Skip to Content

"sahlala"

18 occurrences in ZUL

1 kwabaseThesalonika 2:10

Nina ningofakazi , naye uNkulunkulu, bokuthi sahlala kanjani phakathi kwenu nina enikholwayo ngobungcwele, nangokulunga, nangokungasoleki,

AbAhluleli 19:2

Isancinza sakhe samgilela ubufebe , sasuka kuye , saya endlini kayise eBetlehema Juda, sahlala khona isikhathi esiyizinyanga ezine.

AmaHubo 109:17

Wathanda ukuthuka , kweza phezu kwakhe ; wayengathokozi ngesibusiso , sahlala kude naye.

AmaHubo 137:1

Ngasemifuleni yaseBabele sahlala khona, sakhala, lapho sikhumbula iSiyoni.

IzEnzo 16:12

Sisuka lapho saya eFilipi elingumuzi oyikhanda lesifunda saseMakedoniya , ikoloni. Kulowo muzi sahlala izinsuku ezithile.

IzEnzo 16:13

Ngosuku lwesabatha saphumela ngaphandle kwesango ngasemfuleni, lapho sathi babevama ukukhuleka khona ; sahlala phansi , sakhuluma kubo abesifazane ababebuthene.

IzEnzo 20:6

Kepha thina samuka ngomkhumbi eFilipi emva kwezinsuku zezinkwa ezingenamvubelo, safika kubo eTrowa ngezinsuku eziyisihlanu, sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa. UPawulu uvusa u-Evitiku ekufeni

IzEnzo 21:4

Safumana abafundi , sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa ; bona bathi ngoMoya kuPawulu, angalubeki unyawo eJerusalema.

IzEnzo 21:7

Thina sesiqedile ukuhamba ngomkhumbi sisuka eTire , safika ePetolemayi , sabingelela abazalwane, sahlala nabo usuku lwaba lunye.

IzEnzo 21:8

Kepha ngangomuso samuka safika eKesariya , sangena en dlini kaFiliphu umvangeli, owayengomunye wabayisikhombisa, sahlala naye.

IzEnzo 28:12

Sangena eSirakhuse, sahlala izinsuku ezintathu;

U-Eksodusi 10:14

Isikhonyane senyukela ezweni lonke laseGibithe , sahlala ezweni lonke laseGibithe, sasinzima kakhulu ; ngaphambi kwaso kwakun gazange kube khona isikhonyane esingangaso , nangasemva kwaso asisayikuba khona esingangaso.

U-Ezra 8:32

Safika eJerusalema, sahlala khona izinsuku ezintathu.

U-Isaya 64:5

Wahlangabeza labo ababethokoza ng okwenza ukulunga , labo abakukhumbulayo ezindleleni zakho. Wena wathukuthela, thina sona; sahlala kukho nasendulo; siyakusindiswa na?

UDuteronomi 29:16

ngokuba nina niyazi ukuthi sahlala ezweni laseGibithe nokuthi sad lula phakathi kwezizwe enadabula kuzo,

UDuteronomi 3:29

Sahlala-ke esigodini esimalungana neBeti Peyori.

UJeremiya 44:17

Kepha siyakwenza nokwenza onke amazwi aphumile emilonyeni yethu , sishisele inkosikazi yezulu impepho , siyithululele iminikelo yokuphuzwa , njengalokho senzile , thina nawobaba , namakhosi ethu , nezikhulu zethu emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, ngokuba sasisuthi isinkwa, sahlala kahle, asabona okubi.

UNumeri 20:15

ukuthi obaba behlela eGibithe , sahlala eGibithe isikhathi eside ; abaseGibithe basiphatha kabi thina nawobaba;