Skip to Content

"sabantu"

29 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 20:42

Wathi kuyo: Usho kanje uJehova, uthi: Ngokuba umyekile ukuba aphume esandleni sakho umuntu engangimqalekisile , ukuphila kwakho kuyakuba sesikhundleni sokuphila kwakhe, nabantu bakho babe sesikhundleni sabantu bakhe.

2 iziKronike 30:18

Ngokuba isixuku sabantu , abaningi bakwa-Efrayimi nakwaManase nakwa- Isakare nakwaZebuloni , sasingazihlambululanga, salidla iphasika ngokungalotshiwe. Ngokuba uHezekiya wayebakhulekele ngokuthi : UJehova omuhle makathethelele

2 iziKronike 6:25

mawuzwe wena ezulwini , uthethelele isono sabantu bakho u -Israyeli, ubabuyisele ezweni owalinika bona nawoyise.

2 uSamuweli 18:29

Inkosi yathi : Isahlezi kahle insizwa u -Abisalomu na ? U-Ahimahasi wathi : Ngabona isixuku sabantu , lapho uJowab e inceku yenkosi ethuma inceku yakho, kepha angazanga ukuthi kuyini.

AmaHubo 22:6

Kepha mina ngiyimphethu , angisiye umuntu ; ngiyisithuko sabantu , ngiyindelelo yabantu.

AmaHubo 81:15

Abazondi bakaJehova bebeyakuzithobela kuye , kepha isikhathi sabantu bami besiyakuba khona kuze kube phakade.

IzEnzo 1:15

Ngaleyo mihla uPetru wasukuma phakathi kwabazalwane , isixuku sabantu esasikhona ndawonye kwakungathi ikhulu namashumi amabili, wathi:

IzEnzo 21:36

ngokuba kwalandela isixuku sabantu bememeza bethi: Msuseni!

NgokukaLuka 1:10

Isixuku sonke sabantu sasikhuleka ngaphandle ngesikhathi sempepho.

NgokukaLuka 23:27

Kwamlandela isixuku esikhulu sabantu , kukhona nabesifazane ababemkhalela, bemlilela.

NgokukaMarku 2:13

Waphuma futhi , waya ngaselwandle ; isixuku sonke sabantu seza kuye , wabafundisa.

NgokukaMarku 3:32

Isixuku sabantu sasimphahlile ; bathi kuye : Bheka, unyoko nabafowenu nawodadewenu bangaphandle bekufuna.

NgokukaMarku 3:9

Wayeseyala abafundi bakhe ukuba isikebhe simlindele ngenxa yesixuku sabantu, ukuze bangamcindezeli,

U-Isaya 42:6

Mina Jehova ngikubizile ngokulunga , ngiyakubamba isandla sakho , ngikugcine, ngikubeke ube yisivumelwano sabantu nokukhanya kwabezizwe,

U-Isaya 53:8

Yasuswa ekucindezelweni nasekwahlulelweni; ngubani esizukulwaneni sayo owacabanga ukuthi yahlwithwa ezweni labaphilayo, ishaywa ngesiphambeko sabantu bami, na?

UDuteronomi 13:9

kepha wom bulala impela ; isandla sakho siyakuba phezu kwakhe kuqala ukumbulala, ngasemuva isandla sabantu bonke.

UHezekeli 23:24

Bayakufika kuwe benezikhali , nezinqola, nokunamasondo, nesixuku sabantu, bazihlelele wena benamahawu , nezihlangu, nezigqoko nxazonke , nginikele kubo ukwahlulela, bakwahlulele njengezahlulelo zabo.

UHezekeli 24:17

Bubula, uthule; ungenzi isililo sabafileyo, uzibophele isigqoko sakho, ufake izicathulo zakho ezinyaweni zakho , ungambozi amadevu akho , ungadli isinkwa sabantu.

UHezekeli 24:22

Niyakwenza njengami : aniyikumboza amade vu enu , ningadli isinkwa sabantu.

UHezekeli 25:14

Ngiyakubeka impindiselo yami phezu kuka -Edomi ngesandla sabantu bami u-Israyeli, benze kwa-Edomi njengentukuthelo yami nokufutheka kwami, bazi impindiselo yami, isho iNkosi uJehova.

UHezekeli 26:7

Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngiyakuyisa eTire uNebukadinesari inkosi yaseBabele , evela enyakatho , eyinkosi yamakhosi , enamahhashi, nezinqola, nabamahhashi, nesixuku sabantu abaningi.

UHezekeli 32:3

Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakweneka inetha lami phezu kwakho ngesixuku sabantu abaningi, bakukhuphule ngenetha lami.

UJeremiya 26:24

Kepha isandla sika -Ahikamu, indodana kaShafani , sasinoJeremiya ukuba bangamnikeli esandleni sabantu ukumbulala.

UJeremiya 39:17

Kepha ngiyakukophula ngalolo suku, usho uJehova, unganikelwa esandleni sabantu obesabayo.

UJeremiya 46:24

Indodakazi yaseGibithe iyakujabhiswa , inikelwe esandleni sabantu basenyakatho.

UJobe 17:6

Ungibeke isaga sabantu, ngibe ngokhafulelwa ebusweni.

UJoweli 3:16

UJehova uyaduma eseSiyoni , ezwakalise izwi lakhe eseJerusalema ; izulu nomhlaba kuyazamazama , kepha uJehova uyisiphephelo sabantu bakhe , nenqaba yabantwana bakwa-Israyeli.

UMika 2:4

Ngalolo suku bayakuphakamisa umfanekiso ngani , bakhale isililo , bathi: Sichithiwe nokuchithwa ; isabelo sabantu bami sinikwa omunye ; yeka ukubuya kwakhe kimi; abahlubuki babelwa amasimu ethu.

UNehemiya 9:30

Nokho iminyaka eminingi wababekezelela , wabaxwayisa ngoMoya wakho ngesandla sabaprofethi bakho, kepha abezwanga; wawusubanikela esandleni sabantu bezizwe.