"okunjalo"
21 occurrences in ZUL
Kwakumi izingonyama eziyishumi nambili ngalapha nangalapha ezikhwelweni eziyisithupha. Okunjalo akwenziwanga komunye umbuso.
Njengokuba uKristu wahluphek a enyameni , hlomani nani ukuqonda okunjalo, ngokuba ohluphekile enyameni uyekile ukona,
Ngokuba mina ngokwami , noma ngingekho ngomzimba , nokho ngikhona ngomoya, senginqumile ngokungathi ngikhona ngalowo muntu owe nze okunjalo ukuba
Wathi kubantu bakhe: Makube kude nami , Jehova, ukuba ngenze okunjalo kuyo inkosi yami, ogcotshiweyo kaJehova, ngelulele isandla sami kuye, lokhu engogcotshiweyo kaJehova.
Kwakukhona-ke ukuthokoza okukhulu eJerusalema , ngokuba kusukela esikhathini sikaSolomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli, akuzange kube khona okunjalo eJerusalema.
Kwakumi izingonyama eziyishumi nambili ngalapha nangalapha ezikhwelweni eziyisithupha. Okunjalo akwenziwanga komunye umbuso.
Wathi-ke owesifazane: Uqambeleni okunjalo ngabantu bakaNkulunkulu na? Ngokukhuluma leli zwi inkosi injengonecala, lokhu inkosi ingabuyisi oxoshiweyo wayo.
Kwathi bonke abakubonayo bathi: Akuzange kwenziwe okunjalo, akuzange kubonwe kusukela osukwini abantwana bakwa -Israyeli abakhuphuka ngalo ezweni laseGibithe kuze kube namuhla ; zindlani ngalokho , nilulekane, nikhulume.
Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa; kuphakeme, anginakufinyelela kukho.
Kepha manje niyazibonga ngokuzigabisa kwenu ; konke ukuzigabisa okunjalo kubi.
Kwase kuba khona imibani , namazwi, nokuduma, kwaba khona nokuzamazama okukhulu komhlaba okungazange kube khona okunjalo , selokhu kwaba khona abantu emhlabeni , ukuzamazama komhlaba okukhulu kangaka.
nazi ukuthi konke okuhle yilowo nalowo akwenzayo , uzakukwamukela okunjalo eNkosini, noma eyinceku noma engokhululekileyo.
Nani makhosi , yenzani okunjalo kuzo , niyeke ukusongela, nazi ukuthi neyazo neyenu iNkosi isezulwini nokuthi ukukhetha umuntu akukho kuye. Izikhali zamaKristu
Ngakho-ke thina sonke esiphelele masibe nokuqonda okunjalo; kepha uma kokuthile niqonda ngokunye, nalokho uNkulunkulu uyakunambulela khona,
abathi besazi isimiso sokulunga sikaNkulunkulu sokuthi a benza okunjalo bafanele ukufa , abenzi lokho kuphela , kodwa babuye bavumelana nabakwenzayo.
Siyazi ukuthi ukwahlulela kukaNkulunkulu ngokweqiniso kubehlela abenza okunjalo.
Ucabanga lokho yini wena muntu owahlulela abenza okunjalo , ubukwenza nawe, ukuthi uyakubalekela ukwahlulela kukaNkulunkulu na?
Izwi likaNkulunkulu nilenza libe yize ngesiko lenu enilivezileyo ; nokunye okuningi okunjalo niyakwenza.
Ngubani ozwile okunjalo na ? Ngubani obonile okunjengalokhu na ? Izwe lingazalwa ngosuku olulodwa na ? Isizwe singabelethwa kanyekanye na ? Ngokuba iSiyoni lithe lisenemihelo, lazala abantwana balo.
umuntu othinta okunjalo uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe, angazidli izinto ezingcwele, uma engagezi umzimba wakhe ngamanzi.
Kanjalo ngabona ukuthi ababi bembelwa, ababengenile bephuma endaweni engcwele, bababazeka emzini lapho kade benza okunjalo; nalokho kuyize.