Skip to Content

"okuncane"

16 occurrences in ZUL

AmaHubo 37:16

Okuncane anakho olungileyo kungcono kunemfuyo yababi abaningi.

IzAga 15:16

Okuncane kanye nokumesaba uJehova kungcono kunengcebo eningi kanye nokukhathazeka.

IzAga 16:8

Okuncane kanye nokulunga kungcon o kunenzuzo enkulu kanye nokungalungi.

IzAga 24:33

ubuthongo obuncane, ukozela okuncane, ukusonga izandla kancane kuze kulalwe,

IzAga 6:10

Ubuthongo obuncane, ukozela okuncane, ukusonga izandla kancane kuze kulalwe,

NgokukaLuka 12:28

Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla , ngomuso buphonswe eziko , kakhulu kangakanani uyakunembathisa nina eninokukholwa okuncane.

NgokukaLuka 7:47

Ngenxa yalokho ngithi kuwe : Izono zakhe eziningi zithethelelwe , ngokuba uthandile kakhulu; kepha othethelelwa okuncane uthanda kancane.

NgokukaMathewu 16:8

Kepha ekwazi lokho uJesu wathi : Nina bokukholwa okuncane, yini ukuba niphendulane nodwa ngokuthi kungokuba ningenazinkwa na?

NgokukaMathewu 17:20

Wayesethi kubo : Kungenxa yokukholwa kwenu okuncane . Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa njengembewu yesinaphi, niyakuthi kule ntaba: Suka lapha, uye laphaya, iyakusuka; akukho okuyakunahlula.

NgokukaMathewu 6:30

Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla , ngomuso buphonswe eziko, akayikunembathisa kakhulu nina eninokukholwa okuncane na?

NgokukaMathewu 8:26

Wayesethi kubo: Nesabelani nina bokukholwa okuncane na? Khona wavuka wakhuza umoya nolwandle, kwaba khona ukuthula okukhulu.

U-Eksodusi 16:14

Esenyukile amazolo akade elele khona , bheka, nakho okuthile okuncane okunjengenkwethu, kuncane njengongqoqwane emhlabathini.

UDaniyeli 11:34

Ekuweni kwabo bayakusizwa ngokusizwa okuncane , bese bebambelela kubo abaningi ngokuthopha.

UHagayi 1:9

Nabheka okuningi ; bhekani, kwaphenduka okuncane ; lapho nakuletha ekhaya, ngakuphephetha. Ngani na? usho uJehova Sebawoti. Ngenxa yendlu yami eyize, nina nisagijimela, kube yilowo nalowo endlini yakhe.

UNumeri 11:32

Abantu bavuka lonke lolo suku , nobusuku bonke , nalo lonke usuku olulandelayo, babutha izigwaca ; owabutha okuncane wabutha amahomere ayishumi; bazenekela ngasekamu nxazonke.

UNumeri 22:18

UBileyamu waphendula wathi kuzo izinceku zikaBalaki : Noma uBalaki ebeyakunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, anginakulidlula izwi likaJehova uNkulunkulu wami ukwenza okuncane nokukhulu.