bakho , kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi , nangenkambo, nangothando, nangokukholwa, nangokuhlanzeka.

IzAga 11:12

Odelela umakhelwane wakhe akanakuhlakanipha , kepha umuntu onengqondo uyazithulela.

IzAga 13:13

Odelela izwi uzehlisela ukubhujiswa, kepha owesaba imiyalo uyakuvuzwa.

IzAga 14:21

Odelela umakhelwane wakhe uyona , kepha onomusa kwabampofu ubusisiwe.

U-Isaya 33:15

Yena ohamba ngokulunga , okhuluma ngobuqotho , odelela inzuzo yokucindezela, othintitha izandla zakhe ukuze angamukeli imivuzo , ovala izindlebe zakhe ukuze angezwa nge gazi, ocimeza amehlo akhe ukuze angaboni okubi,

UDuteronomi 27:16

Makaqalekiswe odelela uyise noma unina. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.