Skip to Content

"sendodana"

13 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 11:12

Kepha angiyikukwenza emihleni yakho ngenxa kaDavide uyihlo , kodwa ngiyakuwuhlwitha esandleni sendodana yakho.

1 AmaKhosi 11:35

kodwa ngiyakuwukhipha umbuso esandleni sendodana yakhe , ngiwunike wena, izizwe eziyishumi.

2 iziKronike 28:3

Washisa impepho esigodini sendodana kaHinomu , washisa abantwana bakhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.

2 iziKronike 33:6

Wadabulisa abantwana bakhe emlilweni esigodini sendodana kaHinomu , wahlola imihlola, wenza imilingo, wenza amalumbo, wamisa abanamadlozi, nabathakathi, wenza okubi okuningi emehlweni kaJehova, waze wamcunula.

KwabaseRoma 8:29

Ngokuba labo ayebazi ngaphambili wabamisa ngaphambili, bafane nesimo seNdodana yakhe, ukuze yona ibe yizibulo phakathi kwabazalwane abaningi;

NgokukaMathewu 24:30

Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu , bese zikhala izizwe zonke zomhlaba , zibone iNdodana yomuntu iza emafwini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu.

UGenesise 22:13

U-Abrahama waphakamisa amehlo akhe , wabona; bheka, ngemuva yinqama, ibhajiwe esihlahleni ngezimpondo zayo ; u-Abrahama waya wayithatha inqama , wanikela ngayo umnikelo wokushiswa esikhundleni sendodana yakhe.

UJeremiya 19:6

ngalokho bhekani , izinsuku ziyeza , usho uJehova , lapho le ndawo ayisayikubizwa ngokuthi iThofeti noma isigodi sendodana kaHinomu kepha isiGodi Sokubulala.

UJeremiya 32:35

Bazakha izindawo eziphakemeyo zikaBali ezisesigodini sendodana kaHinomu ukuba badabulise amadodana abo namadodakazi abo emlilweni kuMoloki, engingabayalanga ngakho, nokungangenanga enhliziyweni ukuthi bayakusenza lesi sinengiso ukuze bamonise uJuda.

UJeremiya 7:31

Bakhile izindawo eziphakemeyo zaseThofeti ezisesigodini sendodana kaHinomu ukuba bashise amadodana abo namadodakazi ab o ngomlilo , engingakuyalelanga nokungangenanga enhliziyweni yami.

UJeremiya 7:32

Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza, usho uJehova, elingasayikubizwa ngazo ngokuthi iThofeti nesigodi sendodana kaHinomu kepha isiGodi Sokubulala , ngokuba bayakumbela eThofeti, lokhu ingekho enye indawo.

UJoshuwa 15:8

wawusukhuphuka umkhawulo esigodini sendodana kaHinomu ngaseceleni kweJebusi ngaseningizimu , eliyiJerusalema; umkhawulo wenyukela esiqongweni sentaba engaphambi kwesigodi sikaHinomu ngasentshonalanga ngasekugcineni kwesigodi samaRefa ngasenyakatho;

UJoshuwa 18:16

umkhawulo wawusehlela ngasekupheleni kwentaba engaphambi kwesigodi sendodana kaHinomu esiyisigodi samaRefa ngasenyakatho; wehlela esigodini sikaHinomu eceleni kwamaJebusi ngaseningizimu, wehlela e-Eni Rogeli;