Skip to Content

"selokhu"

23 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 29:3

Zase zithi izikhulu zamaFilisti : Ayini lawa maHeberu na ? U-Akhishi wathi kuzo izikhulu zamaFilisti : Akusiye uDavide inceku kaSawule inkosi yakw a- Israyeli okade enami kulezi zinsuku nakule minyaka na ? Angifumananga lutho kuye selokhu ahlubuka weza kimi kuze kube namuhla.

IsAmbulo 13:8

Bayakhuleka kuso b onke abakhileyo emhlabeni , wonke ogama lakhe lingalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo , selokhu kwasekelwa umhlaba.

IsAmbulo 16:18

Kwase kuba khona imibani , namazwi, nokuduma, kwaba khona nokuzamazama okukhulu komhlaba okungazange kube khona okunjalo , selokhu kwaba khona abantu emhlabeni , ukuzamazama komhlaba okukhulu kangaka.

IsAmbulo 17:8

Isilo owasibonayo sasikhona , asisekho; kepha sesizakwenyuka , siphuma kwalasha, siye ekubhujisweni; nabakhileyo emhlabeni bayakumangala , labo abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila , selokhu kwasekelwa izwe, nxa bebona isilo ukuthi sasikhona , kepha asisekho , kanti sizakuba khona.

IzEnzo 14:8

EListra kwakuhlezi indoda ethile eyisilima ngezinyawo, eyisishosha selokhu yazalwa ngunina, engazange ihambe.

KumaHeberu 9:26

uma kwakunjalo wayemelwe ukuhlupheka kaningi selokhu kwasekelwa izwe; kodwa kalokhu ubonakalisiwe kanye ekupheleni kwezikhathi ukuba asuse izono ngokuzinikela kwakhe.

KwabaseKolose 1:26

ngisho imfihlakalo ebifihlakele selokhu kwaqala izikhathi nezizukulwane , kepha kalokhu yambuliwe kwabangcwele bakhe;

NgokukaJohane 9:32

Selokhu kwathini akuzange kuzwakale ukuthi ukhona owavula amehlo ozelwe eyimpumputhe.

NgokukaMathewu 13:35

ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi : Ngizakuvula umlomo wami ngemifanekiso , ngiphimisele okufihlakeleyo , selokhu kwasekelwa umhlaba.

NgokukaMathewu 25:34

Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: Zanini nina enibusisiwe nguBaba , nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.

U-Eksodusi 10:6

Izindlu zakho , nezindlu zezinceku zakho zonke , nezindlu zabo bonke abaseGibithe ziyakugcwaliswa yiso , abangazange basibone esinjalo oyihlo nawoyise bawoyihlo , selokhu ba fika emhlabeni kuze kube namuhla . Waphenduka, waphuma kuFaro.

U-Eksodusi 5:23

Selokhu ngafika kuFaro ukukhuluma egameni lakho , ubaphathe kabi laba bantu, nawe awubophulanga nakanci abantu bakho.

U-Eksodusi 7:25

Zaphelela izinsuku eziyisikhombisa, selokhu uJehova eshayile umfula.

U-Eksodusi 9:18

Bheka, kusasa ngalesi sikhathi ngiya kuwisa isichotho esinzima kakhulu , esingazange sibe khona esingaka eGibithe, selokhu lakhiwa kuze kube manje.

U-Eksodusi 9:24

Kwase kuwa isichotho nomlilo owanyazima njalo phakathi kwesichotho ; kwakunzima kakhulu , okwakungazange kube khona ezweni laseGibithe okungangako, selokhu laba yisizwe.

U-Isaya 14:8

Yebo, nemisayipuresi ithokoza ngawe , kanye nemisedari yaseLebanoni , ngokuthi: Selokhu walaliswa phansi, akakho umgawuli okhuphukela kithina.

UJeremiya 44:18

Kepha selokhu sayeka ukushisela inkosikazi yezulu impepho nokuyithululela iminikelo yokuphuzwa , siswele konke , siqedwe ngenkemba nangendlala.

UJobe 20:4

Awukwazi yini ukuba lokhu kungokwasendulo , selokhu abantu babekwa emhlabeni,

UJoshuwa 14:10

Manje bheka , uJehova ungisindisile njengokusho kwakhe le minyak a engamashumi amane nanhlanu, selokhu uJehova akhuluma leli zwi kuMose , u-Israyeli esahamba ehlane ; bheka, manje sengineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nanhlanu namuhla.

ULevitikusi 25:27

makabale iminyaka selokhu kwathengiswa ngalo , abuyisele okudluleleyo kulowo muntu athengisa kuye ngalo, aze abuyele efeni lakhe.

ULevitikusi 25:29

Uma umuntu ethengisa ngendlu yokuhlala emzini onogange , angayihlenga ungakapheli umnyaka selokhu wathengisa n gayo, ngokuba umnyaka wonke uyakuba nelungelo lokuyihlenga.

URuthe 2:11

UBowazi waphendula, wathi kuye: Kubikiwe kimi konke omenzele khona unyokozala selokhu afa umyeni wakho nokuthi ushiyile uyihlo nonyoko nezwe lokuzalwa kwakho, weza kubantu ongabazanga ngaphambili.

URuthe 2:7

ithe: Ake ngikhothoze , ngibuthe ezithungwini emva kwabavuni . Selokhu ifikile, iqhubekile kusukela ekuseni kuze kube manje, ihlale kancane endlini kuphela.