Skip to Content

"okwesabekayo"

6 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 2:8

Bheka, ukhona nawe uShimeyi indodana kaGera wakwaBenjamini waseBahurimi, owangithuka ngokuthuka okwesabekayo mhla ngiya eMahanayimi; kepha wehla ukungihlangabeza ngaseJordani , ngafunga kuye uJehova ngokuthi: Angiyikukubulala ngenkemba.

KumaHeberu 10:27

kepha kuphela ukulindela okwesabekayo ukwahlulelwa nomlilo oshisayo ozakuqeda amaphikankani.

U-Isaya 64:3

Ekwenzeni kwakho okwesabekayo esingakubhekanga wehla ; izintaba zathuthumela phambi kwakho.

UJeremiya 16:4

Bayakuba nokufa okwesabekayo, abayikulilelwa, abayikumbelwa; bayakuba ngumquba emhlabathini, baqedwe ngenkemba nangendlala , izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasemhlabeni.

UJeremiya 23:14

Nakubaprofethi baseJerusalema ngibonile okwesabekayo : bayaphinga, bahamba ngamanga , baqinisa izandla zababi , ukuze kungabuyi muntu ebubini bakhe ; bonke banjengeSodoma kimi , nabakhileyo kulo banjengeGomora.

UJobe 18:13

Amalungu omzimba wakhe ayakudliwa, yebo, ukufa okwesabekayo kuyakudla amalungu akhe.