Skip to Content

"phendukani"

10 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 17:13

Nokho uJehova wayexwayisile o -Israyeli noJuda ngesandla sabo bonke abaprofethi nababoni ukuthi : Phendukani ezindleleni zenu ezimbi , nigcine imiyalo yami nezimiso zami njengawo wonke umth etho engayala ngawo oyihlo nengawuthuma kini ngesandla sezinceku zami abaprofethi.

IzEnzo 2:38

UPetru wayesethi : Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethele lwa kwezono zenu ; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.

IzEnzo 3:19

Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu,

NgokukaMarku 1:15

wathi: Isikhathi sigcwalisekile , umbuso kaNkulunkulu ususondele ; phendukani, nikholwe yivangeli.

NgokukaMathewu 3:2

Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele!

NgokukaMathewu 4:17

Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi : Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.

UDuteronomi 1:7

phendukani nihambe , niye entabeni yama -Amori nasezindaweni zonke eziseduze nakhona e -Araba, ezintabeni, nangenzansi, naseningizimu, nangasogwini lolwandle , ezweni lamaKhanani , naseLebanoni, kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe.

UDuteronomi 2:3

Sekuyisikhathi niyizungeza le ntaba; phendukani, niye ngasenyakatho.

UHezekeli 14:6

Ngalokho yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Phendukani, nibuye ezithombeni zenu , nifulathele zonke izinengiso zenu.

UHezekeli 18:30

Ngalokho ngiyakunahlulela nina ndlu yakwa-Israyeli, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe , isho iNkosi uJehova . Phendukani, nibuye ezeqweni zenu zonke, ububi bungabi yisikhubekiso senu.