"owanikela"
5 occurrences in ZUL
nokudla kwasetafuleni lakhe , nokuhlala kwezinceku zakhe , nokuma kwezikhonzi zakhe , nezambatho zazo , nabaphathizitsha bakhe , nomnikelo wakhe wokushiswa owanikela ngawo endlini kaJehova , akwabe kusabakho moya kuyo.
USolomoni wanikela kube ngumhlatshelo weminikelo yokuthula, owanikela ngawo kuJehova , izinkunzi eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili nezimvu eziyizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili . Inkosi nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli bahlambulula-ke indlu kaJehova.
Ngubani owanikela uJakobe ukuba aphangwe , no-Israyeli kubo abaphangi, na? Angithi nguJehova , esonile kuye , nabangavumanga ukuhamba ngezindlela zakhe, nabangawulalelanga umthetho wakhe?
Uma inyama yomhlatshelo weminikelo yakhe yokuthula idliwa ngosuku lwesithathu, ayiyikwamukeleka, ingabalelwa kuye owanikela ngayo ; iyakunengeka, nomuntu oyidlayo uyakuthwala ububi bakhe.
Owanikela ngomnikelo wakhe ngosuku lokuqala nguNaheshoni indodana ka-Aminadaba, owesizwe sakwaJuda.