Skip to Content

"othile"

59 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 20:35

Umuntu othile wamadodana abaprofethi wathi kumngane wakhe ngezwi likaJehova: Ake ungishaye. Kepha lowo muntu wala ukushaya.

1 AmaKhosi 22:34

Kepha umuntu othile wansala umnsalo wakhe ngokungaze leli nje , wayihlaba inkosi yakwa-Israyeli enhlanganisweni yebhantshi lensimbi , yathi kumshayeli: Phenduka, ungikhiphe empini, ngokuba ngikhutshaziwe.

1 uSamuweli 21:7

Kepha umuntu othile wezinceku zikaSawule wayelapho ngalolo suku , ebambekile phambi kukaJehova , ogama lakhe lalingu Dowegi wabakwa - Edomi, omkhulu wabelusi bakaSawule.

2 AmaKhosi 13:21

Kwathi lapho besammbela umuntu othile , bheka, babona iviyo; bamlahla umuntu ethuneni lika-Elisha. Lowo muntu wanele ukuthinta nje amathambo ka-Elisha, waphila, wema ngezinyawo zakhe. Ama-Aramu ayahlulwa

2 AmaKhosi 4:1

Kwakhala ku-Elisha owesifazane othile wabafazi bamadodana abaprofethi, wathi: Inceku yakho , indoda yami , ifile; wena uyazi ukuthi incek u yakho yayimesaba uJehova ; sekufike umtshelekisi ukuzithathela abafana bami ababili babe yizigqila.

2 iziKronike 18:33

Kepha umuntu othile wansala umnsalo wakhe ngokungazeleli nje , wayihlaba inkosi yakwa -Israyeli enhlanganisweni yebhantshi lensimbi ; yathi kumshayeli: Phenduka, ungikhiphe empini, ngokuba ngikhutshaziwe.

2 uSamuweli 18:10

Umuntu othile wakubona , wamtshela uJowabe, wathi: Bheka, ngibone u - Abisalomu ephanyekekile e-okini.

AbAhluleli 13:2

Kwakukhona umuntu othile waseSora womndeni wakwaDani ogama lakhe lalinguManowa; umkakhe wayeyinyumba engazali.

AbAhluleli 19:1

Kwathi ngalezo zinsuku kungekho inkosi kwa-Israyeli, kwakukhona umLevi othile owayegogobele ohlangothini olungasemuva kwezintaba zakwa - Efrayimi, owazithathela isancinza eBetlehema Juda.

IzEnzo 10:5

Thuma-ke amadoda eJopha, ubize uSimoni othile othiwa uPetru;

IzEnzo 10:6

yena ungenisile kwaSimoni othile, umshuki, ondlu yakhe ingaselwandle.

IzEnzo 16:1

Khona wehlela eDerbe naseListra . Bheka, kwakukhona lapho umfundi othile, nguThimothewu igama lakhe , indodana yowesifazane wakwaJuda okholiweyo, kepha uyise wayengumGreki,

IzEnzo 16:14

Owesifazane othile ogama lakhe linguLidiya , engumthengisi wezibubende, wasemzini waseThiyathira, okhonza uNkulunkulu, walalela, iNkosi yayivula inhliziyo yakhe ukuba aqaphele okwakhulunywa nguPawulu.

IzEnzo 18:24

UmJuda othile ogama lakhe lingu -Apholo, wase-Aleksandriya ngokuzalwa, indoda efundileyo nenamandla emibhalweni, wehlela e-Efesu.

IzEnzo 19:14

USkeva othile , umJuda, umpristi omkhulu , wayenamadodana ayisikhombisa ayekwenza lokho.

IzEnzo 19:24

Ngokuba umuntu othile ogama lakhe linguDemetriyu , umkhandi wesiliva owenza amathempelana esiliva kaDiyana, wazuzisa abakhandi besiliva inzuzo engencane,

IzEnzo 21:16

kwahamba nathi abanye kubafundi baseKesariya, besiyisa kuMnasoni othile waseKhupro, umfundi omdala, ebesizakungenisa kwakhe.

IzEnzo 22:12

U-Ananiya othile , indoda ekholwa ngokomthetho , owayefakazelwa yibo bonke abaJuda ababakhile khona,

IzEnzo 24:1

Emva kwezinsuku eziyisihlanu umpristi omkhulu u-Ananiya wewuka kanye namalunga athile nommeli othile uTertulu ; laba bammangalela uPawulu kumbusi.

IzEnzo 25:19

kodwa babe nokuphikisana okuthile naye ngenkolo yakubo nangomuntu othile, uJesu, owafayo, asho ngaye uPawulu ukuthi uyaphila.

IzEnzo 9:10

Kwakukhona eDamaseku umfundi othile, igama lakhe lingu-Ananiya; iNkosi yathi kuye ngombono: Ananiya! Yena wathi: Ngikhona, Nkosi.

IzEnzo 9:33

Wafumana khona umuntu othile ogama lakhe lingu -Eneya, owayeselele ecansini iminyaka eyisishiyagalombili efe uhlangothi.

IzEnzo 9:36

EJopha kwakukhona umfundikazi othile ogama lakhe linguThabitha , okungukuthi uDorka ngokuhunyushwa ; yena wayenemisebe nzi eminingi emihle nokwabela abampofu izipho.

KwabaseRoma 15:26

Ngokuba kwaba kuhle kwabaseMakedoniya nabase -Akhaya ukwenzela abampofu kwabangcwele baseJerusalema umnikelo othile.

NgokukaJohane 11:1

Kwakukhona othile ogulayo , uLazaru waseBethaniya umuzi wakubo kaMariya nodadewabo uMarta.

NgokukaJohane 11:49

Kepha othile wabo , uKayafase, engumpristi omkhulu walowo mnyaka , wathi kubo: Anazi lutho nina;

NgokukaJohane 5:5

Kwakukhona lapho umuntu othile owayesegule iminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili.

NgokukaLuka 10:30

UJesu waphendula wathi : Umuntu othile wehla eJerusalema eya eJeriko ; watheleka phakathi kwezigcwelegcwele , zamhlubula izingubo , zamshaya, zamuka zimshiya umndondo nje.

NgokukaLuka 10:31

Kwaqabuka kwehla umpristi othile ngaleyo ndlela ; wathi embona , wamgwemela.

NgokukaLuka 10:33

Kepha umSamariya othile owayesendleleni wafika kuye ; wathi ukuba ambone, wamhawukela;

NgokukaLuka 10:38

Kwathi ekuhambeni kwabo wangena emzini othile ; owesifazane othile , igama lakhe nguMarta, wamamukela endlini yakhe.

NgokukaLuka 11:27

Kwathi esakhuluma lokhu, owesifazane othile esixukwini waphakamisa izwi, wathi kuye: Sibusisiwe isisu esakuthwalayo namabele owawancelayo.

NgokukaLuka 12:16

Wabalandisa umfanekiso , wathi: Izwe lomuntu othile onothileyo lathela kahle.

NgokukaLuka 13:23

Umuntu othile wayesethi kuye : Nkosi, bayingcosana abasindiswayo na ? Wathi kubo:

NgokukaLuka 13:6

Wayesebalandisa lo mfanekiso wokuthi : Umuntu othile wayenomkhiwane utshalwe esivinini sakhe; weza efuna isithelo kuwo, akasifumananga.

NgokukaLuka 14:16

Kepha wathi kuye: Umuntu othile wenza idili elikhulu, wamema abaningi.

NgokukaLuka 14:2

Bheka, kwavela phambi kwakhe umuntu othile owayenesifo samanzi.

NgokukaLuka 15:11

Wayesethi: Umuntu othile wayenamadodana amabili.

NgokukaLuka 16:1

Wayesekhuluma nakubafundi bakhe , ethi: Kwakukhona umuntu othile oyisicebi, owayenomphathi; yena wamangalelwa kuye ngokuthi uchitha impahla yakhe.

NgokukaLuka 16:19

Kwakukhona umuntu othile onothileyo , owayegqoka ezibubende nezelineni elihle, ezijabulisa imihla ngemihla etamasa.

NgokukaLuka 16:20

Kwakukhona fut hi ompofu othile , nguLazaru igama lakhe , owayelahliwe ngasesangweni lakhe egcwele izilonda,

NgokukaLuka 17:12

Esangena emzaneni othile , kwahlangana naye amadoda ayishumi anochoko, amela kude,

NgokukaLuka 18:18

Umbusi othile wayesembuza ethi : Mfundisi omuhle, ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?

NgokukaLuka 18:2

Wathi: Kwakukhona emzini othile umahluleli othile owayengamesabi uNkulunkulu, enganaki muntu.

NgokukaLuka 19:12

Wathi-ke: Umuntu othile wohlanga olukhulu waya ezweni elikude eyozithathela umbuso, abuye.

NgokukaLuka 1:5

Emihleni kaHerode inkosi yaseJudiya kwakukhona umpristi othile ogama lakhe nguZakariya, esigabeni sika-Abiya, nomkakhe engowamadodakazi ka - Aroni, igama lakhe ngu-Elisabethe.

NgokukaLuka 21:2

Wabona nomfelokazi othile ompofu ebeka khona amafadingi amabili;

NgokukaLuka 22:50

Omunye othile kubo wayigadla inceku yompristi omkhulu , wayinquma indlebe yokunene.

NgokukaLuka 7:41

Kwakukhona abantu ababili abanamacala kumtshelekisi othile ; icala lomunye lalingodenariyu abangamakhulu ayisihlanu , elomunye amashumi ayisihlanu.

NgokukaLuka 8:49

Esakhuluma, kwafika othile evela kwamphathi wesinagoge , wathi kuye : Indodakazi yakho isifile; ungabe usamkhathaza uMfundisi.

NgokukaLuka 9:19

Baphendula bathi: UJohane uMbhapathizi; kepha abanye bathi : Ngu-Eliya; abanye kodwa bathi: Kuvukile umprofethi othile wabadala.

NgokukaLuka 9:57

Kwathi behamba endleleni , umuntu othile wathi kuye : Ngizakukulandela, noma uya ngaphi.

NgokukaLuka 9:8

ngokwabanye ukuthi u -Eliya ubonakele , ngokwabanye ukuthi kuvukile umprofethi othile kwabadala.

NgokukaMathewu 19:16

Bheka-ke, kwasondela kuye othile , wathi: Mfundisi, ngiyakwenzantoni enhle ukuba ngibe nokuphila okuphakade na?

NgokukaMathewu 26:18

Wathi: Hambani niye emzini kumuntu othile , nithi kuye: U thi uMfundisi: Isikhathi sami siseduze ; ngizakwenza iphasika kwakho kanye nabafundi bami.

NgokukaMathewu 9:18

Esakhuluma lokhu kubo, bheka, kwafika umphathi othile, wakhuleka kuye, wathi: Indodakazi yami ifa khona manje ; kepha woza, ubeke isandla sakho phezu kwayo, izakuphila.

UJeremiya 51:46

Izinhliziyo zenu mazingadangali , ningesabi imibiko ezwakalayo ezw eni, lapho kufika umbiko othile ngomunye umnyaka , bese kufika emva kwawo omunye ngomnyaka olandelayo , kube ngubudlova ezweni , umbusi avukele umbusi.

ULevitikusi 23:30

Yilowo nalowo muntu owenza um sebenzi othile ngalolo suku , lowo muntu ngiyakumbhubhisa, angabikho kubantu bakubo.

URuthe 1:1

Kwathi emihleni abahlulela ngayo abahluleli kwaba khona indlala ezweni . Umuntu othile waseBetlehema Juda waya u kuyohlala ezweni lakwaMowabi, yena nomkakhe, namadodana akhe amabili.