Skip to Content

"okuyize"

29 occurrences in ZUL

1 kaPetru 1:18

nazi ukuthi anihlengwanga ekuhambeni kwenu okuyize enakunikezwa ngawoyihlo ngezinto ezibhubhayo, isiliva negolide,

1 kuThimothewu 1:6

abathe abanye bephaphalazile kulokho , baphambukela ekukhulumeni okuyize,

1 kuThimothewu 6:20

Thimothewu, londa k ahle okubekiweyo kuwe , ugweme ukukhuluma okuyize nokuphikisana kwalokho okuthiwa ukwazi kungesikho,

2 AmaKhosi 17:15

Badelela izimiso zakhe , nesivumelwano sakhe asenzayo nawoy ise, nezixwayiso abaxwayisa ngazo, balandela okuyize, benza okuyize, balandela abezizwe ababebazungeza , uJehova abayale ngabo ukuthi abayikwenza njengabo.

2 kuThimothewu 2:16

Kepha ukukhuluma kwezwe okuyize ukugweme ; ngokuba bayakuqhubekela phambili ekungamesabini uNkulunkulu,

2 kwabaseThesalonika 3:11

Ngokuba sizwa ukuthi abanye phakathi kwenu bahamba ngokungafanele , bengasebenzi lutho, kepha benza okuyize nje;

AmaHubo 119:37

Phendula amehlo ami, angaboni okuyize, ungiphilise endleleni yakho.

AmaHubo 4:2

Madodana abantu , koze kube nini ubukhosi bami budunyazwa na ? Koze kube nini nithanda okuyize, nifuna amanga, na? Sela

IzAga 30:8

Dedisela kude nami okuyize namanga , unganginiki ubumpofu nengcebo , kepha ngiphe isinkwa engisimiselweyo,

IzEnzo 14:15

bethi: Madoda, nikwenzelani lokhu na ? Nathi singabantu abanjengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize , niphendukele kuNkulunkulu ophilayo owenza izulu nomhlaba , nolwandle, nakho konke okukukho,

IzEnzo 4:25

owasho ngoMoya oNgcwele ngomlomo kababa uDavide inceku yakho ukuthi: Kungani ukuba abezizwe baxokozele, nabantu bacebe okuyize, na?

NgokukaLuka 24:11

Kepha lawo mazwi aba n jengokukhuluma okuyize kubo , kabaze bakholwa yibo.

U-Isaya 49:4

Kepha ngase ngithi mina : Ngikhandlekele ize, amandla ami ngiwachithele okuyize nokungelutho; nokho ilungelo lami likuJehova , nomvuzo wami ukuNkulunkulu wami.

UHezekeli 13:23

ngalokho anisayikubona okuyize , ningabe nisabhula ukubhula ; ngiyakubophula abantu bami esandleni senu, nazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 13:6

Babonile okuyize nokubhula kwamanga abathi : Kusho uJehova , kepha uJehova kabathumanga, kodwa bethemba ukuthi ubeyakuqinisa izwi labo.

UHezekeli 13:8

Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngokuba nikhulumile okuyize , nibonile amanga, ngalokho bhekani, ngimelene nani, isho iNkosi uJehova.

UHezekeli 13:9

Isandla sami siyakumelana nabaprofethi ababona okuyize nababhula amanga; abayikuba semkhandlwini wabantu bami , bangalotshwa encwadini yendlu yakwa -Israyeli, bangangeni ezweni lakwa -Israyeli, nazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.

UHezekeli 22:28

Abaprofethi bawo babanamekele ngodaka olungavuthiwe, bebona okuyize, bebabhulela amanga , bethi: Isho kanje iNkosi uJehova , noma uJehova engakhulumanga.

UJeremiya 16:19

Jehova, mandla ami nenqaba yami , siphephelo sami ngosuku lokuhlupheka, bayakuza kuwe a bezizwe, bevela emajukujukwini omhlaba , bathi: Obaba badlile ifa lamanga kuphela , okuyize, engekho kukho insizakalo.

UJeremiya 18:15

Ngokuba abantu bami bangikhohliwe , bashisela okuyize impepho , bakhubeka ezindleleni zabo , emendweni yasendul o ukuba bahambe ngemikhondo, ngezindlela ezingahlelwanga,

UJeremiya 23:16

Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Ningawalaleli amazwi abaprofe thi abaprofetha kini; banifundisa okuyize, bakhuluma umbono wenhliziyo yabo , kungengokuvela emlonyeni kaJehova.

UJeremiya 2:5

Usho kanje uJehova , uthi: Ububi buni oyihlo ababufumene kimi , baze badeda kude nami, balandela okuyize, baba yize, na?

UJobe 35:13

Impela uNkulunkulu akezwa okuyize, uSomandla akayikukunakekela;

UZakariya 10:2

Ngokuba amatherafi akhulumile okuyize, nababhuli babone okungamanga; bakhuluma amaphupho angelutho , baduduza n geze; ngalokho bayasuka njengezimvu, bathotshisiwe, ngokuba kungekho umalusi.

UmShumayeli 4:7

Ngase ngibuye ngabona okunye okuyize phansi kwelanga:

UmShumayeli 6:11

Lokhu kukhona amazwi amaningi akwandisa okuyize, umuntu unanzuzoni na?

UmShumayeli 6:12

Ngokuba ngubani okwaziyo okuhle okuyakuba ngokomuntu ekuhambeni kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwakhe okuyize aziqedayo njengesithunzi na? Ngubani ongatshela umuntu okuyakuba semva kwakhe phansi kwelanga na?

UmShumayeli 8:14

Kukhona okuyize okwenziwa emhlabeni kokuthi kukhona abalungileyo abehlelwa ngokomsebenzi wababi , nokuthi kukhona ababi abehlelwa ngokomsebenzi wabalungileyo; ngathi: Nalokho kuyize.

UmShumayeli 9:9

Thokoza ngokuphila nomkakho omthandayo zonke izinsuku zokuphila kwakho okuyize, oziphiwayo phansi kwelanga zonke izinsuku zakho eziyize , ngokuba lokhu kuyisabelo sakho kulokho kuphila ngomshikashika wakho owushikashikayo phansi kwelanga.