"sheshani"
5 occurrences in ZUL
UDavide wayesethi ezincekwini zakhe zonke ezazinaye eJerusalema : Sukani, sibaleke, ngokuba, uma singenzi njalo, akuyikuphunyuka muntu kithi phambi kuka-Abisalomu; sheshani, nimuke, funa asifice masinyane, asehlisele okubi, awuchithe umuzi ngosiko lwenkemba.
U-Abimeleki wenyukela entabeni yaseSalimoni, yena nabantu bonke ababenaye; u-Abimeleki wathatha izembe ngesandla , wagawula igatsha emithini, walithatha, walibeka ehlombe , wathi kubantu ababenaye : Lokho eningibone ngikwenza, sheshani nikwenze njengami.
Sheshani nikhuphuke , niye kubaba , nithi kuye : U the uJosefa indodana yakho: UNkulunkulu ungibeke inkosi yalo lonke iGibithe ; yehla, uze kimi , ungalibali.
kwathi ngesikhathi sokuvalwa kwesango lapho sekumnyama , amadoda aphuma; angazi ukuthi ayaphi lawo madoda ; sheshani niwaxoshe, ngokuba niyakuwafica.
Sheshani nifike nina bezizwe zonke nxazonke , nibuthane, wehlisele khona amaqhawe akho, Jehova.