Skip to Content

"onjengawe"

15 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 3:13

Ngikunika futhi nalokho ongakucelanga , imfuyo nodumo , ngangokuba kungayikubakho onjengawe phakathi kwamakhosi zonke izinsuku zakho.

1 AmaKhosi 8:23

wathi: Jehova Nkulunkulu ka -Israyeli, akakho unkulunkulu onjengawe phezulu ezulwini nasemhlabeni phansi , ogcina isivumelwano nomusa nezinceku zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo,

1 iziKronike 17:20

Jehova, akakho onjengawe , akukho Nkulunkulu ngaphandle kwakho njengakho konke esikuzwileyo ngezindlebe zethu.

1 uSamuweli 26:15

UDavide wathi ku -Abineri: Awusiye umuntu okungekho onjengawe kwa - Israyeli na ? Awulindanga ngani inkosi yakho , inkosi? Ngokuba kwafika omunye wabantu ukuyobulala inkosi yakho, inkosi.

2 iziKronike 6:14

ethi: Jehova Nkulunkulu ka -Israyeli, akakho unkulunkulu onjengawe ezulwini noma emhlabeni , ogcina isivumelwano nomusa nezinceku zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo,

2 uSamuweli 7:22

Ngalokho umkhulu , Nkosi Jehova , ngokuba akakho onjengawe , akukho uNkulunkulu ngaphandle kwakho njengakho konke esikuzwileyo ngezindlebe zethu.

AmaHubo 35:10

Onke amathambo ami azakuthi : Jehova, ngubani onjengawe , wena okhulula ohluphekayo, yebo, ohluphekayo nompofu komphangayo, na?

AmaHubo 71:19

Ukulunga kwakho, Nkulunkulu, kufinyelele ezulwini; wena owenze izinto ezinkulu, Nkulunkulu, ngubani onjengawe na?

AmaHubo 86:8

Phakathi kwawonkulu nkulu akakho onjengawe Nkosi ; akukho okunjengemisebenzi yakho.

AmaHubo 89:8

Jehova Nkulunkulu Sebawoti , ngubani onjengawe na ? Unamandla, Jehova, nokuthembeka kwakho kuyakuhaqa.

U-Eksodusi 15:11

Ngubani onjengawe Jehov a phakathi kwawonkulunkulu ; ngubani onjengawe okhazimula ngobungcwele , owesabeka ngezibongo , owenza izimangaliso, na?

UDuteronomi 18:18

Ngiyakubavusela umprofethi onjengawe phakathi kwabafowabo , ngibeke amazwi ami emlonyeni wakhe, akhulume kubo konke engimyala ngakho.

UJeremiya 10:6

Akakho onjengawe Jehova; umkhulu, igama lakho likhulu ngobuqhawe.

UJeremiya 10:7

Ngubani ongekwesabe, Nkosi yezizwe, ngokuba uyimfanelo yakho, ngokuba phakathi kwabo bonk e abahlakaniphileyo bezizw e nakuyo yonke imibuso yabo akakho onjengawe.

UJobe 35:8

Ububi bakho buqondene nomuntu onjengawe , nokulunga kwakho kuthintana nendodana yomuntu.