"somnikelo"
9 occurrences in ZUL
Uyakusingcwelisa is ifuba somnikelo wokuzuliswa nomlenze womnikelo wokuphakanyiswa, ozuliswayo nophakanyiswayo , okwenqama yokwahlukaniselwa, okuka-Aroni nokwamadodana akhe;
Kwase kubuthana kimi bonke abathuthumela ngamazwi kaNkulunkulu ka - Israyeli ngenxa yesiphambeko sabathunjwa ; ngahlala ngimangele kwaze kwaba sesikhathini somnikelo wakusihlwa.
Ngesikhathi somnikelo wakusihlwa ngavuka ekuzileni kwami , ingubo yami nejazi lami kuklebhukile , ngaguqa ngamadolo , ngelulela izandla zami kuJehova uNkulunkulu wami,
yebo, ngisakhuluma ngomkhuleko , lowo muntu uGabriyeli engambona embonweni kuqala , endiziswa ngokushesha , wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa.
Uyakugcina umkhosi wamasonto kuJehova uNkulunkulu wakho ngesipho somnikelo wesihle wesandla sakho , oyakusinika njengokubusisa kukaJehova uNkulunkulu wakho,
Lapho ngangibangenise ezweni engaphakamisela isandla sami ukubanika lona, bebona amagquma onke aphakemeyo nayo yonke imithi edumbileyo , bese benikela khona ngemihlatshelo yabo , banika khona isicunulo somnikelo wabo, babeka lapho iphunga labo elimnandi, bathulula khona iminikelo yabo yokuphuzwa.
Anozibalela kusukela kolwangakusasa emva kwesabatha , ngosuku enaletha ngalo isithungu somnikelo wokuzuliswa , kuze kube ngamasabatha ayisikhombisa apheleleyo;
Umpristi onikela ngomnikelo wokushiswa womuntu , isikhumba somnikelo wokushiswa anikele ngawo siyakuba ngesompristi.
Niyakunikela kanjalo imihla yonke kube yizinsuku eziyisikhombisa, isinkwa somnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova ; kuyakunikelwa ngakho kanye nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokuphuzwa.