Skip to Content

"qaphela"

10 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 6:9

Umuntu lowo kaNkulunkulu wathumela enkosini yakwa -Israyeli, wathi: Qaphela ukuba ungadluli kuleyo ndawo , ngokuba ama-Aramu aseyaphumula khona.

KwabaseKolose 4:17

Nimtshele u -Arkiphu, nithi: Qaphela inkonzo oyitholile eNkosini , ukuze uyifeze.

NgokukaLuka 11:35

Ngakho qaphela ukuba ukukhanya okukuwe kungabi ngubumnyama.

U-Eksodusi 34:11

Qaphela lokh u engikuyala ngakho namuhla : bheka, ngixosha phambi kwakho ama -Amori, namaKhanani, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi.

U-Isaya 10:30

Zamuluka ngezwi lakho , ndodakazi yaseGalimi ; qaphela, Layishi, yiphendule, Anathoti.

UDuteronomi 12:23

Qaphela kuphela ukuba ungalidli igazi , ngokuba igazi lingumphefumulo ; awuyikuwudla umphefumulo kanye nenyama.

UDuteronomi 12:28

Qaphela, uzwe onke lawa mazwi engikuyala ngawo ukuba kube kuhle kuwe nakubantwana bakho emva kwakho kuze kube phakade, lapho wenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho.

UGenesise 24:6

U-Abrahama wathi kuye : Qaphela u kuba ungayibuyiseli khona indodana yami.

UGenesise 31:24

UNkulunkulu wez a kuLabani umAramu ephusheni ebusuku , wathi kuye : Qaphela ukuba ungakhulumi kuJakobe okuhle noma okubi.

UGenesise 31:29

Kusemandleni esandla sami ukwenza okubi kuwe , kepha uNkulunkulu kayihlo ukhulumile kimi ebusuku obudlule , wathi: Qaphela ukuba ungakhulumi kuJakobe okubi noma okuhle.