Skip to Content

"somusa"

34 occurrences in ZUL

1 iziKronike 28:11

UDavide wamnika uSolomoni indodana yakhe isifanekiso sompheme nesezindlu zethempeli , nesengcebo yalo , nesamakamelo alo aphezulu , nesamakamelo alo angaphakathi, nesendlu yesihlalo somusa;

1 kwabaseKorinte 1:7

ukuze ningasilalelwa nasinye isiphiwo somusa , nisahlalele ukwambulwa kweNkosi yethu uJesu Kristu,

1 kwabaseKorinte 7:7

Nokho ngingathanda ukuba abantu bonke babe njengami ; kepha yilowo nalowo unesakhe isiphiwo somusa esivela kuNkulunkulu , omunye kanje , omunye kanje.

2 kuThimothewu 1:6

Ngaleso sizathu ngiyakukhumbuza ukuba uvuse isipho somusa sikaNkulunkulu esikhona kuwe ngokubeka izandla zami.

KumaHeberu 4:16

Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.

KumaHeberu 9:5

phezu kwawo kwakukhona amakherubi enkazi mulo engamele isihlalo somusa, okungenakukhulunywa ngakho ngakunye manje.

Kwabase-Efesu 3:7

engenziwa isikhonzi salo ngokwe sipho somusa kaNkulunkulu engiwuphiwe ngokokusebenza kwamandla akhe.

KwabaseRoma 1:11

Ngokuba ngilangazelela ukunibona ukuze nginabele isipho esithile somusa sokomoya ukuba niqiniswe,

KwabaseRoma 5:15

Kepha isipho somusa asinjengesi phambeko; ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye abaningi bafa , ikakhulu kwavama kwabaningi umusa nesipho sikaNkulunkulu ngomusa wamuntu munye, uJesu Kristu.

KwabaseRoma 5:16

Isipho asinjengokona kwalowo emunye , ngokuba uma ukwahlulela kwaba ngoyedwa kube ngukulahlwa , isipho somusa sona -ke saba ngeziphambeko eziningi kube ngukulungisiswa.

KwabaseRoma 6:23

Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.

U-Eksodusi 25:17

Uyakwenza isihlalo somusa ngegolide elicwengekileyo , ubude baso bube yizingalo ezimbili nenxenye, ububanzi baso bube yingalo nenxenye.

U-Eksodusi 25:18

Uyakwenza amakherubi amabili ngegolide , uwenze ngomsebenzi okhandiweyo ekugcineni kwesihlalo somusa nxazombili,

U-Eksodusi 25:19

ulenze elinye ikherubi ekugcineni ngalapha nelinye ikherubi ekugcineni ngalapha, nenze amakherubi ekug cineni nxazombili , abe kunye nesihlalo somusa.

U-Eksodusi 25:20

Amakherubi ayakwelula amaphiko awo ngaphezulu , amboze isihlalo somusa ngamaphiko awo , abhekane ngobuso ; ubuso bamakherubi buyakubheka isihlalo somusa.

U-Eksodusi 25:21

Uyakusibeka isihlalo somusa phezu komphongolo , ufake e mphongolweni ubufakazi engiyakukunika bona.

U-Eksodusi 25:22

Ngiyakuhlangana nawe khona , ngikhulume nawe , ngiphezu kwesihlalo somusa emkhathini wamakherubi amabili aphezu komphongolo wobufakazi , ngakho konke engiyakukuyala ngakho ukuba ubatshele abantwana bakwa - Israyeli. Itafula lesinkwa sokubukwa

U-Eksodusi 26:34

Wosibeka is ihlalo somusa phezu komphongolo wobufakazi endaweni engcwelengcwele,

U-Eksodusi 30:6

Ulibeke phambi kwesihenqo esingasemphongolweni wobufakazi , ngaphambi kwesihlalo somusa esiphezu kobufakazi , lapho ngiyakuhlangana khona nawe.

U-Eksodusi 31:7

itende lokuhlangana, nomphongolo wobufakazi, nesihlalo somusa esiphezu kwawo, nezimpahla zonke zetende,

U-Eksodusi 35:12

umphongolo nezinti zawo, nesihlalo somusa, nesihenqo seveli;

U-Eksodusi 37:6

Wasenza isihlalo somusa ngegolide elicwengekileyo ; ubude baso babuyizingalo ezimbili nenxenye, nobubanzi baso babuyingalo nenxenye.

U-Eksodusi 37:7

Wawenza amakherubi amabili ngegolide , wawenza ngomsebenzi okhandiweyo ekugcineni kwesihlalo somusa nxazombili,

U-Eksodusi 37:8

elinye ikherubi ekugcineni ngalapha nelinye ikherubi ekugcineni ngalapha ; wawenza amakherubi aba kunye nesihlalo somusa , ekugcineni kwaso ngalapha nangalapha.

U-Eksodusi 37:9

Amakherubi awelula amaphiko awo ngaphezulu , amboza isihlalo somusa ngamaphiko awo , abhekana ngobuso ; ubuso bamak herubi babheka is ihlalo somusa. Itafula

U-Eksodusi 39:35

nomphongolo wobufakazi, nezinti zawo, nesihlalo somusa;

U-Eksodusi 40:20

Wathabatha, wabufaka ubufakazi emphongolweni , wafaka izinti emphongolweni, wabeka isihlalo somusa phezu komphongolo.

U-Isaya 49:13

Jabulani nina mazulu, uthokoze nawe mhlaba, niqhumuke ngokuhlabelela nina zintaba , ngokuba uJehova ududuza abantu bakhe , abe nomusa kwabahluphekileyo bakhe. Isikhathi somusa

U-Isaya 49:8

Usho kanje uJehova , uthi: Ngiyakuphendula ngesikhathi somusa , ngosuku lokusindiswa ngiyakusiza ; ngiyakukulondoloza, ngikubeke ube yisivumelwano sabant u sokubuyisa izw e nokubenza badle amafa achithekileyo,

ULevitikusi 16:13

abeke impepho emlilweni phambi kukaJehova ukuba ifu lempepho lisibekele isihlalo somusa esiphezu kobufakazi, ukuze angafi;

ULevitikusi 16:14

athabathe kulo igazi lenkunzi , afafaze ngalo isihlalo somusa ngasempumalanga ngomunwe wakhe , nangaphambi kwesihlalo somusa afafaze ngegazi kasikhombisa ngomunwe wakhe.

ULevitikusi 16:15

Abesehlaba impongo yomnikelo wesono engenxa yabantu, alethe igazi layo ngaphakathi kwesihenqo , enze ngegazi layo njengalokho wenza ngegazi lenkunzi, afafaze ngalo isihlalo somusa nangaphambi kwesihlalo somusa,

ULevitikusi 16:2

UJehova wathi kuMose : Khuluma ku-Aroni umfowenu ukuba angangeni njalo endaweni engcwele ngaphakathi kwesihenqo ngaphambi kwesihlalo somusa esiphezu komphongolo , ukuze angafi , ngokuba ngiyakubonakala efwini phezu kwesihlalo somusa.

UNumeri 7:89

Nanxa uMose engena etendeni lokuhlangana ukuba akhulume naye , wezwa izwi likhuluma kuye, livela ngaphezu kwesihlalo somusa esisemphongolweni wobufakazi ngaphakathi kwamakherubi omabili; wayesekhuluma kuye.