Skip to Content

"sekwanele"

8 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 12:28

Inkosi isithathe isiluleko , yenza amathole amabili egolide , yathi kubo : Sekwanele ukuba nikhuphukele eJerusalema ; bheka onkulunkulu bakho , Israyeli, abakukhuphula ezweni laseGibithe.

1 AmaKhosi 19:4

Kodwa yena wahamba ibanga losuku ehlane, waya wahlala phansi konwele, wacela enhliziyweni yakhe ukuba afe, wathi: Sekwanele; manje, Jehova, sale usuthatha umphefumulo wami, ngokuba angilungile kunawobaba.

1 iziKronike 21:15

UNkulunkulu wathuma ingelosi eJerusalema ukulichitha ; kwathi lapho isalichitha, uJehova wabuka , wazisola ngalobo bubi , wathi engelosini echithayo: Sekwanele; buyisa isandla sakho . Ingelosi kaJehova yayimi ngasesibuyeni sika-Orinani umJebusi.

2 uSamuweli 24:16

Lapho ingelosi yelula isandla sayo kulo iJerusalema ukulichitha , uJehova wazisola ngalobo bubi, wathi engelosini eyachitha abantu: Sekwanele; buyisa isandla sakho. Ingelosi kaJehova yayisesibuyeni sika-Arawuna umJebusi.

NgokukaLuka 22:51

Kepha uJesu wathatha wathi : Musani; sekwanele. Wayiphatha indlebe , wayipholisa.

U-Eksodusi 9:28

Ncengani kuJehova , ngokuba sekwanele lokhu kuduma okungaka nesichotho; ngizakunivumela ukuba nihambe, ningabe nisahlala.

UNumeri 16:3

babahlanganyela oMose no -Aroni, bathi kubo : Sekwanele okwenu , lokhu inhlangano yonke ingcwele, bonke bayo, noJehova ekubo; niziphakamiselani, pho, phezu kwebandla likaJehova na?

UNumeri 16:7

nifake kuyo umlilo , nibeke impepho kuyo phambi kukaJehova kusasa ; kuyakuthi umuntu amkhethayo uJehova , abengcwele; sekwanele okwenu , madodana kaLevi.