Skip to Content

"sokunene"

60 occurrences in ZUL

1 iziKronike 12:2

Babehlomile iminsalo , besebenzisa isandla sokunene nesokhohlo ekuphonseni amatshe nasekucibisheleni imicibisholo ngomnsalo ; ababe kubafowabo bakaSawule kwaBenjamini kwakuyilaba:

2 uSamuweli 16:6

Wamphonsa uDavide ngamatshe kanye nezinceku zonke zenko si uDavide , bonke abantu nawo onke amaqhawe bengasesandleni sakhe sokunene nangakwesokhohlo.

2 uSamuweli 20:9

UJowabe wayesethi ku -Amasa: Usaphila, mfowethu, na? UJowabe wambamba u-Amasa ngesilevu ngesandla sakhe sokunene ukuba amange.

2 uSamuweli 24:5

Bawela iJordani , bamisa e -Aroweri ngakwe sokunene komuzi ophakathi nesigodi sakwaGadi ngaseJazeri;

AbAhluleli 16:29

USamsoni wayesebamba izinsika ezimbili eziphakathi eyayimi ngazo indlu , wencika kuzo, kwenye ngesandla sokunene, kwenye ngesokhohlo.

AmaHubo 108:6

Ukuze abathandekayo bakho bakhululwe , sindisa ngesandla sakho sokunene, ungizwele.

AmaHubo 109:6

Beka omubi phezu kwakhe ; makume omelene naye ngasesandleni sakhe sokunene.

AmaHubo 121:5

UJehova ungumlondi wakho ; uJehova ungumthunzi wakho ngasesandleni sakho sokunene.

AmaHubo 137:5

Uma ngikhohlwa wena Jerusalema, masizikhohlwe isandla sami sokunene.

AmaHubo 144:11

Ngikhulule, ungophule esandleni sabafokaz i abamlomo wabo ukhuluma inkohliso, nesandla sabo sokunene singesokunene samanga.

AmaHubo 144:8

abamlomo wabo ukhuluma inkohliso , nesandla sabo sokunene singesokunene samanga.

AmaHubo 16:11

Uyakungazisa indlela yokuphila ; ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho; intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade.

AmaHubo 17:7

Bonakalisa isihe sakho esimangalisay o wena osindisa ngesandla sakho sokunene labo abaphephela kuwe kwababahlaselayo.

AmaHubo 18:35

Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho , isandla sakho sokunene singisekele, nobumnene bakho bungikhulisile.

AmaHubo 20:6

Kalokhu ngiyazi ukuthi uJehova uyamsindisa ogcotshiweyo wakhe : esezulwini lakhe elingcwele uyamphendul a ngamandla okusindisa esandla sakhe sokunene.

AmaHubo 44:3

Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga; kepha kwaba yisandla sakho sokunene , nengalo yakho, nokukhanya kobuso bakho, ngokuba wawubathanda.

AmaHubo 45:4

Hlahlameleka ebukhosini bakho , uqhubeke ngenxa yeqiniso nokuthobeka nokulunga; isandla sakho sokunene siyakukufundisa izinto ezesabekayo.

AmaHubo 48:10

Njengalo igama lakho, Nkulunkulu, kunjalo ukubongwa kwakho kuze kube semikhawulweni yomhlaba; isandla sakho sokunene sigcwele ukulunga.

AmaHubo 60:5

Ukuze abathandekayo bakho bakhululwe , sindisa ngesandla sakho sokunene, ungizwele.

AmaHubo 73:23

Kepha mina ngiyakube ngik uwe njalo ; ungibambile ngesandla sami sokunene.

AmaHubo 74:11

Usihoshelani isandla sakho , isandla sakho sokunene, na? Sihoshe esifubeni sakho, uzichithe.

AmaHubo 77:10

Ngase ngithi : Yilokhu ukuhlupheka kwami , ngokuba isandla sokunene soPhezukonke siphendukile.

AmaHubo 78:54

Wabayisa emnceleni wakhe ongcwele, entabeni esasiyizuzile isandla sakhe sokunene.

IsAmbulo 10:5

Ingelosi engayibona imi phezu kolwandle naphezu komhlabathi yayisiphakamisela ezulwini isandla sayo sokunene,

IsAmbulo 13:16

Senza futhi ukuba bonke , abancane nabakhulu, nabacebileyo nabampofu, nabakhululekileyo nabayizigqila, bazibeke uphawu esandleni sabo sokunene noma ebunzini labo

IsAmbulo 1:16

futhi wayephethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene , nasemlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali esika nhlangothi zombili , nobuso bakhe bunjengelanga likhanya ngamandla alo.

IsAmbulo 1:17

Ngathi ukumbona, ngawa ngasezinyaweni zakhe njengofileyo; wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami , ethi: Ungesabi; mina ngingowokuqala nowokugcina,

IsAmbulo 1:20

Imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibonileyo esandleni sami sokunene, nezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide yile : izinkanyezi eziyisikhombisa ziyizingelosi zamabandla ayisikhombisa , nezinti zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa.

IsAmbulo 2:1

Kuyo ingelosi yebandla lase -Efesu loba ukuthi : Nakhu akushoyo ophethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene , ohamba phakathi kwezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide, uthi:

IsAmbulo 5:1

Ngase ngibona esandleni sokunene sakhe owayehlezi esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshiwe ngaphakathi nangaphandle , inamathelisiwe ngezimpawu eziyisikhombisa.

IsAmbulo 5:7

Leza, layithabatha esandleni sokunene sakhe owayehlezi esihlalweni sobukhosi.

IsiLilo 2:3

Yanquma ngokufutheka kolaka lway o zonke izimpondo zakwa -Israyeli, yabuyisela emuva isandla sayo sokunene ebusweni bezitha , yashisa uJakobe ngomlilo wamalangabi odla nxazonke.

IzAga 27:16

Omvimbela yena uvimbela umoya ; isandla sakhe sokunene sihlangana namafutha nje.

IzAga 3:16

Ubude bezinsuku busesandleni sakho sokunene , nakwesokhohlo kukhona ingcebo nodumo.

IzEnzo 3:7

Wayesembamba ngesandla sokunene , wamsukumisa; kwaqina masinyane izinyawo zakhe namaqakala,

KwabaseGalathiya 2:9

bathi ukubona umusa engiwuphiweyo , oJakobe noKhefase noJohane , ababaziswa ngokuthi bayizinsika , banika mina noBarnaba isandla sokunene sokuhlangana ukuba thina siye kwabezizwe, kepha bona baye kwabasokayo,

NgokukaLuka 6:6

Kwathi-ke ngelinye isabatha wangena esinagogeni , wafundisa. Kwakukhona umuntu lapho osandla sakhe sokunene sasishwabene.

NgokukaMathewu 27:29

aluka umqhele wameva , awufaka ekhanda lakhe , nomhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe , ambhinqa athi: Bayede, nkosi yabaJuda!

NgokukaMathewu 5:30

Noma isandla sakho sokunene sikukhubekisa , sinqume, usilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni.

NgokukaMathewu 5:39

Kepha mina ngithi kini : Ningamelani nokubi , kodwa uma umuntu ekumukula esihlathini sokunene, mphendulele nesinye.

U-Eksodusi 15:12

Welula isandla sakho sokunene, umhlaba wabagwinya.

U-Eksodusi 15:6

Isandla sakho sokunene , Nkosi, sidumisekile ngaman dla aso ; esokunene sakho, Nkosi, siyaphahlaza isitha.

U-Eksodusi 29:20

Woyihlaba inqama , uthabathe igazi layo , ulibhece esicutshini sendlebe yokunene ka -Aroni, nasesicutshini sendlebe yokunene yamadodana akhe , nasesithupheni sesandla sabo sokunene, nakuqukula wonyawo lwabo lokunene, ufafaze i-altare nxazonke ngegazi.

U-Isaya 41:10

ungesabi, ngokuba mina nginawe ; ungapheli amandla , ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho ; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza , yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.

U-Isaya 41:13

Ngokuba yimina Jehova uNkulunkulu wakh o obamba isandla sakho sokunene, nothi kuwe: Ungesabi, mina ngiyakusiza.

U-Isaya 45:1

Usho kanje uJehova kogcotshiweyo wakhe, kuKoresi, osandla sakhe sokunene ngisibambile ukuba ngahlule izizwe phambi kwakhe , ngithukulule izinkalo zamakhosi , ngivule iminyango phambi kwakhe , amasango angabe esavalwa.

UDaniyeli 12:7

Ngezwa umuntu owembethe ilineni , owayephezu kwamanzi omfula ; waphakamisela isandla sakhe sokunene nesandla sa khe sokhohlo ezulwini , wamfunga ophila kuze kube phakade ukuthi kuyakuba ngokwesikhathi , nezikhathi, nenxenye, nalapho sebeqedile ukuphohloza amandla abantu abangcwele, zonke lezo zinto ziyakuqedwa.

UGenesise 48:14

U-Israyeli wayeselula isandla sakhe sokunene , wasibeka ekhanda lika - Efrayimi, kanti ungomncane, nesokhohlo ekhanda likaManase , ephambanisa izandla zakhe, ngokuba uManase wayeyizibulo.

UGenesise 48:17

Wabona uJosefa ukuthi uyise wabeka isandla sakhe sokunene ekhanda lika- Efrayimi, kwaba kubi emehlweni akhe ; wasibamba isandla sikayise ukuba asisuse ekhanda lika-Efrayimi, asibeke ekhanda likaManase.

UHabakuki 2:16

Uyakusuthiswa ngehlazo esikhundleni senkazimulo , uphuze nawe , wambule ijwabu, indebe yesandla sokunene sikaJehova siphendulelwe kuwe, kube yihlazo phezu kodumo lwakho.

UHezekeli 39:3

ngishaye phansi umnsalo esandleni sakho sokhohlo, ngiwise imicibisholo yakho esandleni sakho sokunene.

UJeremiya 22:24

Kuphila kwami , usho uJehova , noma uKhoniya indodana kaJehoyakimi , inkosi yakwaJuda , ebe yindandatho esandleni sami sokunene , nokho bengiyakukuhluthula khona,

UJobe 40:14

Khona ngiyakukudumisa nam i ngokuthi isandla sakho sokunene singakusindisa.

UJona 4:11

mina-ke bengingayikulihawukela iNineve , umuzi omkhulu , okukuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, kanye nezinkomo eziningi, na?

ULevitikusi 14:14

Umpristi wothabatha igazi kuwo umnikelo wecala , umpristi alibhece esicutshini sendl ebe yokunene yoyakuhlanjululwa , nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene,

ULevitikusi 14:17

Amafutha aseleyo asesandleni sakhe umpristi uyakuwabheca esicutshini sendlebe yokunene yoyakuhlanjululwa, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene, phezu kwegazi lomnikelo wecala.

ULevitikusi 14:25

ahlabe imvu yomnikelo wecala , umpristi athabathe kulo igazi lomnikelo wecala, alibhece esicutshini sendlebe yokunene yoyakuhlanjululwa , nasesithupheni sesandla sakhe sokunene , nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene;

ULevitikusi 14:28

umpristi athabathe kuwo amafutha asesandleni sakhe, awabhece esicutshini sendlebe yokunene yoyakuhlanjululwa , nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene, endaweni yegazi lomnikelo wecala;

ULevitikusi 8:23

Wayihlaba; uMose wathatha igazi layo , walibheca esicutshini sendlebe yokunene ka -Aroni, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene , nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene.

ULevitikusi 8:24

Wayeseletha amadodana ka -Aroni, uMose walibheca igazi esicutshini sendlebe yabo yokunene, nasesithupheni sesandla sabo sokunene, nakuqukula wonyawo lwabo lokunene; uMose wafafaza i-altare ngegazi nxazonke.