Skip to Content

"sochoko"

14 occurrences in ZUL

UDuteronomi 24:8

Xwaya esifweni sochoko ukuba uqaphelisise , wenze njengakho konke abapristi bamaLevi abayakukufundisa khona ; njengokubayala kwami anoqaphela ukwenze njalo.

ULevitikusi 13:2

Nxa kumila esikhumbeni senyama yomuntu idunguza noma utwayi noma ibala elikhanyayo , kuvele esikhumbeni senyama yakhe isifo sochoko , makalethwe ku-Aroni umpristi, noma kwenye yamadodana akhe, abapristi,

ULevitikusi 13:20

umpristi abheke ; uma libonakala lishonile kunesikhumba , uboya balo buphendukile baba mhlophe , bheka, makasho athi ungcolile : kuyisifo sochoko, siqhamukile ethumbeni.

ULevitikusi 13:25

umpristi makalibheke; uma uboya obusebaleni elikhanyayo buphendukile baba mhlophe , libonakala lishonile kunesikhumba , bheka, kuluchoko; luqhamukile esibazini ; khona umpristi uyakusho athi ungcolile ; kuyisifo sochoko.

ULevitikusi 13:27

umpristi ambheke ngosuku lwesikhombisa ; uma landile nokwanda esikhumbeni, umpristi uyakusho athi ungcolile; kuyisifo sochoko.

ULevitikusi 13:3

umpristi abheke isifo esisesikhumbeni senyama ; uma uboya obusebaleni buphendukile baba mhlophe, nanxa ibala libonakala lishonile kunesikhumba senyama yakhe , kuyisifo sochoko ; umpristi uyakumbheka , asho athi ungcolile.

ULevitikusi 13:47

Ingubo esikuyo isifo sochoko , noma yingubo yoboya noma yingubo yelineni,

ULevitikusi 13:49

uma ibala liluhlazana noma libomvana engutsheni noma esikhumbeni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo n oma entweni yesikhumba , kuyisifo sochoko, siyakuboniswa umpristi.

ULevitikusi 13:59

Lowo ungumthetho wesifo sochoko engutsheni yoboya bezimvu noma kweyelineni noma ezintanjeni ez iqondileyo n oma kwezinqamulayo noma entweni yesikhumba wokusho ukuthi kuhlambulukile noma kungcolile.

ULevitikusi 13:9

Nxa isifo sochoko sikumuntu, uyakulethwa kumpristi,

ULevitikusi 14:3

umpristi aphume ekamu , umpristi abheke ; uma isifo sochoko sipholile konochoko,

ULevitikusi 14:32

Lowo ungumthetho wakhe isifo sochoko esikuye , ongenakuphumelela kulokho okuqondene nokuhlambuluka kwakhe. Izindlu ezinochoko

ULevitikusi 14:34

Kuyakuthi lapho senifikile ezweni laseKhanani engininika lona libe yifa lenu, ngifake isifo sochoko endlini yezwe eniliphiweyo,

ULevitikusi 14:54

Lowo ungumthetho wesifo sochoko esiyizinhlobonhlobo nowomuna,