Skip to Content

"okungukuthi"

36 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 8:65

USolomoni wagubha -ke umkhosi ngaleso sikhathi naye wonke u -Israyeli enaye, ibandla elikhulu , kusukela ekuyeni eHamati kuze semfuleni waseGibithe, ngaphambi kukaJehova uNkulunkulu wethu izinsuku eziyisikhombisa nezinsuku eziyisikhombisa, okungukuthi izinsuku eziyishumi nane.

1 iziKronike 13:6

UDavide wenyukela kanye naye wonke u -Israyeli e Bahala, okungukuthi iKiriyati Jeharimi elalingelakwaJuda , ukukhuphula khona umphongolo kaNkulunkulu uJehova ohlezi phezu kwamakherubi , owawubizwa ngegama lakhe.

1 kaPetru 3:20

abakade bengalaleli , lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kubalindele ezinsukwini zikaNowa umkhumbi usakhiwa , abasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi abayisishiyagalombili ngawo amanzi;

1 kaPetru 3:21

enisindiswa ngawo manje nani ngokomfanekiso , okungukuthi ngombhapathizo, kungesikho ukususa insila yenyama kepha ukucela kuNkulunkulu unembeza omuhle, ngokuvuka kukaJesu Kristu

1 kwabaseKorinte 5:1

Kuyezwakala ngempela ukuthi kukhona ubufebe phakathi kwenu , futhi ubufebe bohlobo olungekho ngisho nakwabezizwe, okungukuthi omunye kini uya kumkayise.

IzEnzo 1:19

kwaziwa yibo bonke abakhileyo eJerusalema , yaze yaqanjwa leyo nsimu ngolimi lwakubo ngokuthi i-Akeldama, okungukuthi iNsimu Yegazi.

IzEnzo 4:36

Kwathi uJosefa owathiwa ngabaphostoli uBarnaba , okungukuthi ngokuhunyushwa indodana yenduduzo, umLevi waseKhupro ngokuzalwa,

IzEnzo 9:36

EJopha kwakukhona umfundikazi othile ogama lakhe linguThabitha , okungukuthi uDorka ngokuhunyushwa ; yena wayenemisebe nzi eminingi emihle nokwabela abampofu izipho.

KumaHeberu 10:20

ngendlela asivulela yona , indlela entsha ephilayo , edabula isihenqo , okungukuthi inyama yakhe,

KumaHeberu 11:16

kepha manje balangazelela elihle kunalelo , okungukuthi elasezulwini . Ngalokho uNkulunkulu akanamahloni ngabo ukuba abizwe ngokuthi uNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.

KumaHeberu 13:15

Masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga , okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.

KumaHeberu 7:2

u-Abrahama wamabela okweshumi kukho konke yena ogama lakhe lithi kuqala ukuhunyushwa kwalo inkosi yokulunga , bese kuba yinkosi yaseSalema, okungukuthi inkosi yokuthula,

KumaHeberu 7:5

Nalabo bamadodana kaLevi abamukeliswa ubupristi banomyalo wokuthatha okweshumi kubantu ngokomthetho , okungukuthi kubafowabo , ingani baphume okhalweni luka-Abrahama;

KumaHeberu 9:11

Kepha lokhu uKristu esefikile , engumpristi omkhulu wezinto ezinhle ezizayo, wadabula itabernakele elikhulu neliphelele kunalelo, elingenziwanga ngezandla, okungukuthi elingesilo lalokhu kudalwa,

KwabaseRoma 10:6

Kepha ukulunga okuvela ngokukholwa kusho kuthi : Ungasho enhliziyweni yakho ukuthi: Ngubani ozakwenyukela ezulwini na ? okungukuthi ukwehlisa uKristu,

KwabaseRoma 10:7

nokuba: Ngubani ozakwehlela kwalasha na ? okungukuthi ukukhuphula uKristu kwabafileyo.

KwabaseRoma 10:8

Kepha kuthini na ? Izwi liseduze nawe , emlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho, okungukuthi izwi lokukholwa esilishumayelayo.

KwabaseRoma 1:12

okungukuthi siduduzane kanye nani phakathi kwenu ngokukholwa kwethu okwenu nokwami.

NgokukaJohane 1:38

Khona uJesu waphenduka, wababona belandela, wathi kubo: Nifunani na? Bathi kuye: Rabi, okungukuthi ngokuhunyushwa: Mfundisi, uhlalaphi na?

NgokukaJohane 1:41

yena wafumana kuqala umfowabo uSimoni , wathi kuye : Simfumene uMesiya, okungukuthi ngokuhunyushwa uKristu.

NgokukaJohane 20:16

UJesu wathi kuye: Mariya! Waphenduka, wathi kuye ngesiHeberu: Rabuni, okungukuthi: Mfundisi.

NgokukaMarku 15:22

Ayesemyisa endaweni yaseGolgotha okungukuthi ngokuhunyushwa iNdawo Yekhanda.

NgokukaMarku 15:34

Ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu , wathi: Eloi, Eloi, lama sabaktani ? okungukuthi ngokuh unyushwa: Nkulunkulu wami , Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?

NgokukaMarku 15:42

Kwathi ukuba kuhlwe , ngokuba kwakulusuku lokulungisela okungukuthi olwandulela isabatha,

NgokukaMarku 3:17

noJakobe kaZebedewu , noJohane umfowabo kaJakobe ; laba wabaqamba igama lokuthi oBowanergesi okungukuthi amadodana okuduma;

NgokukaMarku 5:41

Wabamba umntwana ngesandla , wathi kuye: Thalitha, kumi, okungukuthi ngokuhunyushwa: Ntombazana, ngithi kuwe, vuka!

NgokukaMarku 7:11

kepha nina nithi : U ma umuntu ethi kuyise noma kunina : YiKorbana, okungukuthi umnikelo, lokho ongabe usizwa yimi ngakho,

NgokukaMarku 7:2

Sebebonile ukuthi abanye babafundi bakhe badla izinkwa ngezandla ezimbi okungukuthi ezingahlanjiwe --

NgokukaMarku 7:34

wabheka ngasezulwini , wabubula, wathi kuso : Efatha! okungukuthi: Vuleka!

NgokukaMathewu 1:23

Bheka, intombi iyakukhulelwa , izale indodana ; bayakuyiqamba igama lokuthi u-Emanuweli, okungukuthi ngokuhunyushwa uNkulunkulu unathi .

NgokukaMathewu 27:33

Esefikile endaweni ethiwa iGolgotha okungukuthi iNdawo Yekhanda,

NgokukaMathewu 27:46

Kepha ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu , wathi: Eli, Eli, lama sabaktani? okungukuthi: Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?

U-Eksodusi 30:23

Zithabathele amakha amahle, imure eliphumayo lamashekeli angamakhulu ayisihlanu, nokinamona othaphukayo wenxenye yalokho , okungukuthi amakhulu amabili namashumi ayisihlanu , nekalamu elithaphukayo lamakhulu amabili namashumi ayisihlanu,

UGenesise 9:4

Kepha inyama okukuyo umphefumulo wayo , okungukuthi igazi layo , aniyikuyidla.

ULevitikusi 21:2

ngaphandle kwezihlobo ezinyamanye naye , okungukuthi unina , noyise, nendodana yakhe, nendodakazi yakhe, nomfowabo,

UNumeri 1:32

Kubantwana bakwaJosefa , okungukuthi kubantwana bakwa -Efrayimi, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabi li, bonke abangaphuma impi: