"sivumelwano"
15 occurrences in ZUL
UBeni Hadadi wayesethi kuye : Imizi ubaba ayithatha kuyihlo ngiyakuyibuyisa, uzenzele izitaladi eDamaseku njengokwenza kukababa eSamariya. U-Ahabi wathi : Ngalesi sivumelwano ngiyakukuvumela ukuba uhambe. Wayesenza isivumelwano naye, wamvumela ukuba ahambe. U-Ahabi usolwa ngumprofethi
Inkosi yema ngasensikeni , yenza isivumelwano phambi kukaJehova ukumlandela uJehova nokugcina imiyalo yakhe , nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngenhlizi yo yonke nangomphefumulo wonke ukuqinisa amazwi alesi sivumelwano alotshwe kule ncwadi; bonke abantu basivuma isivumelwano.
kepha aniyikwenza sivumelwano nabakhe kuleli zwe ; niyakudiliza ama - altare abo. Kodwa anililalelanga izwi lami. Nenzeleni lokho na?
Yilesi sivumelwano engizakusenza nabo , emva kwalezo zinsuku , isho iNkosi: Ngiyakufaka imithetho yami ezinhliziyweni zabo , ngiyilobe engqondweni yabo,
Ngokuba uma leso sivumelwano sokuqala besingasoleki, bekungayikufunwa indawo yesibili.
Awuyikwenza sivumelwano nabo nawonkulunkulu babo.
Ngaleso sikhathi uJehova wahlukanisa isizwe sakwaLevi ukuba sithwale umphongolo we sivumelwano sikaJehova , sime phambi kukaJehova ukumkhonza nokubusisa egameni lakhe, kuze kube namuhla.
Akenzi lesi sivumelwano nalesi sifungo nani nodwa,
Ngalokho gcinani amazwi alesi sivumelwano , niwenze ukuba niphumelele kukho konke enikwenzayo.
UJehova akasenzanga lesi sivumelwano nawobaba , wasenza nathi , yebo, thina esikhona lapha sonke namuhla siphilile.
Ngiyakwenza isivumelwano sokuthula nabo , sibe yi sivumelwano esiphakade nabo; ngiyakubamisa, ngibandise, ngibeke indlu yami engcwele phakathi kwabo kuze kube phakade.
Zwanini amazwi alesi sivumelwano , nikhulume kubantu bakwaJuda nakwabakhileyo eJerusalema,
uthi kubo : Usho kanje uJehova , uNkulunkulu ka -Israyeli: M akaqalekiswe umuntu ongezwa amazwi alesi sivumelwano,
Wayesethi uJehova kimi : Memeza onke lawa mazwi emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema , uthi: Zwanini amazwi alesi sivumelwano , niwenze.
Kepha abalalela, ababekanga izindlebe zabo, kepha bahamba, kwaba yilowo nalowo ngobulukhuni benhliziyo yakhe embi; ngase ngehlisela phezu kwabo onke amazwi alesi sivumelwano engabayala ukuwenza , kepha kabawenzanga.