Skip to Content

"safika"

22 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 7:10

Base behamba, babiza abalindisango bomuzi, babatshela ukuthi: Sike safika ekamu lama -Aramu; bheka, kwakungekho muntu lapho , nazwi lomuntu, kuphela ngamahhashi aboshiweyo , nezimbongolo eziboshiweyo, namatende enjengalokhu enjalo.

2 AmaKhosi 9:18

Owehhashi wayesehamba ukumhlangabeza , wathi: Isho kanje inkosi , ithi: Kusahleziwe kahle na ? UJehu wathi : Unandabani nokuhlala kahle na ? Buyela emva kwami . Wayesebika umlindi , ethi: Isithunywa safika kubo , kepha asibuyanga.

2 uSamuweli 11:22

Sase sihamba isithunywa , safika samtshela uDavide konke esasikuthunyelwe nguJowabe.

IzEnzo 16:11

Khona samuka eTrowa ngomkhumbi , saqonda eSamotrake , ngangomuso safika eNeyapholi. UPawulu ushumayela eFilipi; ukukholwa kukaLidiya

IzEnzo 20:14

Kwathi esehlangene nathi e-Asu, samkhwelisa, safika eMithilene;

IzEnzo 20:15

sesimukile lapho ngomkhumbi , ngangomuso safika maqondana neKiyu ; ngangomhlomunye sasondela eSamu; ngolulandelayo safika eMilethu.

IzEnzo 20:6

Kepha thina samuka ngomkhumbi eFilipi emva kwezinsuku zezinkwa ezingenamvubelo, safika kubo eTrowa ngezinsuku eziyisihlanu, sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa. UPawulu uvusa u-Evitiku ekufeni

IzEnzo 21:1

Kwathi sesimukile kubo , sasuka ngomkhumbi, saqonda ngqo, safika eKhose nangangomuso eRodu; sasuka lapho, safika ePathara;

IzEnzo 21:7

Thina sesiqedile ukuhamba ngomkhumbi sisuka eTire , safika ePetolemayi , sabingelela abazalwane, sahlala nabo usuku lwaba lunye.

IzEnzo 21:8

Kepha ngangomuso samuka safika eKesariya , sangena en dlini kaFiliphu umvangeli, owayengomunye wabayisikhombisa, sahlala naye.

IzEnzo 27:3

Ngangomuso safika eSidoni ; uJuliyu wamphatha kahle uPawulu , wamvumela ukuba aye kubahlobo bakhe, ahlunyelelwe.

IzEnzo 27:5

Sesidabulile ulwandle olungaseKhilikhiya nePhamfiliya safika eMira laseLikhiya.

IzEnzo 27:7

Sesihambe kancane izinsuku eziningi saze safika kalukhuni ngaseKinidu, umoya ungasivumeli, sagudla iKrethe maqondana neSalimone,

IzEnzo 27:8

sagudla lona kalukhuni , safika endaweni ethile ethiwa Matheku Mahle ; eduze nayo kukhona umuzi waseLaseya.

IzEnzo 28:13

sasuka lapho , sagwegwesa, safika eRegiyu. Sekudlule usuku lwaba lunye , kwavuka iningizimu, safika ePhutheyoli ngosuku lwesibili. UPawulu ufika eRoma

IzEnzo 28:14

Safumana khona abazalwane , sancengwa ukuba sihlale nabo izinsuku eziyisikhombisa; kanjalo safika eRoma.

U-Ezra 8:32

Safika eJerusalema, sahlala khona izinsuku ezintathu.

UDuteronomi 1:19

Sasuka eHorebe , sadabula lelo hlane elikhulu nelesabekayo enalibonayo ngasendleleni yasentabeni yama -Amori, njengalokho uJehova uNkulunkulu wethu wasiyala, saze safika eKadeshi Barineya.

UGenesise 32:6

Izithunywa zabuyela kuJakobe , zathi: Safika kumfowenu u -Esawu, naye uyeza ukukuhlangabeza enamadoda angamakhulu amane.

UGenesise 43:20

athi: O nkosi, ngempela safika kuqala ukuthenga ukudla.

UJobe 29:13

Isibusiso sobezakubhubha safika phezu kwami ; ngenza inhliziyo yomfelokazi ukuba ihube ngokujabula.

UNumeri 13:27

Bamtshela bathi: Safika-ke ezweni owasithuma kulo; ngempela livame ubisi nezinyosi; lokhu kuyizithelo zalo.