Skip to Content

"okusenhliziyweni"

10 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 10:2

Yeza eJerusalema inehele elikhulu kakhulu , namakamela ethwele amakha , negolide eliningi kakhulu, namatshe ayigugu; isifikile kuSolomoni yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni yayo.

1 iziKronike 17:2

UNathani wathi kuDavide : Yenza konke okusenhliziyweni yakho , ngokuba uNkulunkulu unawe.

1 uSamuweli 14:7

Ophethe izikhali zakhe wathi kuye : Yenza konke okusenhliziyweni yakho : hamba, bheka, nginawe njengenhliziyo yakho.

1 uSamuweli 16:7

Kepha uJehova wathi kuSamuweli : Ungabheki isimo sakhe nobude bomzimba wakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uJehova engabuki si okomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.

1 uSamuweli 9:19

USamuweli wamphendula uSawule, wathi: Yimi engingumboni; khuphuka phambi kwam i, uye endaweni ephakemeyo , ngokuba niyakudla nami namuhla; ekuseni ngiyakukumukisa , ngikutshele konke okusenhliziyweni yakho.

2 iziKronike 32:31

Kanjalo namaqondana nezithunywa zezikhulu zaseBabele ezathumela kuye ukubuza ngesibonakaliso esenziwa ezweni uNkulunkulu wamshiya ukumvivinya nje ukuba azi konke okusenhliziyweni yakhe.

2 iziKronike 9:1

Inkosikazi yaseSheba isizwile udumo lukaSolomoni yeza ukumvivinya uSolomoni eJerusalema ngezimfumbe, inehele elikhulu kakhulu, namakamela ethwele amakha , negolide eliningi , namatshe ayigugu ; isifikile kuSolomoni yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni yayo.

2 kwabaseKorinte 5:12

Asizincomi futhi kini , kodwa sininika ithuba lokuzibonga ngathi , ukuze nibe nakho okokuphendula abazibongayo ngokusemehlweni kungesikho okusenhliziyweni.

2 uSamuweli 7:3

UNathani wathi enkosini : Hamba wenze konke okusenhliziyweni yakho , ngokuba uJehova unawe.

UDuteronomi 8:2

Woyikhumbula yonke indlela uJehova uNkulunkulu wakho akuholile ngayo le minyaka engamashumi amane ehlane ukuba akuthobise , akuvivinye, azi okusenhliziyweni yakho, uma ubuyakuyigcina imiyalo yakhe noma qha.