Skip to Content

"sekupheleni"

20 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 1:8

yena oyakuniqinisa nani kuze kube sekupheleni, ningabi nacala ngosuku lweNkosi yethu uJesu Kristu.

AmaHubo 119:112

Ngithobisile inhliziyo yami ukwenza izimiso zakho njalo , yebo, kuze kube sekupheleni.

AmaHubo 119:33

Ngitshengise, Jehova, indlela yezimiso zakho ; ngiyakuyigcina kuze kube sekupheleni.

IsAmbulo 2:26

Onqobayo nogcina imisebenzi yami kuze kube sekupheleni lowo ngiyakumnika amandla phezu kwezizwe;

KumaHeberu 3:14

ngokuba sesingabahlanganyela kuKristu , uma sibambisisa ithemba lethu lokuqala kuze kube sekupheleni.

KumaHeberu 3:6

kepha uKristu uthembekile njengendodana phezu kwendlu yakhe , esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa isibindi nentokozo yethemba liqine kuze kube sekupheleni. Abakholwayo mabangadeleli izwi lakhe

KumaHeberu 6:11

Kepha sinxanela ukuba yilowo nalowo kini abonakalise lokho kukhuthalela, lize liphelele ithemba kuze kube sekupheleni,

NgokukaJohane 13:1

Kwathi ngaphambi komkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi isikhathi sakhe sesifikile ukuba amuke kuleli zwe , aye kuYise , ebathandile abakhe abasezweni wabathanda kwaze kwaba sekupheleni.

NgokukaMarku 13:13

Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami, kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.

NgokukaMathewu 10:22

Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami; kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni lowo uyakusindiswa.

NgokukaMathewu 24:13

Kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.

NgokukaMathewu 28:20

nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho ; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.

UDaniyeli 12:13

Kepha hamba wena kuze kube sekupheleni ; usuphumulile uyakuma esabelweni sakho ngasekupheleni kwezinsuku.

UDaniyeli 6:26

Ngenza isiyalezo ukuba ekubuseni konke kombuso wami abantu bathuthumele, besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli , ngokuba unguNkulunkulu ophilayo , umi kuze kube phakade , nombuso wakhe yiwo ongayikuchithwa, nokubusa kwakhe kuyakuma kuze kube sekupheleni.

UDaniyeli 7:26

Kepha abahluleli bayakuhlala, basuse ukubusa kwayo kudliwe, kuchithwe kuze kube sekupheleni.

UDuteronomi 11:12

izwe elinakekelwa nguJehova uNkulunkulu wakho ; amehlo kaJehova uNkulunkulu wakho akulo njalo , kusukela ekuqaleni komnyaka kuze kube sekupheleni komnyaka.

UJeremiya 1:3

lafika futhi ezinsukwini zikaJehoyakimi indodana kaJosiya , inkosi yakwaJuda, kuze kube sekupheleni komnyaka weshumi nanye kaSedekiya indodana kaJosiya , inkosi yakwaJuda , kuze kube sekuthunjweni kweJerusalema ngenyanga yesihlanu.

UJobe 28:3

Ubumnyama bubekelwa umkhawulo ; kuyacingwa kuze kube sekupheleni konke amatshe esigayegaye nethunzi lokufa.

UJobe 34:36

Sengathi uJobe angavivinywa kuze kube sekupheleni, ngokuba uphendula njengabantu ababi.

UmShumayeli 3:11

Wenzile konke kube kuhle esikhathini sakho , ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo ; nokho umuntu ange fumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube sekupheleni.