Skip to Content

"okwenu"

9 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 9:11

Uma thina sihlwanyele kini okomoya , kuyinto enkulu yini , uma sizovuna okwenu kwenyama na?

1 kwabaseThesalonika 4:11

nikhuthalele ukuhlala ngokuthula , nokwenza okwenu , nokusebenza ngezandla zenu, njengokuba saniyala,

2 iziKronike 20:17

Akusikho okwenu ukulwa kule mpi ; zihleleni, nime, nibone ukunisindisa kukaJehova, nina Juda neJerusalema ; ningesabi, ningapheli amandla ; phumelani kubo kusasa, ngokuba uJehova unani.

2 kwabaseKorinte 12:14

Bhekani, sekungokwesithathu ngilungele ukuza kini ; angiyikuba mthwalo kini, ngokuba angifuni okwenu, kodwa ngifuna nina. Ngokuba akubantwana abafanele ukuqongelela abazali, kodwa abazali baqongelela abantwana.

IzEnzo 1:7

Wathi kubo : Akusikho okwenu ukwazi izikhathi noma imizuzu uBaba akumisele ngamandla akhe;

KwabaseRoma 1:12

okungukuthi siduduzane kanye nani phakathi kwenu ngokukholwa kwethu okwenu nokwami.

UMika 3:1

Ngathi: Zwanini nina zinhloko zakwaJakobe , nani zikhulu zendlu yakwa - Israyeli ukuthi: Akusikho okwenu ukwazi ukulunga

UNumeri 16:3

babahlanganyela oMose no -Aroni, bathi kubo : Sekwanele okwenu , lokhu inhlangano yonke ingcwele, bonke bayo, noJehova ekubo; niziphakamiselani, pho, phezu kwebandla likaJehova na?

UNumeri 16:7

nifake kuyo umlilo , nibeke impepho kuyo phambi kukaJehova kusasa ; kuyakuthi umuntu amkhethayo uJehova , abengcwele; sekwanele okwenu , madodana kaLevi.