Skip to Content

"okhalweni"

24 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 8:19

kepha wena awuyikuyakha indlu , kodwa indodana yakho eyakuphuma okhalweni lwakho yiyona eyakwakhela igama lami indlu.

2 AmaKhosi 1:8

Zathi kuye : Umuntu wayenengubo yoboya, ebhince ibhande lesikhumba okhalweni lwakhe. Wathi: Bekungu-Eliya waseThishibi.

2 iziKronike 6:9

kepha wena awuyikwakha indlu , kodwa indodana yakho eyakuphuma okhalweni lwakho, yiyona eyakwakhela igama lami indlu.

2 uSamuweli 20:8

Besesetsheni elikhulu eliseGibeyoni , u-Amasa wafika ukubahlangabeza . UJowabe wayebhince isambatho sakhe sokulwa ayelokhu esigqoka; kusona lalikhona ibhande elinenkemba emgodleni wayo elaligaxwe okhalweni lwakhe; yawa esehamba.

AbAhluleli 8:30

UGideyoni wayenamadodana angamashumi ayisikhombisa aphuma okhalweni lwakhe, ngokuba wayenabafazi abaningi.

AmaHubo 45:3

Bophela inkemba yakho okhalweni lwakho wena qhawe , kube ngukuphakama kwakho nobukhosi bakho.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 3:8

Onke aphethe i zinkemba, afundile ukulwa ; yilowo nalowo muntu unenkemba yakhe okhalweni lwakhe ngokwesaba ebusuku.

IzAga 31:17

Uyabhinca okhalweni amandla; uyaqinisa izingalo zakhe.

KumaHeberu 7:5

Nalabo bamadodana kaLevi abamukeliswa ubupristi banomyalo wokuthatha okweshumi kubantu ngokomthetho , okungukuthi kubafowabo , ingani baphume okhalweni luka-Abrahama;

NgokukaMarku 1:6

UJohane wayembethe eyoboya bekamela , enoqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe, edla izinkumbi nezinyosi zasendle.

NgokukaMathewu 3:4

Yena uJohane wayenengubo yoboya bekamela noqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe; ukudla kwakhe kwakuyizinkumbi nezinyosi zasendle.

U-Eksodusi 1:5

Bonke abantu abaphuma okhalweni lukaJakobe babe ngabantu abangamashumi ayisikhombisa; uJosefa wayeseGibithe.

U-Eksodusi 28:42

Ubenzele namabhulukwe elineni ukuba kusitshekelwe inyama yobunqunu babo, aqale okhalweni, afike emathangeni;

U-Isaya 20:2

ngaleso sikhathi uJehova wakhuluma ngesandla sika -Isaya indodana ka - Amose, wathi: Hamba uthukulule indwangu yamasaka okhalweni lwakho , ukhumule izicathulo zakho ezinyaweni zakho . Wenze njalo , wahamba ze , akafakanga nazicathulo.

UDaniyeli 10:5

ngaphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, nango umuntu embethe ilineni, ebhince okhalweni igolide elicwengekileyo lase-Ufazi.

UGenesise 35:11

UNkulunkulu wathi kuye: NginguNkulunkulu uSomandla ; mawuzale, wande; isizwe, yebo, ibandla lezizwe liyakuvela kuwe ; amakhosi ayakuphuma okhalweni lwakho;

UGenesise 37:34

UJakobe wayeseklebhula izingubo zakhe , wafaka indwangu yamasaka okhalweni lwakhe, walilela indodana yakhe izinsuku eziningi.

UGenesise 46:26

Bonke abantu abeza noJakobe eGibithe abaphuma okhalweni lwakhe , ngaphandle kwabafazi bamadodana kaJakobe , bonke abantu babe ngamashumi ayisithupha nesithupha.

UHezekeli 23:15

ebhince amabhande okhalweni lwawo , enemishuqulo ebanzi emakhanda , onke ebonakala njengezikhulu ngokwesimo sabaseBabele aba bezelwe ezweni laseKalideya.

UHezekeli 44:18

Bayakuba nezigqoko zelineni emakhanda abo , babe namabhulukwe elineni okhalweni lwabo, bangabhinci okujulukisayo.

UHezekeli 47:4

Wabuye walinganisa inkulungwane , wangidabulisa emanzini , amanzi efinyelela emadolweni . Walinganisa futhi inkulungwane , wangidabulisa, amanzi efinyelela okhalweni.

UHezekeli 8:2

Ngase ngibona , bheka, kwakunjengokubonakala komlilo ; kusukela kokungathi ukhalo kuya phansi kwakungumlilo , kusukela okhalweni kuya phezulu kwakunjengokukhazimula nanjengethusi elimenyezelayo.

UJeremiya 13:11

Ngokuba njengalokhu ibhande linamathela okhalweni lomuntu , kanjalo ngiyinamathelisile kimi yonke indlu yakwa -Israyeli nayo yonke indlu yakwaJuda, usho uJehova , U kuba babe ngabantu bami , negama, nodumo, nendumiso, kepha kabalalelanga. Izimvaba ezaphukileyo

UJobe 15:27

ngokuba wasibekela ubuso bakhe ngamafutha akhe , wenza umvingqi okhalweni lwakhe.