Skip to Content

"sizukulwane"

31 occurrences in ZUL

AbAhluleli 2:10

Naso sonke leso sizukulwane sabuthelwa koyise ; savela esinye isizukulwane emva kwaso esasingamazi uJeh ova nomsebenzi ayewenzele u - Israyeli.

AmaHubo 12:7

Wena Jehova uyakubagcina , ubavikele ku lesi sizukulwane kuze kube phakade.

AmaHubo 95:10

Iminyaka engamashumi amane nganengwa yileso sizukulwane , ngaze ngathi: Bangabantu abanhliziyo zabo zidukile, abazazanga izindlela zami,

IzEnzo 2:40

Wafakaza nangamanye amazwi amaningi , wabayala wathi : Zisindiseni kulesi sizukulwane esiphambeneyo.

KumaHeberu 3:10

ngalokho nganengwa yileso sizukulwane , ngathi: Bayaduka njalonjalo enhliziyweni yabo, abazazanga izindlela zami,

NgokukaLuka 11:29

Sekubuthana kuye izixuku , waqala ukukhuluma , wathi: Lesi sizukulwane siyisizukulwane esibi; sifuna isibonakaliso, kepha asiyikunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona.

NgokukaLuka 11:30

Ngokuba njengalokho uJona waba yisibonakaliso kwabaseNineve , iNdodana yomuntu iyakuba njalo kulesi sizukulwane.

NgokukaLuka 11:31

Inkosikazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye namadoda alesi sizukulwane , iwalahle; ngokuba yavela emikhawulw eni yomhlaba izakuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni.

NgokukaLuka 11:32

Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle; ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona ; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoJona. Imifanekiso yesibani (Math. 5:15; Mark. 4:21; Luk. 8:16)

NgokukaLuka 11:50

ukuze kubizwe kulesi sizukulwane igazi labaprofethi bonke elachithwa kwasekusekelweni komhlaba,

NgokukaLuka 11:51

kusukela egazini lika -Abela kuze kufike egazini likaZakariya owabulawa phakathi kwe-altare nethempeli . Yebo, ngithi kini : Lizakubizwa kulesi sizukulwane.

NgokukaLuka 17:25

Kepha kuqala imelwe ukuhlupheka ngokuningi, yaliwe yilesi sizukulwane.

NgokukaLuka 21:32

Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke.

NgokukaLuka 7:31

Pho-ke, abantu balesi sizukulwane ngiyakubafanisa nani na ? Bafana nani na?

NgokukaLuka 9:41

UJesu waphendula wathi: O sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani, nginibekezelela, na? Yilethe lapha indodana yakho.

NgokukaMarku 13:30

Ngiqinisile ngithi kini : Lesi sizukulwane asiyikudlula , kungakenzeki konke lokhu.

NgokukaMarku 8:12

Wabubula emoyeni wakhe, wathi: Lesi sizukulwane sifunelani isibonakaliso na? Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikunikwa sibonakaliso.

NgokukaMarku 8:38

Ngokuba yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esiphingayo nesonakeleyo , neNdodana yom untu iyakuba nezinhloni ngaye , lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.

NgokukaMarku 9:19

Waphendula wathi: O sizukulwane esingakholwayo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni kimi.

NgokukaMathewu 11:16

Kepha lesi sizukulwane ngiyakusifanisa nani na ? Sifana nabantwana abahlezi ezigcawini bememeza abanye bethi:

NgokukaMathewu 12:41

Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle; ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona ; bhekani, kukhona lapha okukhulu kunoJona.

NgokukaMathewu 12:42

Inkosikazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, isilahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izakuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni ; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni.

NgokukaMathewu 12:45

Abesehamba-ke, abuye nabanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye , bangene bahlale khona ; kuthi ukugcina kwalowo muntu kuba kubi kunokuqala. Kuyakuba njalo nakulesi sizukulwane esibi. Izihlobo eziyizo zikaJesu (Mark. 3:31; Luk. 8:19)

NgokukaMathewu 17:17

UJesu waphendula wathi : O! sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani na ? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni lapha kimi.

NgokukaMathewu 23:36

Ngiqinisile ngithi kini: Konke lokhu kuyakufika phezu kwalesi sizukulwane.

NgokukaMathewu 24:34

Ngiqinisile ngithi kini : Lesi sizukulwane asiyikudlula kungakenzeki konke lokhu.

U-Eksodusi 1:6

UJosefa wafa, nabo bonke abafowabo, naso sonke leso sizukulwane.

UDuteronomi 1:35

Impela akuyikubona noyedwa walaba bantu balesi sizukulwane esibi izwe elihle engafunga ukubanika lona oyihlo,

UGenesise 7:1

UJehova wathi kuNowa : Ngena emkhunjini , wena nendlu yakho yonke , ngokuba ngikubonile wena ukuthi uqotho phambi kwami kulesi sizukulwane.

UJeremiya 2:31

Wena sizukulwane, bheka izwi likaJehova. Bengiyihlane ku-Israyeli, noma izwe lesigayegaye , na? Basholoni abantu bami ukuthi : S esidlubulundile, asisayikubuyela kuwe, na?

UNumeri 32:13

Intukuthelo kaJehova yabavuthela abakwa -Israyeli, wabazulisa ehlane iminyaka engamashumi amane , saze saphela sonke leso sizukulwane esasenzile okubi emehlweni kaJehova.