Skip to Content

"ogama"

55 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 11:26

UJerobowamu indodana kaNebati wakwa -Efrayimi waseSereda , inceku kaSolomoni, ogama likanina lalinguSeruya, umfelokazi, naye waphakamisela enkosini isandla sakhe.

1 iziKronike 2:26

UJerameli wayenomunye umfazi ogama lakhe lalingu-Athara; wayengunina ka-Onamu.

1 iziKronike 8:29

EGibeyoni kwahlala uyise kaGibeyoni ogama lomkakhe lalinguMahakha;

1 iziKronike 9:35

EGibeyoni kwahlala uyise kaGibeyoni uJehiyeli ogama lomkakhe lalinguMahakha,

1 uSamuweli 17:12

UDavide wayeyindodana yalowo mEfrati waseB etlehema Juda ogama lakhe lalinguJese ; wayenamadodana ayisishiyagalombili ; lowo muntu wayemdala ezinsukwini zikaSawule phakathi kwabantu.

1 uSamuweli 1:1

Kwakukhona umuntu waseRamatayimi Sofimu lasezintabeni zakwa- Efrayimi ogama lakhe lalingu-Elkana indodana kaJerohamu ka-Elihu kaTholu kaSufi wakwa-Efrayimi;

1 uSamuweli 21:7

Kepha umuntu othile wezinceku zikaSawule wayelapho ngalolo suku , ebambekile phambi kukaJehova , ogama lakhe lalingu Dowegi wabakwa - Edomi, omkhulu wabelusi bakaSawule.

1 uSamuweli 22:20

Omunye wamadodana ka -Ahimeleki indodana ka -Ahithubi ogama lakhe lingu-Abiyathara wabaleka, wamlandela uDavide.

1 uSamuweli 9:1

Kwakukhona umuntu wakwaBenjamini ogama lakhe lalinguKishi indodana ka-Abiyeli ka Serori kaBekhorati ka -Afiya, indodana yowakwaBenjamini, iqhawe elinamandla.

2 iziKronike 28:9

Kepha kwakukhona lapho umprofethi kaJehova ogama lakhe lalingu -Odedi; waphuma ukuhlangabeza impi eyayiza eSamariya , wathi kubo : Bhekani, ngokuba uJehova uNkulunkulu wawoyihlo wayethukuthelele uJuda , wabanikela esandleni senu , kepha nin a nibabulele ngokufutha okufinyelele nasezulwini.

2 uSamuweli 13:1

Kwathi emva kwalokho u -Abisalomu indodana kaDavide wayenodadewabo obukekayo ogama lakhe linguTamari ; u-Amnoni indodana kaDavide wamthanda.

2 uSamuweli 13:3

Kepha u -Amnoni wayenomngane ogama lakhe linguJonadaba indodana kaShimeya umfowabo kaDavide ; uJonadaba wayengumuntu onobuqili kakhulu.

2 uSamuweli 16:5

Kwathi lapho inkosi uDavide ifika eBahurimi , bheka, kwaphuma khona umuntu womndeni wendlu kaSawule ogama lakhe linguShimeyi indodana kaGera; waphuma, wahamba ethuka.

2 uSamuweli 17:25

U-Abisalomu wabeka u-Amasa phezu kwempi esikhundleni sikaJowabe. U- Amasa wayeyindodana yomuntu ogama lakhe lalingu -Itira umIsrayeli , owangena ku -Abigali indodakazi kaNahashi , udadewabo kaSeruya unina kaJowabe.

2 uSamuweli 20:1

Kwakukhona umuntu omubi ogama lakhe lalinguSheba indodana kaBikri umBenjamini; wabetha icilongo , wathi: Asinasabelo kuDavide , asinafa endodaneni kaJese; yiyani nonke ematendeni enu, Israyeli.

AbAhluleli 13:2

Kwakukhona umuntu othile waseSora womndeni wakwaDani ogama lakhe lalinguManowa; umkakhe wayeyinyumba engazali.

AbAhluleli 16:4

Kwathi ngasemuva wathanda owesifazane esiGodini saseSoreki ogama lakhe lalinguDelila.

AbAhluleli 17:1

Kwakukhona umuntu wasezintabeni zak wa-Efrayimi ogama lakhe lalinguMika.

AmaHubo 83:18

bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakho lingu Jehova; ungoPhezukonke emhlabeni wonke.

IsAmbulo 13:8

Bayakhuleka kuso b onke abakhileyo emhlabeni , wonke ogama lakhe lingalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo , selokhu kwasekelwa umhlaba.

IzEnzo 11:28

Kwasukuma omunye kubo ogama lakhe lingu -Agabu, wakhomba ngoMoya ukuthi kuzakuba khona indlala enzima ezweni lonke ; yaba khona emihleni kaKlawudiyu.

IzEnzo 13:6

Sebedabule isiqhingi sonke , baze bafika ePhafu , bafumana indoda ethile eyisanusi nomprofethi wamanga, umJuda, ogama lakhe linguBarjesu,

IzEnzo 16:14

Owesifazane othile ogama lakhe linguLidiya , engumthengisi wezibubende, wasemzini waseThiyathira, okhonza uNkulunkulu, walalela, iNkosi yayivula inhliziyo yakhe ukuba aqaphele okwakhulunywa nguPawulu.

IzEnzo 17:34

Kepha amadoda athile anamathela kuye , akholwa; phakathi kwawo kwakukhona noDiyonisiyu wase -Areyophagu, nowesifazane ogama lakhe linguDamari, nabanye kanye nabo.

IzEnzo 18:2

Wafumana khona umJuda oth ile ogama lakhe lingu -Akwila, wasePontu ngokuzalwa, owayesanda kufika ephuma e -Italiya, enoPrisila umkakhe , ngenxa yesimemezelo sikaKlawudiyu sokuba bonke abaJuda bamuke eRoma ; weza kubo;

IzEnzo 18:24

UmJuda othile ogama lakhe lingu -Apholo, wase-Aleksandriya ngokuzalwa, indoda efundileyo nenamandla emibhalweni, wehlela e-Efesu.

IzEnzo 18:7

Wasuka lapho , weza endlini yomuntu ogama lakhe linguThithiyu Justu , okhonza uNkulunkulu; indlu yakhe yayiseceleni kwesinagoge.

IzEnzo 19:24

Ngokuba umuntu othile ogama lakhe linguDemetriyu , umkhandi wesiliva owenza amathempelana esiliva kaDiyana, wazuzisa abakhandi besiliva inzuzo engencane,

IzEnzo 21:10

Kwathi sisahlezi khona izinsuku eziningana , kwehla eJudiya umprofethi ogama lakhe lingu-Agabu;

IzEnzo 5:34

Kwase kusukuma omunye emphakathini , umFarisi ogama lakhe linguGamaliyeli, isazimthetho esitusekayo esizweni sonke , wayala ukuba abantu bakhishwe isikhashana;

IzEnzo 9:11

INkosi yayisithi kuye: Suka uye esitaladini esithiwa Siqondile, ufune endlini kaJuda umuntu ogama lakhe linguSawulu waseTarsu ; ngokuba bh eka, uyakhuleka;

IzEnzo 9:33

Wafumana khona umuntu othile ogama lakhe lingu -Eneya, owayeselele ecansini iminyaka eyisishiyagalombili efe uhlangothi.

IzEnzo 9:36

EJopha kwakukhona umfundikazi othile ogama lakhe linguThabitha , okungukuthi uDorka ngokuhunyushwa ; yena wayenemisebe nzi eminingi emihle nokwabela abampofu izipho.

KumaHeberu 7:2

u-Abrahama wamabela okweshumi kukho konke yena ogama lakhe lithi kuqala ukuhunyushwa kwalo inkosi yokulunga , bese kuba yinkosi yaseSalema, okungukuthi inkosi yokuthula,

NgokukaJohane 4:5

Khona wafika emzini waseSamariya ogama lawo yiSikhari, eduze nesiqinti uJakobe asinika uJosefa indodana yakhe.

NgokukaLuka 1:26

Ngenyanga yesithupha ingelosi uGabriyeli yathunywa nguNkulunkulu emzini waseGalile ogama lawo yiNazaretha,

NgokukaLuka 1:5

Emihleni kaHerode inkosi yaseJudiya kwakukhona umpristi othile ogama lakhe nguZakariya, esigabeni sika-Abiya, nomkakhe engowamadodakazi ka - Aroni, igama lakhe ngu-Elisabethe.

NgokukaLuka 2:25

Bheka, kwakukhona umuntu eJerusalema ogama lakhe linguSimeyoni ; lo muntu wayelungile , emesaba uNkulunkulu , ebhekile induduzo ka -Israyeli; noMoya oNgcwele wayephezu kwakhe.

U-Amose 5:27

Ngiyakunenza ukuba nithunjelwe ngaphesheya kweDamaseku , usho uJehova ogama lakhe linguNkulunkulu Sebawoti.

U-Esteri 2:5

Kwakukhona umuntu womJuda eShushani endlini yenkosi ogama lakhe lalinguMoridekayi kaJayire kaShimeyi kaKishi wakwaBenjamini,

U-Ezra 5:14

Futhi izitsha zegolide nezesiliva zendlu kaNkulunkulu azikhipha uNebukadinesari ethempelini elaliseJerusalema wazingenisa ethempelini laseBabele, zona lezo uKoresi inkosi wazikhipha e thempelini laseBabele , zanikwa omunye ogama lakhe lalinguSheshebasari, owayemenze umbusi;

U-Isaya 57:15

Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu , ohlala kuze kube phakade , ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.

UDaniyeli 10:1

Ngomnyaka wesithathu kaKoresi, inkosi yase Pheresiya, uDaniyeli ogama lakhe labizwa ngokuthi uBeliteshasari wambulelwa izwi ; izwi laliqinisile , lalingukulwa okukhulu; waliqonda izwi, waqonda nombono.

UDaniyeli 2:26

Inkosi yaphendula , yathi kuDaniyeli, ogama lakhe lalinguBeliteshasari : Ungangazisa iphupho engilibonileyo nencazo yalo na?

UDaniyeli 4:19

Khona uDaniyeli ogama lakhe lalinguBeliteshasari wamangala isikhashana , imicabango yakhe ya mesabisa. Inkosi yathatha yathi : Beliteshasari, iphupho nencazo makungakwesabisi . UBeliteshasari waphendula wathi : Nkosi, iphupho malibe kwabakuzondayo, nencazo yalo kuzo izitha zakho.

UDaniyeli 4:8

Kodwa ngasekugcineni kwangena uDaniyeli phambi kwami ogama lakhe linguBeliteshasari njengegama likankulunkulu wami , okuye umoya wawonkulunkulu abangcwele; ngamtshela iphupho, ngathi:

UGenesise 24:29

URebeka wayenomnewabo ogama lakhe linguLabani ; uLabani wagij imela endle kulowo muntu ngasemthonjeni.

UGenesise 25:1

U-Abrahama waphinda wathatha umfazi ogama lakhe linguKetura.

UGenesise 38:1

Kwathi ngaleso sikhathi uJuda was uka kubafowabo, wehla, waya kumuntu wase-Adulamu ogama lakhe linguHira.

UGenesise 38:2

UJuda wabona lapho indodakazi yomuntu waseKhanani ogama lakhe linguShuwa; wayithatha, wangena kuyo.

UGenesise 38:6

UJuda wamthathela u-Eri izibulo lakhe umfazi ogama lakhe linguTamari.

UHezekeli 39:16

Kuyakuba khona futhi nomuzi ogama lawo liyakuba yiHamoni . Bayakuhlambulula kanjalo izwe.

UJeremiya 31:35

Usho kanje uJehova obeka ilanga libe ngukukhanya emini , nezimiso zenyanga nezezinkanyezi zokuba zibe ngukukhanya ebusuku, ovusa ulwandle ukuba kuhlokome amaza alo, ogama lakhe linguJehova Sebawoti, uthi:

UJeremiya 32:18

wena owenza umusa kubo abayizinkulungwane , ophindisela ububi bawoyise esifubeni sabantwana babo emva kwabo , ogama lakho linguNkulunkulu omkhulu oyiqhawe, uJehova Sebawoti,

UJobe 1:1

Kwakukhona umuntu ezweni lase -Uzi ogama lakhe lalinguJobe ; lowo muntu wayengenasici elungile, wayemesaba uNkulunkulu, wabalekela okubi.