"okulotshiwe"
5 occurrences in ZUL
Hambani ningibuzele kuJehova , mina nabantu , naye wonke uJuda ngamazwi ale ncwadi efunyenweyo , ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova esivuthelayo, ngokuba obaba abalalelanga amazwi ale ncwadi ukwenza njengakho konke okulotshiwe ngathi. Umprofethikazi uHulida
Ngabona abafileyo , abakhulu nabancane , bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; izincwadi zavulwa ; nenye incwadi yavulwa , ngeyokuphila; nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.
futhi uma ekhona osusa utho kuwo amazwi encwadi yalesi siprofetho , uNkulunkulu uyakususa isabelo sakhe emthini wokuphila , nasemzini ongcwele, nakulokhu okulotshiwe kule ncwadi.
Kepha ngiyavuma lokhu kuwe ukuthi ngeNdlela abathi iyihlelo ngiyamkhonza ngokunjalo uNkulunkulu wawobaba , ngikholwa yikho konke okulotshiwe emthethweni nakubaprofethi;
Ngasemuva wafunda onke amazwi omthetho , isibusiso nesiqalekiso , njengakho konke okulotshiwe encwadini yomthetho.