Skip to Content

"ogcina"

21 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 8:23

wathi: Jehova Nkulunkulu ka -Israyeli, akakho unkulunkulu onjengawe phezulu ezulwini nasemhlabeni phansi , ogcina isivumelwano nomusa nezinceku zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo,

1 kaJohane 2:5

kepha ogcina izwi lakhe, uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye impela. Ngalokho siyazi ukuthi sikuye;

1 kaJohane 3:24

Ogcina imiyalo yakhe uhlala kuye , naye uqobo uhlala kuye ; siyazi ngalokho ukuthi uhlala kithi ngaye uMoya asinike yena.

2 iziKronike 6:14

ethi: Jehova Nkulunkulu ka -Israyeli, akakho unkulunkulu onjengawe ezulwini noma emhlabeni , ogcina isivumelwano nomusa nezinceku zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo,

AmaHubo 146:6

owenzile izulu nomhlaba , nolwandle, nakho konke okuphakathi kwakho , ogcina iqiniso kuze kube phakade;

AmaHubo 66:9

ogcina umphefumulo wethu ekuphileni , engaluvumeli unyawo lwethu lushelele.

EkaJakobe 2:10

Ngokuba ogcina wonke umthetho kepha akhubeke kowodwa, unecala kuyo yonke.

IsAmbulo 22:7

Bheka, ngiyeza masinyane . Ubusisiwe ogcina amazwi esiprofetho s ale ncwadi.

IzAga 19:16

Ogcina umyalo ulonda umphefumulo wakhe , kepha onganaki izindlela zakhe uyakufa.

IzAga 19:8

Ozuza ukuqonda uthanda umphefumulo wakhe ; ogcina ingqondo uyakufumana okuhle.

IzAga 21:23

Ogcina umlomo wakhe nolimi lwakh e ulonda umphefumulo wakhe ezinsizini.

IzAga 22:5

Ameva nezingibe kusendleleni yabaphambeneyo , kepha ogcina umphefumulo wakhe uyakudedela kude nakho.

IzAga 28:7

Ogcina umthetho uyindodana eqondi leyo, kepha ongumngane weziminzi uhlazisa uyise.

IzAga 29:18

Lapho kungekho mbono khona , abantu bayadlubulunda , kepha ogcina umthetho ubusisiwe.

NgokukaJohane 7:19

UMose kaninikanga yini umthetho na ? Nokho akakho kini ogcina umthetho. Nifunelani ukungibulala na?

U-Isaya 56:2

Ubusisiwe umuntu owenza lokhu, nendodana yomuntu ebambelela kukho , ogcina isabatha engaloni , osibamba isandla sakh e ukuba singenzi nakuphi okubi.

UDaniyeli 9:4

Ngakhuleka kuJehova uNkulunkulu wami , ngavuma ngathi: O Nkosi , Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo , ogcina isivumelwano nomusa kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe,

UDuteronomi 7:9

Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa nabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane,

UNehemiya 1:5

ngathi: Ngiyanxusa, Jehova Nkulunkulu wezulu, wena Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa nabakuthandayo nabagcina imiyalo yakho,

UNehemiya 9:32

Ngalokho, Nkulunkulu wethu , Nkulunkulu omkhulu onamandla owesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa , yonke le nkathazo mayingabi ncane ebusweni bakho esificile thina , namakhosi ethu , nezikhulu zethu , nabapristi bethu, nabaprofethi bethu, nawobaba, nabo bonke abantu bakho , kusukela esikhathini samakhosi ase-Asiriya kuze kube namuhla.

UmShumayeli 8:5

Ogcina umyalo akayikwazi okubi : nenhliziyo yohlakaniphiley o iyakwazi isikhathi nokwahlulela,